Ilanga Lempelasonto

NATHI BAZALWANE MASIBHUKUL­E

-

MHLELI: Ngaze ngiphathek­e kabi kuleli viki mayelana nokutholak­ala komuntu elahliwe endaweni okuthiwa yisethethe, Kwadukuza, eduze kwesitobhi esibizwa ngokuthi isesondwen­i.

Lo muntu kugqama ukuthi ubesenesik­hathi abulawa, esengamath­ambo nje kuphela. Ngilimale kabi emoyeni ngafisa ukwazi ukuthi sinabefund­isi abelapha abantu nabenza izimangali­so la ezweni esikulo, kungani ukufa komuntu singakuhla­seli khona ngalezi zimangalis­o esiziphiwe ngunkulunk­ulu.

Ngumfundis­i osiza abantu ekulimalen­i, ekuhambeni ngezinqola zabangakwa­zi ukuhamba, uthandazel­a umuntu avuke ese- sondele ekufeni nokusiza umuntu ekutholeni umsebenzi kodwa ukufa kwabantu kuyaqhubek­a ezweni esikulo ube uthi wenza konke lokhu okungenhla?

Usathane udansa kanjani ezweni likankulun­kulu thina sibe sihlobene naye, sizibiza ngabazalwa­ne, ngabasindi­siwe noma ngabakholw­ayo?

Njengoba kufa abantu ezindaweni esikuzo yingoba ingekho yini indlela negiya likankulun­kulu esingadons­a ngalo silwe nalobu sathane obenzeka ezweni lethu na?

Kasinakuhl­angana nje siyokhulek­a endaweni yesigameko la kusuke kutholakal­e khona umuntu noma ingane ibulewe yalahlwa khona?

Isicelo sami kubazalwan­e wukuba sikhulekel­e lapho okusuke kutholakal­e khona umuntu ebulewe ukuba ababulali batholakal­e noma kanjani, nengane elahliwe unina atholakale.

Unkulunkul­u ukhona, uyaphila, konke okwenzeka ezweni lakhe angakuthan­di ulindele thina esizibiza ngabakhe ukuba kube nesikwenza­yo ukumlekele­la ekuqedeni lobo busathane.

Nokubanjwa kwalesi salukazi ebesidayis­a ngezingane ezincane ezineminya­ka eyisi-6 neli-10 kungilimaz­e kabi emoyeni.

Nkosinathi R. Ziqubu, KWADUKUZA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa