Mawungashaqwa umbuso ngabebhola
BABEQINISILE abadala nxa bethi umuntu ufunda aze afe emhlabeni. Bengihlala ngilizwa likhulunywa buqamama itemu elisematheni kulezi zinsuku lokushaqwa kombuso kwazise kangiyena umuntu obhala kakhulu ngepolitiki ethinta ukubuswa kwezwe.
Nokho licace bha ngesikhathi ngiphenya kafushane ngembangela eholele ekubhuntsheni komqhudelwano idurban International U/19 obekumele ugijinywe ethekwini kusuka ngolwesine esiphuma kulona. Ngithole ukuthi lo mqhudelwano ubhuntshiswe yipolitiki yasebholeni, kunezikhulu zamakilabhu ezisebenzise ama- ndla azo ukuwuguqisa ngamadolo.
Leli temu lokushaqwa kombuso liqale ukuchuma eningizimu Afrika ngenxa yezinsolo zokuthi uhulumeni wakuleli ulawulwa wumndeni wakwagupta okuyinto okuthiwa kumele iphenyisiswe. Nami ngiphakamisa ukuthi kumqoka ukuthi uwillies Mchunu onguNdunankulu wakwazulu-natal nosihle Zikalala ongusihlalo weAfrican National Congress (ANC) esifundazweni, balusukumele udaba lalokho engikubuka kuwukugwinywa komnyango wezemidlalo yidlanzana labaphathi bakanobhutshuzwayo. I-ANC yiyona ehola uhulumeni KwazuluNatal. Nginayo ikhophi yencwadi evela kwisouth African Football Association (Safa) ecacisayo ukuthi umnyango wezemidlalo waKwazulu-natal ukubeke kwacaca ukuthi uzofaka imali kuphela nxa kufakwa namakilabhu ayisi-6 adlala kwipremier Soccer League (PSL) esifundazweni.
Lokhu kulandele ukuthi enye ikilabhu edlala kwipsl iphumele obala ngokuthi ngeke uqhubeke lo mqhudelwano uma ingeyona ingxenye yawo. Lokhu kusho ukuthi umnyango wezemidlalo nomasipala wetheku (abebexhase lo mqhudelwano eminyakeni edlule) balawulwa ngabanikazi bale kilabhu.
Nakhu abanikazi bekilabhu be- kwaze ukusho ukuthi ngeke ube khona umqhudelwano nxa ingekho ikilabhu yabo nangempela wagcina ngokubhuntsha ngoba ingafakwanga. Le nto ebukeka iwukugwinywa kombuso ngosomabhizinisi kumele umacingwane ayilwe ukuze inganembi kabi kuhulumeni awuholayo ngoba kuyacaca ukuthi umnyango wezemidlalo usubanjwe ngobhongwane yizikhulu ezithile zebhola engikholwa wukuthi zifuna ukubona imali yalo mnyango ingena igeleza ukuthuthukisa amabhizinisi azo (amakilabhu).
Ngokwami, lo mqhudelwano ubusiza isifundazwe sonke kodwa usubhuntsha ngenxa nje yokuthi kayimenywanga ikilabhu eyodwa. Bazophuma kuphi abanye othabo Cele nxa umnyango wezemidlalo uvuma ukulawulwa yidlanzana? Ngiyaqaphela nokuthi imiqhudelwano yesibhakela kayisaxhaswa kulo mnyango njengakuqala.
Kangazi noma kuliwa ngqo nezinhlelo ebezisekwe eminyakeni edlule nguntombikayise SibhidlaSaphetha obehola lo mnyango nojames Nxumalo obephethe umkhandlu wetheku.
Silindele ukuthi umchunu akhombise ubuholi kulolu daba ukugeza igama likahulumeni awuholayo ngoba kuhlazeke isifundazwe sonke kubhuntsha lo mqhudelwano ngemizuzu yokugcina.