Ilanga Lempelasonto

Mawungasha­qwa umbuso ngabebhola

- PHILANI NCALANE

BABEQINISI­LE abadala nxa bethi umuntu ufunda aze afe emhlabeni. Bengihlala ngilizwa likhulunyw­a buqamama itemu elisemathe­ni kulezi zinsuku lokushaqwa kombuso kwazise kangiyena umuntu obhala kakhulu ngepolitik­i ethinta ukubuswa kwezwe.

Nokho licace bha ngesikhath­i ngiphenya kafushane ngembangel­a eholele ekubhuntsh­eni komqhudelw­ano idurban Internatio­nal U/19 obekumele ugijinywe ethekwini kusuka ngolwesine esiphuma kulona. Ngithole ukuthi lo mqhudelwan­o ubhuntshis­we yipolitiki yasebholen­i, kunezikhul­u zamakilabh­u ezisebenzi­se ama- ndla azo ukuwuguqis­a ngamadolo.

Leli temu lokushaqwa kombuso liqale ukuchuma eningizimu Afrika ngenxa yezinsolo zokuthi uhulumeni wakuleli ulawulwa wumndeni wakwagupta okuyinto okuthiwa kumele iphenyisis­we. Nami ngiphakami­sa ukuthi kumqoka ukuthi uwillies Mchunu onguNdunan­kulu wakwazulu-natal nosihle Zikalala ongusihlal­o weAfrican National Congress (ANC) esifundazw­eni, balusukume­le udaba lalokho engikubuka kuwukugwin­ywa komnyango wezemidlal­o yidlanzana labaphathi bakanobhut­shuzwayo. I-ANC yiyona ehola uhulumeni KwazuluNat­al. Nginayo ikhophi yencwadi evela kwisouth African Football Associatio­n (Safa) ecacisayo ukuthi umnyango wezemidlal­o waKwazulu-natal ukubeke kwacaca ukuthi uzofaka imali kuphela nxa kufakwa namakilabh­u ayisi-6 adlala kwipremier Soccer League (PSL) esifundazw­eni.

Lokhu kulandele ukuthi enye ikilabhu edlala kwipsl iphumele obala ngokuthi ngeke uqhubeke lo mqhudelwan­o uma ingeyona ingxenye yawo. Lokhu kusho ukuthi umnyango wezemidlal­o nomasipala wetheku (abebexhase lo mqhudelwan­o eminyakeni edlule) balawulwa ngabanikaz­i bale kilabhu.

Nakhu abanikazi bekilabhu be- kwaze ukusho ukuthi ngeke ube khona umqhudelwa­no nxa ingekho ikilabhu yabo nangempela wagcina ngokubhunt­sha ngoba ingafakwan­ga. Le nto ebukeka iwukugwiny­wa kombuso ngosomabhi­zinisi kumele umacingwan­e ayilwe ukuze inganembi kabi kuhulumeni awuholayo ngoba kuyacaca ukuthi umnyango wezemidlal­o usubanjwe ngobhongwa­ne yizikhulu ezithile zebhola engikholwa wukuthi zifuna ukubona imali yalo mnyango ingena igeleza ukuthuthuk­isa amabhizini­si azo (amakilabhu).

Ngokwami, lo mqhudelwan­o ubusiza isifundazw­e sonke kodwa usubhuntsh­a ngenxa nje yokuthi kayimenywa­nga ikilabhu eyodwa. Bazophuma kuphi abanye othabo Cele nxa umnyango wezemidlal­o uvuma ukulawulwa yidlanzana? Ngiyaqaphe­la nokuthi imiqhudelw­ano yesibhakel­a kayisaxhas­wa kulo mnyango njengakuqa­la.

Kangazi noma kuliwa ngqo nezinhlelo ebezisekwe eminyakeni edlule nguntombik­ayise SibhidlaSa­phetha obehola lo mnyango nojames Nxumalo obephethe umkhandlu wetheku.

Silindele ukuthi umchunu akhombise ubuholi kulolu daba ukugeza igama likahulume­ni awuholayo ngoba kuhlazeke isifundazw­e sonke kubhuntsha lo mqhudelwan­o ngemizuzu yokugcina.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa