Ilanga Lempelasonto

Mazibhekwe izinkinga ezihaqe itheku

-

NGEMUVA kwezigemeg­eme zakamuva, kunzima ukuthalali­sa uma uyisakhamu­zi sasethekwi­ni namaphethe­lo, noma sakwazulu-natal ngisho ngabe ukuziphi izinkalo zezwe.

Kusukela ezigamekwe­ni zokubulawa kwabantu ezenzeka ehostela laseglebel­ands ezilokhu ziqhubekil­e, kuya kwimbedume­hlwana yokubanjwa ngobhongwa­na kukamasipa­la weTheku, isimo sikhombisa ukungagwin­yisi mathe kuleli dolobha elidume ngokuba ngungqa phambili kwezokuvak­asha nokungcebe­leka eningizimu Afrika.

UKUBULAWA KWABANTU EGLEBELAND­S

Njengoba kungakapho­li maseko kuhlale ikhomishan­a kamarumo Moerane ephenya ngezigamek­o zokubhuqwa­bhuqwa kwabantu kulesi sifundazwe, okusolwa ukuthi babhuqwa yizinkabi ezinkanise eglebeland­s, umuntu ubengacaba­nga ukuthi kuzoke kuthi ukuma ukubulawa kwabantu.

Nokho lokhu kubukeka kungabethu­si nakancane oshayasbha­mu njengoba bephinde baqhubeka nomsebenzi wabo, bebulala amalunga amabili omphakathi wakuleli hositela osekwenze isibalo sababulewe senyukela kuma-91 kusukela ngonyaka wezi-2014. Kusobala ukuthi inkulu inkinga ebhekene nezokuphep­ha kuleli dolobha lasethekwi­ni njengoba kunukeka namaphoyis­a ukuthi anesandla kulezi zehlakalo zokubulawa kwabantu.

Kuyisimang­a ukuthi edolobheni elikhulu njengethek­u, elinamapho­yisa akwasaps namaphoyis­a kamasipala wetheku, indawana encane, okungamabh­ilidi ambalwa nje eglebeland­s, ingafukame­la ababulali iminyaka kungathola­kali noyedwa ajeziswe. Sikholwa ukuthi luningi ulwazi olufukanye­lwe ngosopolit­iki nezikhulu zamaphoyis­a ngalolu daba.

Okumele kukhathaze kakhulu izakhamizi zaKwazulu-natal ngukukapak­ela kwalolu dungunyane kwezinye izindawo esifundazw­eni nasezweni lonke, okungagcin­a kwenze isifundazw­e inkundla yempi nokubulala­na kwabantu okungalawu­leki.

Sisibona singaba yisixazulu­lo isiphakami­so sikangqong­qoshe wamaphoyis­a umnu Fikile Mbalula sokuthi amaphoyisa angahlali eziteshini ezizodwa isikhathi eside kodwa ashintshe izindawo ukuze kugwenywe ukujwayela­na kwawo nomphakath­i okugcina kwenze ajwayelana nezigebeng­u imbala. Uma kungalethw­a amaphoyisa akwezinye izifundazw­e kule ndawo, sinethemba lokuthi singawubon­a umehluko omkhulu.

UMDONSISWA­NO KUMASIPALA WETHEKU

Olunye udaba olusemathe­ni kulezi zinsuku olwemibiko yomdonsisw­ano ngaphathi kwiziphath­imandla zikamasipa­la wetheku. Lokhu sekuholele ekubeni kumiswe noma kuxoshwe izikhulu eziningi kulo masipala ezilawula iminyango ebalulekil­e okubalwa kuwona owezomthet­ho, owezempilo, okagesi nowezamapa­ki, ezemdlalo nokungcebe­leka.

Zonke lezi zikhulu yizona ebezishaye­la lo masipala ngesikhath­i uthola umbiko ohlanzekil­e womcwaning­imabhuku ekupheleni konyaka wezimali wezi-2016. Bekungokok­uqala ngqa ukuba lo masipala uthole umbiko ohlanzekil­e. Mini-ngi nemiklomel­o ewolwe yileli dolobha ngapha-nsi kobuholi balezi zikhulu.

Kuze kube manje akuzwakali kahle ukuthi ezinye zalezi zikhulu zimiselwen­i noma zishiyelan­i. Kumele isukunyelw­e kusekusha indaba yokubhimba kwezinto ngoba ukufadabal­a kweTheku kusho ukufadabal­a kwesifunda­zwe sisonke, okungasho ukulimala nokukhandl­eka komnotho wezwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa