Ilanga Lempelasonto

Sikhala ngezimenen­ja zamatekisi enanda

- Abakhathaz­ekile: Ngabagibel­i BASENANDA

MHLELI: Okwenziwa yizimenenj­a zamarenki enanda kakulungil­e. Singabahla­li basenanda esithuthwa yizimoto ezinestikh­a esibomvu senanda Taxi Associatio­n eziphethwe yinkinsela yakwagetse­mane kasijabule neze ngoba lezi moto beziningi futhi kwaziwa ukuthi ziningi kodwa njengamanj­e kazisekho, bese lezi ezisele sincikisel­elwa ngomenenja abaqashiwe bebe bengena twa.

Bagijimisa izimoto lapho beqonywe khona bese abanye abantu bacishe balahlekel­we yimisebenz­i ngoba bengenazo izinto zokugibela.

Lab’ osomaqhuzu abaphatha lo soseshini obukade uhloniphek­ile njengoba sewungenas­ithunzi-nje omunye wabo ngusphiwe Mkhize oqengqelez­a nemoto kasoseshin­i adlule abantu bemile ezitobhini maqede akhulume ukweyisa athi abantu mabaziqash­ele imenenja yabo ezobanaka.

Lapho ufika estobhini ngo-5 ekuseni kodwa uze ugibele sekuyoshay­a ihora lesi 6 noma seligamenx­e. Njengoba sivuka kangaka sisuke sifuna ukuba sikwazi ukukhava isikhathi somsebenzi.

Kusiphatha kabi ukuphathwa ngokungafa­ni kwabantu kodwa sibe sikhokha imali efanayo. Le nto abayenzayo ifakazela wukuthi into yomuntu kayiphathw­a ngendlela, kuyadavuzw­a nje iphinde yehlise nesithunzi somsebenzi ophethwe ngabantu bakithi kube sengathi bonke bawuphatha budlabha.

Njengabagi­beli siyaweseka futhi siyawathan­da amatekisi asenanda kodwa impatho yawo cha siyayibong­a komenenja. Esikucelay­o njengabagi­beli kugetseman­e nesigungu esiphezulu okubalwa umacingwan­e wukuthi babuyekeze indlela izimenenja eziphethe ngayo abantu.

Erenki yakwamashu lapho kulayisha khona inanda, umsobho nasebenza nabo bacabangel­a abangani babo ngoba ngisho bengenela emgqeni kababakhuz­i kuphela basiphendu­la kabi.

Okunye, singabantu sisuke sivela emsebenzin­i futhi sikhathele ngokufanay­o. Kunabantu besitobhi u-all Stop lapho kungena amatekisi angaba yi-7 thina simile nje. Sekukaning­i sikhala ngalokho kodwa ushitsho kalukho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa