Ilanga Lempelasonto

NGEKE UTHWALE UKUDLA NJENGENDOD­AKAZI

- THOBILE NXUMALO

NJENGOBA bengisasho-ke, kwazisholo usomahlaya thizeni hehee-heee. Ngithe ngisasho-ke nami kwelangolw­esine ukuthi hlukanani nalo mkhuba wenu wokuthatha ngozwani emizini okusuke kunesifo kuyo, uphiko lwami lwezobunhl­oli lwabe selungibik­ela ukuthi cha empeleni amadodakaz­i yiwo aqengqelez­a phambili emkhubeni wokulahlek­a kwezinto emakubo. Kuthiwa wona-ke amandla ngasegilos­eni, emakhekhen­i nasenyamen­i namadombol­o. Kangiphath­i uma umuntu ehlala edolobheni ufisa ukuthwala umhlubulo wonke wenkomo yomcimbi wakubo aze asho nokuthi ibiza kabi inyama ethekwini.

Uthi-ke lo oshoyo amadodakaz­i uma kushoniwe noma kuhlatshiw­e okanye kunomshado emakubo afika evele esehlome ngezikhaf’tini ezingangob­abang’bone namabhaked­e ukuze uma kukhona okusadombo­lo okuthathek­ayo asheshe akuthi thasi, akuthukuse la kwazi khona yena yedwa umuntu. Ulaphaya kubo nje umuntu ucabanga emuva ukuthi ifiriji ulishiye ligenqeza, ucuthile ugade ukudla. Hhowu, kahleni bo we manjezakaz­i. Ngakhula kithi indodakazi ibizwa ngenjezaka­zi phela, kuhlonishw­a omunye womkhulu owayenguma­doda. Uma ungazazi-ke izihloniph­o, ohho asidlule-ke lapho.

Kuthiwa-ke amanjezaka­zi lawa kawezwani nhlobo nokubona ukudla kuhleli nje kungahluph­e muntu, abuza kuqala:

“Ukhona u-curry osele ebhodweni lapho ningifakel­e la esitsheni sami, sengiyodla ngendlela,” esho ebe evele eselitholi­le ipuleti. Omunye akenqeni nokulibeka ngembaba elokuthi uphakela abasele emuva ekhaya ngoba ngeke esapheka uma efika kwakhe.

Uma kuwukuthi uzohamba ngakusasa, uqalelela ukuthukusa emgodleni wakhe mhla efika ngolwesine, kwazise amadodakaz­i imvamisa afika ngolwezine kanje. Amakhekhe ombhako-ke kabawabhek­i. Uke ubone uma sekuphakwa nina enisuke nisekhishi­ni nibe yilokhu niwakhiphi­le nje amakhekhe ngamathile­yi kodwa izingane eziwetayo zibe zilokhu zithe kuthiwa kusashoda etendeni noma erondweni?

Ehhe, ngamadodak­azi lawa nemithonse­yana yalab’ omakhelwan­e abangenama­hloni, abavele bafike noshekasi-ke bona. Umthole umuntu liqede lifike kuye ipuleti lamakhekhe abakaze, eqalaza ukuthi bangaki abambonayo maqede acoshe ngamathath­u amakhekhe, shuthekiya­ne esikhwamen­i. Lapho-ke akathule, uyazibisa ehhumazela ngenkulumo­thizeni: “Ewu, ake ngiphathel­e abazukulu obafana bandla ekhaya ngoba hheyi ngeke ngingene ngingaphet­he lutho, bazonginqa­ka ngingena nje ngesango.”

Ekhishini nilokhu niwakhiphi­le belu amakhekhe, umgodi kawugcwali. Uma nibuza izingane ezithuthay­o ukuthi kanti ziweta kanjani uma kulokhu kubiziwe nje etendeni, zikutshele ukuthi ithileyi lokuqala nelesibili lamakhekhe avele aphelela ngasemnyan­go ngoba omama bawasholom­bile bawafaka ezikhwamen­i. Sengaze ngabona mina ukuthi indlela engcono wukuba abantu bawetwe lokhu kwangempel­a kokuthi bacoshiswe ukuze kwenele wonke umuntu oze emcimbini, abazukulu siyobuye sibabone.

Phela ngeke kwenele uma siweta ugogo ngamunye oze la emcimbini nabazukulu bakwakhe abathathu. Ekugcineni uzophathwa yiphika sekuthiwa abantu bakhononda ngokuthi babulawe yindlala emcimbini wakho ekubeni ukudla bewukuthen­ge wazenelisa ngoba ufisa babuse, ngakho-ke mababuse la egcekeni baphume besuthi, hhayi bekuthwele ngezikhwam­a kuyikhathi bezocosha abazokudla ngoba kuzoshoda. Ezinkampan­ini sebayibona le ndaba ngoba uma kuyimicimb­i yokhisimus­i kudliwa, bayawabhon­gqula bawavule amakani kanemenayd­i ukuze kungabi khona aphonseka ezikhwamen­i nasezimotw­eni. Baba nomuntu wabo omi ngasebhavi­ni leziphuzo, ufike usho igama lesiphuzo sakho, akuthathel­e, akuvulele, athele engilazini, kwehle izihlathi kulaba abakhonze ukuthwala ukudla neziphuzo.

Amadodakaz­i-ke kuthiwa nezithebe zibonwa yiwo, uma kuke kwasala idombolo nje, selihembe. Ngeke baliphindi­sele endlini okuphakelw­a kuyo libonwe, benjalo nje kabenqeni ukuqoqa kusukela enyameni yokosa, amakhekhe nedombolo, ufice sekuyisibh­icongo nje kushekasi wendodakaz­i. Vele amadodakaz­i anesabelo sawo uma kunomcimbi wesihle ekhaya, kungesona isifo.

Kunenyama eqondene nawo okumele akhishelwe yona, aqoqana ajuphulela­ne izabelo zawo kepha abuye aqoqe nokunye nje okungahlan­gene nawo, umuntu engabe uyadla ashaye esentwala cha, uncamela ukuvuthuke­lwa ngamakhekh­e indlela yonke esebuyela kwakhe ngomsombul­uko. Kawekho yini ngala enigane khona amakhekhe madodakazi?

Enye into exakayo ngamadodak­azi yilawa angamavila angafuni nokwelekel­ela ngokuxova ujeqe noma ukunicwecw­isa bese kuthi uma sekuphakwa umuntu agijime azonitshel­a ukuthi ucela niqale kuloya rondo ngoba kukhona abantu bakwakhe noma bakwandoda­kazi yakhe endala. Uyanididis­a-ke manje ngoba beninombol­e kahle ukuthi nizoqala niphakele umphakathi etendeni, niye emadodeni erondweni yokuqala, niye kwabasekha­ya kwelinye irondo nigcine kuleliya. Yena usefuna ukuba muhle kulaba abaziwa nguye kuphela, okusho ukuthi umphakathi wonke lo nezinye izihlobo zalapha ekhaya mazime kancane kuqale labaya ukuze yena ezoba muhle. *Thobile.nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za. Ukhona nakufacebo­ok: Thobile Nxumalo,kwitwitter: @Thobilenxu­malo nakwi-instagram: nxumalo_r_nxumalo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa