Ilanga Lempelasonto

Ave ngibateket­isa nami abantu

- Samkelo Ngidi-dube, ERICHARDS BAY

MHLELI: Ngisukunyi­swa yinansi indaba oyikhiphe KWILANGA

Langesonto yokuteketi­sa umuntu ongamjwaye­le kangako. Ngicabanga ukuthi le oyishoyo iyaye idalwe wukuthi umuntu ojwayele ukuteketis­a usuke ethanda abantu futhi engumuntu ozikhulule­kele bese ethatha ngokuthi wonke umuntu uzoyithath­a kanjalo le nto yokuteketi­sa.

Ngingomuny­e wabo mina futhi kuyaziphum­ela nkosi yami, kangenzi ngabomu. Okunye wukuthi empilweni ngikakwe ngabantu abayithoko­zelayo indlela yami yokwenza, kusuka emndenini kuya kubangani nakomakhel­wane.

Ngikuthola kulula ukuba ngithi kumuntu:

honey. Uyazi ngisho esitolo bebuza o- cashier ukuthi ngiyawudin­ga yini u- plastic ngiyaye ngithi:

“Ngingawuth­okozela sthandwa sam.” Kodwa-ke nami kukhona umuntu-thizeni owangibeka endaweni yami ngingazang­a ukuthi kanti bese ngisukile. Sasingazan­i kahle, ebuza indawo thizeni edinga imininingw­ane. Kangisazi wathini, ngathi mina:

“Cha akunjalo my angel.” Wavele waphendula ngokuthi “Yeyi, angiyona i- angel yakho, ungalinge nje ungibize ngaleyo nto.” Ngasala ngikhamisi­le-ke Mkhatshwa kodwa kangizange ngiyehle inqola ngoba namanje ngisakwenz­a kwazise kuvele kuziphumel­e.

Kangisayip­hathi-ke eyokunqa- mulela amagama abantu, lapho-ke ngiyinkosi yakhona ngoba umuntu ugcina ebizwa ngengikush­o mina ngimnqamul­ela. Ngino-skoni ogane ubhuti owethulwa ngelikazod­wa kodwa namuhla uwonkewonk­e sewumbiza ngozoe owaqanjwa yimi.

Kube ngabangani esahlangan­a nabo enyuvesi, bazethula ngelikaZak­hona nokhethiwe namuhla naseminden­ini yabo esengibuya kuyo babizwa ngozah nokhethi, kuningi nje. Ngiyakutha­nda sisi wami futhi nengosi yakho ngokunjalo ngiyayilan­dela. Ngifisa akugcine njalo ujehova.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa