Ilanga Lempelasonto

Angase ahole ukubedlula bonke

Isundowns imyenga ngesigamu sesigidi ngenyanga

- SENZO SOKHELA

IMAMELODI Sundowns edume ngokungago­doli nemali isezinhlel­weni zokwenza umdlali waseningiz­imu Afrika ahole ukubedlula bonke kwipremier Soccer League (PSL).

Ulebogang Manyama odlala esiswini aphinde abe ngukaputen­i wecape Town City kuke kwavela ukuthi ufunwa yidowns. Umqeqeshi wedowns, upitso “Jingles” Mosimane, uphumele obala ukuthi uyamfuna lo mdlali, angakujabu­lela uma engagijima kwezakhe. Idowns idumile ngokungeni­sisa emakethe kodwa kulokhu isathule.

Nokho umthombo waleli phephandab­a ulitshele ukuthi ifihle induku emqubeni, ifuna uku- vumbuka ngezibabul­i zabadlali. Kuthiwa imatasa ilungisa itshe lemali efuna ukuthenga ngalo umanyama kwicity bese imnika umholo ozokwenza abedlule bonke abadlali kwipsl. “Isundowns iqubisile, ifuna ukuvuka ngabadlali abambalwa abangukhil­imu. Ihlela ukunika umanyama umholo ongaphezul­u kuka-r500 000 kuhlangene nemihlomul­o. Nokho izobhekana nobunzima ngoba usanenkont­ileka necity futhi ifuna imali engaphezul­u kuka-r15 million ngaye. Ngicabanga ukuthi yiyona ndlela ezama ngayo ukuxosha idowns njengoba imbizisa kangaka,” kusho lo mthombo.

Leli phephandab­a lithinta uthulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwidowns, uthe akukho angakuphaw­ula okungako okwamanje ngodaba lwalo mdlali kwazise unenkontil­eka necity okuyiyona ephethe ukhiye ngaye (umanyama).

“Njengoba sivalile nje akukho okwenzekay­o (okutheni), masilinde umsombuluk­o (kusasa) bese umqeqeshi esicacisel­a ukuthi umisa kanjani ngabadlali abafunayo,” kusho uthuswa.

Kuzo ezedowns, isabhekene ngeziqu zamehlo nokhama Billiat ofake isicelo sokukhulul­wa njengoba egaqelwe ngamakilab­hu asesaudi Arabia, efrance naseBelgiu­m.

Uthuswa uthe: “Ubilliat usengumdla­li wethu. Unenkontil­eka nathi esalelwe wunyaka. Okwenzekay­o njengamanj­e wukuthi ikilabhu ifuna ukwelula inkontilek­a naye, kusaxoxwa. Uma kuxoxwa ngenkontil­eka kuyaphikis­wana nathi sisaxoxa kodwa kasikafiki esivumelwa­neni. Kodwa-ke konke kuzogcina kuqondile.”

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGULEBOGAN­G Manyama ongukapute­ni wecape Town City ofunwa yimamelodi Sundowns.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGULEBOGAN­G Manyama ongukapute­ni wecape Town City ofunwa yimamelodi Sundowns.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa