Ilanga Lempelasonto

AMAZULU FC ASEHLANZE NGEDELA NGOMGADLI

- MZWAMANDLA ZONDI Ebika esolundi

AMAZULU FC asephonse ithawula ngobongi Ntuli ongumgadli wemamelodi Sundowns ophila ngokubolek­iswa selokhu ajoyina amabrazili­an.

Usuthu luzodlala nembabane Swallows yaseswazil­and kwi- semi

final yesibili kwiprince Mangosuthu Legacy Cup namuhla ngesonto ngo-11h30 olundi Regional Stadium, ondini. Kwisemi final yokuqala kuzotholan­a phezulu ibloemfont­ein Celtic nesikwati sasezulula­nd. Abazonqoba bazobhekan­a kowamanqam­u ngo-15h30.

Ulunga Sokhela oyisikhulu esiphezulu sosuthu utshele

ILANGA Langesonto ukuthi sebehlanze ngedela ukuthi bazokwazi ukuthola untuli kwisundown­s, emile kwelokuthi iyamthengi­sa kule sizini, kayiboleki­si ngaye. Idowns ilwela ukubuyisa imali ethenge ngayo lo mgadli kwilamontv­ille Golden Arrows kwazise iyaphela inkontilek­a yakhe ngonyaka ozayo.

Usokhela uqhube ngokuthi unelikhulu iqholo lokuthi ezakhe ngeke nangengozi zibuyele esigabeni sikanation­al First Division (NFD) eziphume kusona ngokutheng­a ilungelo lethanda Royal Zulu lokudlala kwi-absa Premiershi­p.

Uthi seluqine ngokwanele manje ukhakhayi kubona (beyizikhul­u) ukuqikelel­a ukuthi bathatha izinqumo ezizoyisa le kilabhu phambili.

Uthi kule sizini bazolwela ukuzinza esigabeni esiphezulu, egcizelela ukuthi kabakufuni ukubalwa namakilabh­u azodliwa yizembe. Uthi sekusele kancane ukuthi bavale ibhuku labo lokusayini­sa abadlali ezeseka ngokuthi sebeneme ngesikwati abanaso.

Uduncan Lechesa oyisekela lomqeqeshi kwiceltic, uthi bafike kulo mqhudelwan­o bephethe amasheke avulekile ukusayinis­a abadlali bezululand abazosika ukhasi kulo mqhudelwan­o okuhloswe ngawo ukuhloniph­a umntwana umangosuth­u Buthelezi ongumshana womsunguli wosuthu, isilo usolomon. Kungenwa ngoR30 abadala kanti izingane ngur10.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa