1. NGIMSHADE KANJANI UMUNTU ONEZINDLELA EZINGAQONDILE?
PASTOR: Nginonina wengane esengimlobole futhi ngokwendawo yangasekhaya kuyavumeleka ukuba uma usuqalile ukulobola umthathe azohlala kini.
Ngowezi-2015 sixabane ekhulelwe ingane yesibili, kwaze kwaphoqa ukuba ngihlanganise imindeni - owakubo nowakithi - kwathi ngenxa yendlela isimo esasiyiyo sagcina sehlukana, bahamba naye abakubo.
Izinsolo zokuthi akalungile, uyajola, ziqale ekhulelwe ingane yokuqala kodwa ngaba neqiniso lokuthi ingane ngeyami ngoba ngangiya kuye ngiyombona. Kwathi noma sixabana abakithi bangiphoqa ukuba sibuyisane ngoba nabo sebemthandela ikakhulukazi ukuthi uthole ingane yomfana.
Ngabahlonipha naye wavela ewumuntu oseshintshile nosehlonipha kodwa muva nje sengiqalile ukubona izimpawu zokuthi unemikhuba engasile lo muntu yize ngingakaze ngimbhadame ngqo. Ngiqhubeke ngishade ngibe ngisola?
IMPENDULO: ngayo wayezama ukukukhulisa kahle njengentombazane eyayisencane ngaleso sikhathi, manje usukhulile usuyinkosikazi, ngicabanga ukuthi usudinga futhi izeluleko eziqinile ukuze ukwazi ukuthokozela ukuba nomyeni wakho.
Cha dadewethu bakhona odokotela nosonhlalakahle ababhekelelana nesimo obhekene naso. Uma kungenzeka qonda kunoma yimuphi umtholampilo oseduze nawe ubacele ukuba bakuyalele ukuthi ungakuthola kanjani ukwelashwa noma ukwelapheka kule simo obhekene naso. PASTOR: Ngineminyaka eli-12 ngishadile kodwa selokhu ngashada kangemukeleki kulo mndeni. Umyeni wami nguyena yedwa osebenzayo kubafowabo, abanye bayaphuza kakhulu. Umamezala nosisi wasemzini basebenzisa noma yini ukuze mina ngingahlali kahle.
Ngizame konke ukuzenzela ugazi kubo, ngisho ngiholile ngibafakele imali kodwa lutho. Kuthe ngowezi-2014 kwavela ukuthi umyeni wami ukhulelisile ngaphandle, lapho-ke abasemzini bagijima phambili sebethanda lo mnakwethumbumbulu okhulelwe.
Umamezala ubengenqeni ukuyohlala khona inyanga yonke kubo kwalo sisi, ngihletshwe ngibekwe amabala. Umyeni ngamkhulula ngathi makaqhubeke nempilo, sehlukane kepha wakhetha ukuhlukana nalo sisi. Nganquma ukubashayisa ngomoya ngingabe ngisaya emzini nabantwana ngoba kwehlula umyeni eqoqa umndeni ekhuluma nabo ukuthi mabamkhiphe lo sisi ekhukhwini bayenqaba.
Muva nje bayafona bathi asifike ekhaya kuzokhulunywa. Akuvumi kimi ukuba ngiye kanti nomyeni ngapha uyangincenga uthi masihambe sizwe ukuthi bathini. Kwenziwanjani uma kunje? nzani kanti kawenzanga lutho, wukuthi nje kawuhlali kwakho kodwa uhlala kubo uzobampintsha nje layikhaya.
Isixazululo sinye nje dadewethu wukuba uhlale phansi nomnyeni wakho nivumelane ukuthi uma kungathiwa uthando lwenu luyalunga ningahlali ndawonye nabantu abazonixova uthando lwenu. Umuntu akahlale nomuntu athandana naye ngoba wahlala kubo uyongikhumbula ukuthi washo. PASTOR: Kunesono engasenza, kangikutholi ukuphumula emoyeni. Ngalingeka sisaxabene nengangithandana naye ngaleyo nkathi, ngalala nomunye umuntu. Sesibuyelana, ngabona ukuthi kanti ngibuya nje sengikhulelwe, ngathi ngisesulela ngaye isisu wathi kakukwazi ukuthi ngesakhe ngoba sasisebenzisa amakhondomu naye.
Ngahamba busululu ngenxa yokwesaba ngasikhipha isisu. Manje ngiyazisola baba, ngidinga ukubhoboka ngale nto ngoba sengehluleka nawukukhuleka. Ngisize ngeseluleko.
IMPENDULO: Ngiyazwelana nesimo obhekene naso dadewethu sibuhlungu kakhulu futhi sibucayi. Ngunkulunkulu okwazi ukuthethelela umuntu noma enanhloboni yesono njengoba ethi ezwini lakhe uma sizivuma izono zethu uthembekile yena ujehova ukuba asixolele futhi asithethelele ekoneni kwethu.
Yenza kanje dadewethu, zama noma yimuphi umfundisi ohlala kude kunala ohlala khona umbekele udaba ukuthi akuthandazise, ungathandaziswa ngumuntu ohlala la uhlala khona. Lokho kuyokusiza ekubeni namhla esevukwa wukuba ngumuntu, esexoxela abanye abantu kube wukuthi vele uhlala le kude.
Uma usuthandazisiwe dadewethu ukholwe-ke wukuthi unkulunkulu usekuxolele bese ufunda futhi nawe ukuzixolela, uyokhululeka kube sengathi uyingane encane ngaleso sikhathi.
* Kubo bonke abafundi bephephandaba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphendula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhuluma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhulekweni.
Upastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazayo ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.
Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiyela no-myalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhats-app: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithola njalo ngesonto ngo-10h00 ejewish Hall. Uma udinga ama- thumela ISMS ku: 078 419 1024.