ESKHALENI:
KUYADABUKISA ukubona abantu abamnyama okuyibona abalandela kakhulu unobhutshuzwayo waseningizimu Afrika bencamela ukunikela ngempilo yabo ngenxa yokungafuni ukulalela nxa bekhuzwa.
Kubuhlungu ukuthi kugcine kudlule abantu ababili emhlabeni kwalimala abayinqwaba ngenxa yobukhotheni babalandeli abebehambele umdlalo wecarling Black Label Champions Cup ngeledlule phakathi kwe-orlando Pirates ehlulwe yikaizer Chiefs ngo-1-0 wegoli likabernard Parker. Leli goli yilona elisuse isixakaxaka njengoba kumane kwangena lona abantu bafuna ukungena befuhleleka enkundleni.
Kuhlale kugxekwa abadidiyeli bemidlalo nabaqaphi bodweshu uma kunezigameko zalolu hlobo. Nokho-ke kulokhu abestadium Management South Africa banevideo ekhombisayo ukuthi yibona kanye abalandeli abakhombise ubuwula. Abalandeli bahlale benxuswa ukuthi bangasondeli ezinkundleni nxa sekumenyezeliwe ukuthi asethengwe wonke amathikithi.
Bona kabafuni ukukuyeka lokhu njengoba beza ngobuningi bese begcina ngokuthenga amathikithi omgunyathi.
Kule video kuyacaca ukuthi ngabalandeli abebengakufanele ukungena enkundleni abenze lokhu njengoba bebhodloze uthango obekungangenwa kulona bayeka izintuba ezivumelekile zokungena abalandeli.
Yini esuke iyinkinga ngokubuka ibhola kumabonakude nxa ungenalo ithikithi? Imidlalo emikhulu kuleli iboniswa bukhoma kwisupersport nakwisabc, ngakho-ke kasikho isidingo sokuthi umuntu ongenalo ithikithi ayophithizela ngaphandle kwenkundla bese egcina ngokufuna ukungena ngenkani.
Bekungaba kuhle ukuthi kube nomshini wokuhlola utshwala kubalandeli ngaphambi kokungena enkundleni ngoba yibona obunomthelela omkhulu ezigamekweni zalolu hlobo. Ngikuqaphelile ukuthi iningi labalandeli belingena lingakwazi ngisho ukuhamba kahle enkundleni. Abanye baphume sebethwele kucaca ukuthi bazovuka ngakusasa babuze ukuthi uphele ngamagoli amangaki um-dlalo.
Yisimo esingavumelekile lesi okumele sisukunyelwe. Nabalandeli abagajwa yinjabulo noma abahlulwa wukulawula ukudinwa kwabo bese befuhleleka ngaphakathi enkundleni, iningi labo lisuke licwile kakhulu ezinkambeni zikafaro.
U-arthur “10111” Zwane ololonga isikwati sechiefs semultiChoice Diski Challenge (MDC), uthe kufikisela ngamahloni ukuba ngumuntu wakuleli uma abantu abampisholo behlulwa wukukhula ngalolu hlobo. Uzwane ubedangele kusongwa imidlalo YESAB League ngeledlule esoweto ngenxa yalesi sigameko.
Naye ugxeke kakhulu ukuphuzwa kotshwala ngaphambi kokuqala kwemidlalo emikhulu.
Okunye okungasiza ukugwema lezi zigameko wukuthi umthetho