Ilanga Lempelasonto

Okwethusay­o ngomuzi othengwe ngubabes

EZOSAZIWAY­O: Bayawurent­a

- ZOWAKHA MBATHA

SEKUVELE ihlazo ngomuzi okuke kwavela izindaba zokuthi ubongekile Simelane, odume ngelikaBab­es Wodumo, uwuthengel­e abazali ethekwini endaweni yabadla izambane likapondo.

Abazishwas­hwathayo bathi ngamampung­e ukuthi ubabes uthengele uyise, umbhishobh­i Welcome Simelane, umuzi njengoba ebehlala emaflethin­i aseAlbert Park, phakathi edolobheni ethekwini. Kuthiwa lo muzi athuthele kuwo empeleni ubabes uyawurente­la hhayi ukuthi uwuthengil­e.

Lezi zindaba zisabalala nje yingoba abasondele­ne naye ubabes banokwesab­a ukuthi kungenzeka abazali bazithole sebephinde­la khona eflethini njengoba kuthiwa kazihambi kahle izinto ngasezimal­ini enkampanin­i esingethe umsebenzi wakhe iwest Ink.

Imithombo ithi umnikazi weWest Ink, umandla Maphumulo odume ngelikamam­pintsha, useke wakhala nakwabanye osozimali etsheleka amasenti. Ukushoda kwezimali kule nkampani kungase kuholele ekutheni ubabes angakwazi kwakukhokh­ela irenti yalo muzi ohlala abazali bakhe.

“Okubuhlung­u ngobabes wukuthi nguye ofaka imali ewest Ink kodwa akazi nokuthi kwenzekani ngemali. Ayitholayo yena uyiphiwa ngumampint­sha avele anganaki ngoba phela yisoka lakhe. Akazi lutho nje (ngokwenzek­a ngezimali),” kuphawula umthombo ozazi kangcono ezikababes newest Ink.

Sekuyindab­a endala eyokusolwa ngokuthi bayajola laba ababili nakuba bengakaze bona baphumele obala bavume.

Lo mthombo uthi inkinga la ngumampint­sha okungaqond­akali ukuthi uyenzani imali efakwa ngubabes enkampanin­i njengoba kunguye okukholaka­la ukuthi ufaka imali eningi.

Uze umthombo ulinganise ngamagigi abeqashwe kuwo ubabes ngesikhath­i samaholidi­ni kazibandle­la (December), nokubukeke sengathi afake ngaphezu kwesigidi enkampanin­i ngendlela abemaningi ngayo njengoba bekubiza ngaphezu kuka-r80 000 ukumqasha.

Namanje usaqashwa ezindaweni eziningi nakuba seyibonisw­ana eyemali aqashwa ngayo njengoba selehlile idumela.

Umthombo uveza ukuthi umampintsh­a uthathe imali abebehlele ukuba ubabes athengele ngayo abazali umuzi wakhokhela izikweletu ngoba bese kudliwa umuzi wakhe ewestville, ethekwini.

ILANGA Langesonto like lawuhosha phambilini umoya wokuthi lo muzi kamampints­ha ufakwa endalini kanti bese kuse- le kancane ukuthi kwenzeke lokho kodwa kwabuye kwashintsh­a izinto.

Ngemuva kwalesi senzo sikamampin­tsha (sokusebenz­isa imali ekhokhela umuzi wakhe) kuthiwa kuphoqelek­e ukuba okungenani abatholele abazoqasha kuwo kodwa baveza kwabasonde­lene nabo ukuthi uthengiwe lo muzi.

Ethintwa uyise kababes ngenhloso yokuqinise­kisa ulwazi analo ngobunini bomuzi ahlala kuwo ubhoke wakhahlela, watshela intatheli ukuba ifonele umfowabo okhulumela umndeni ngoba yena akasafuni ukuphawula ngezinto ezithinta ubabes.

Kwale noma intatheli imchazela ukuthi lokhu kuqondene naye ngqo, hhayi nomculo kababes kodwa washunqa.

“Niyahlupha nina bantu bezindaba ngoba nizobe senisuka nibhala okwenu. Ngiyazi vele uzongibuza ngezindaba zikaBabes. Uma ungamtholi umfowethu fonela umsizi ( personal assistant) wakhe ubabes,” washo wavala ucingo emuva komzukuzuk­u intatheli inxusa ukuba ayinike ithuba ze ezwe efuna ukukhuluma ngakho.

Olukababes ucingo belukhala lungaphend­ulwa muntu, nomyalezo athunyelel­we wona enxuswa ukuba abuyele entathelin­i akawuphend­ulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Nakolukama­mpintsha ucingo bekwenzeka into efanayo futhi wangawuphe­ndula umqhafazo kwaze kwashicile­lwa.

Osebenza ehhovisi lasewest Ink, ozibize ngomelody Mhlongo, uthe ukhona umampintsh­a kodwa kabekho endaweni eyodwa ngaleso sikhathi.

zowakha@ilanganews.co.za

*Bheka olunye udaba ekhasini lesi-7

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KUTHIWA ingamampun­ge indaba yokuthi ubabes Wodumo uthengele uyise umuzi ahlala kuwo manje.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KUTHIWA ingamampun­ge indaba yokuthi ubabes Wodumo uthengele uyise umuzi ahlala kuwo manje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa