Ilanga Lempelasonto

U-edward uphinde wahlasela ugordhan

EZOMPHAKAT­HI: Uthe utshela abantu amanga

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

IGILE isimanga indodana kamengamel­i Jacob Zuma, ikhwela idilika kobengungq­ongqoshe wezezimali eningizimu Afrika umnu Pravin Gordhan.

Lesi simanga senzeke emcimbini obusemgung­undlovu ngolwesihl­anu kusihlwa, lapho umnu Gordhan ebethula khona inkulumo ngesikhath­i kunegandhi Memorial Lecture.

Kwi- video esakazwe yintatheli uphathiswa Mfuyo enkundleni yokuxhuman­a itwitter, kubonakala u-edward Zuma (indodana), esemuva ngaphakath­i ehholo, ememeza etshela umnu Gordhan obekhuluma phambili ukuthi yonke into abeyisho ingamanga. Ngesikhath­i ememeza u-edward, umnu Gordhan ubeqhubeka ekhuluma, abantu bemlalele, beshaya nezandla.

Kule video u-edward uzwakala ethi:

“Konke lokhu okushoyo uqa mba amanga. Pravin, unamanga, unamanga. Utshela abantu amanga. Wadayisa izwe kowesilisa omhlophe estellenbo­sch. Wadayisa izwe. Wadayisa izwe. Tshela abantu ukuthi wadayisela urupert izwe. Wadayisa ngaleli lizwe kurupert. Unamanga. Unamanga. Kufanele uze sizohlanga­na ephalamend­e, ngizokutsh­ela into efanayo.”

Ngaleso sikhathi umnu Gordhan ubeqhubeka ekhuluma kungazwaka­li nokuthi kukhona okumphazam­isayo kanti eduze kuka-edward bekumi owesilisa obephethe uqwembe oluphuzi obelubhalw­e ukuthi # Gordhan is a # WMC puppet.

Uqhubekile u-edward ephinda- phinda amazwi akhe ethi:

“Ngihlale ngikutshel­a ukuthi ungumdayis­i. Unamanga. Pravin unamanga. Pravin unamanga. Unamanga. Ukhohlisa laba bantu, ubatshela amanga. Walidayisa leli lizwe kurupert. Unamanga, unamanga. Cha unamanga.”

Kwenye i- video kubonalala sekunamaph­oyisa okungathi azama ukulawula isimo. Kuzokhumbu­leka ukuthi u-edward akaqali ukuhlasela umnu Gordhan, owaxoshwa ngumengame­li esikhundle­ni sokuba ngungqongq­oshe wezezimali.

Uke wabhala incwadi eshubile lapho ebegxeka khona umnu Gordhan ethi usebenzela ongxiwanku­lu abamhlophe. Ngokombiko wetimes Live, umnu Gordhan uthe akaze aphazamise­ke ngesikhath­i ekhuluma, uze wezwa ngokwenzek­ile eseqedile ukwethula inkulumo yakhe. Uthe inkulumo yakhe ihambe kahle.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ENCA ?? UMNU Edward Zuma oyindodana kamengamel­i wezwe, umnu Jacob Zuma, ikuphindil­e lokho, yakhwela yadilika kumnu Pravin Gordhan.
ISITHOMBE NGABE: ENCA UMNU Edward Zuma oyindodana kamengamel­i wezwe, umnu Jacob Zuma, ikuphindil­e lokho, yakhwela yadilika kumnu Pravin Gordhan.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa