UZOSIPHULA LONKE UKHULA EMNYANGWENI WEZOLIMO
UFUNGA uyagomela ungqongqoshe wezolimo Kwazulu Natal, umnu Themba Mthembu, ukuthi uzosiphula zonke izingxabo zenkohlakalo emnyangweni wakhe, aphinde asebenzele ukuhlomulisa abalimi abaxakekile kungakhathalekile ukuthi bakumaphi amazinga empilo.
Umnu Mthembu wenze lesi siqinisekiso ebize isithangami sabezindaba ethekwini emuva kokuvela kwezindaba zokuxoshwa ngesonto eledlule kukamnu Mbuyiseni Mathonsi obeyinhloko yehhovisi likangqongqoshe, kulo mnyango.
Imibiko ithe umnu Mathonsi uxoshwe ngoba kube khona ukushayisana phakathi kwakhe noNgqongqoshe umnu Mthembu.
Ekhuluma kulesi sithangami umnu Mthembu uthe ngeke angene shi odabeni lokuxoshwa kukaMnu Mathonsi njengoba udaba lusezandleni zabomthetho.
Ufundele izintatheli isinqumo senkantolo yezisebenzi mayelana nesicelo sikamnu Mathonsi esiphuthumayo abesifake kule nkantolo sokuba avumeleke ukungena ehhovisi lakhe, inkantolo isichithile. Ube esephawula ngezinhlelo zomnyango wakhe zentuthuko yomphakathi. “Sizama ukuba sihlomulise bonke abantu bemikhakha eyahlukene emnyangweni wethu. Sinohlelo lokuhambela omama nabalimi abancane emakhaya sibahlomise bahlomule emnothweni wezwe. Ngisho nalaba abadayisa amadumbe kuhle bafukulwe,” kubeka umnu Mthembu.
Umnu Mthembu uthe kuyadabukisa ukuzwa ukuthi abantu abayizi-30.4 million eningizimu Afrika baququdwa wubuphofu. Kuthiwa iningi labo lihola imali engaphansi kuka-r 992 ngenyanga.
“Abesifazane, izingane, nabadala kuthiwa yibo abathwele kanzima, kanti bathi ikwazulu Natal ilele isithathu kwezintulayo ekubeni amaphesenti angama-26 abantu abaphila ngesibonelelo sikahulumeni.
“Lezi zibalo zisithweswa umthwalo wokuba sisebenze kanzima ukuzishintsha silwe nobu- phofu. Ngeke sivume ukuhudulelwa ezimpini zabantu abafuna kunakwe izindaba zabo, sisuse amehlo ethu ekuletheni izinsiza emphakathini,” kubeka umnu Mthembu.
Umnu Mthembu wethembise ukulusukumela udaba lwezokuxhumana nomphakathi emnyangweni wakhe wathi njengoba esengumafikizolo kuwo usezibuze kaningi ngentululwane yezingcingo zabantu bemfonela befuna usizo, wazibuza ukuthi kazi kwenziwa yini njengoba amagatsha alo mnyango egcwele isifundazwe sonke.
“Mina ngiyafika kulo mnyango ngakho ngisahamba ngibuza ukuthi izinto zihamba kanjani kuwo, abanye abakuthandi lokho. Ngeke ngingabuzi uma kunombiko wokuthi kwakhiwe amapitsi amanzi ngezizumbulu zezimali okuthi uma ngiyowabheka ngingawafici,” kuphetha umnu Mthembu. knowledge.simelane@ilanganews. co.za