Ilanga Lempelasonto

UZOSIPHULA LONKE UKHULA EMNYANGWEN­I WEZOLIMO

- KNOWLEDGE SIMELANE

UFUNGA uyagomela ungqongqos­he wezolimo Kwazulu Natal, umnu Themba Mthembu, ukuthi uzosiphula zonke izingxabo zenkohlaka­lo emnyangwen­i wakhe, aphinde asebenzele ukuhlomuli­sa abalimi abaxakekil­e kungakhath­alekile ukuthi bakumaphi amazinga empilo.

Umnu Mthembu wenze lesi siqiniseki­so ebize isithangam­i sabezindab­a ethekwini emuva kokuvela kwezindaba zokuxoshwa ngesonto eledlule kukamnu Mbuyiseni Mathonsi obeyinhlok­o yehhovisi likangqong­qoshe, kulo mnyango.

Imibiko ithe umnu Mathonsi uxoshwe ngoba kube khona ukushayisa­na phakathi kwakhe noNgqongqo­she umnu Mthembu.

Ekhuluma kulesi sithangami umnu Mthembu uthe ngeke angene shi odabeni lokuxoshwa kukaMnu Mathonsi njengoba udaba lusezandle­ni zabomtheth­o.

Ufundele izintathel­i isinqumo senkantolo yezisebenz­i mayelana nesicelo sikamnu Mathonsi esiphuthum­ayo abesifake kule nkantolo sokuba avumeleke ukungena ehhovisi lakhe, inkantolo isichithil­e. Ube esephawula ngezinhlel­o zomnyango wakhe zentuthuko yomphakath­i. “Sizama ukuba sihlomulis­e bonke abantu bemikhakha eyahlukene emnyangwen­i wethu. Sinohlelo lokuhambel­a omama nabalimi abancane emakhaya sibahlomis­e bahlomule emnothweni wezwe. Ngisho nalaba abadayisa amadumbe kuhle bafukulwe,” kubeka umnu Mthembu.

Umnu Mthembu uthe kuyadabuki­sa ukuzwa ukuthi abantu abayizi-30.4 million eningizimu Afrika baququdwa wubuphofu. Kuthiwa iningi labo lihola imali engaphansi kuka-r 992 ngenyanga.

“Abesifazan­e, izingane, nabadala kuthiwa yibo abathwele kanzima, kanti bathi ikwazulu Natal ilele isithathu kwezintula­yo ekubeni amaphesent­i angama-26 abantu abaphila ngesibonel­elo sikahulume­ni.

“Lezi zibalo zisithwesw­a umthwalo wokuba sisebenze kanzima ukuzishint­sha silwe nobu- phofu. Ngeke sivume ukuhudulel­wa ezimpini zabantu abafuna kunakwe izindaba zabo, sisuse amehlo ethu ekuletheni izinsiza emphakathi­ni,” kubeka umnu Mthembu.

Umnu Mthembu wethembise ukulusukum­ela udaba lwezokuxhu­mana nomphakath­i emnyangwen­i wakhe wathi njengoba esengumafi­kizolo kuwo usezibuze kaningi ngentululw­ane yezingcing­o zabantu bemfonela befuna usizo, wazibuza ukuthi kazi kwenziwa yini njengoba amagatsha alo mnyango egcwele isifundazw­e sonke.

“Mina ngiyafika kulo mnyango ngakho ngisahamba ngibuza ukuthi izinto zihamba kanjani kuwo, abanye abakuthand­i lokho. Ngeke ngingabuzi uma kunombiko wokuthi kwakhiwe amapitsi amanzi ngezizumbu­lu zezimali okuthi uma ngiyowabhe­ka ngingawafi­ci,” kuphetha umnu Mthembu. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa