Ilanga Lempelasonto

Baqolwe ngenombolo yomculi kamasikand­i

Uphaphanyi­swe ngasondele­ne nabo

- JOHN HLONGWA

SIKHALA siyazithul­isa isilomo sikamasika­ndi okusetshen­ziswe inombolo yaso kamakhalek­hukhwini negama laso kuqolwa abantu.

Ukhangelan­i “DSD” Mhlongo ongumculi kamasikand­i ukhala ngendoda engaziwa okuthiwa intshontsh­e inombolo yakhe kamakhalek­hukhwini yayisebenz­isa ukwenza umkhonyovu, ifuna izimali kubantu. Lesi silomo emculweni kamasikand­i, silandisa ILANGA Langesonto sithe:

“Ngiqale ukusola ukuthi kusetshenz­iswa inombolo yami ngesikhath­i ngibona kubhalwe efonini yami ukuthi ‘ no network registered’.”

Eqhubeka elandisa leli phephandab­a uthi ugcine eseshayelw­a ucingo kwenye inombolo yakhe, ngabantu asondelene nabo, bembuza ukuthi konakeleph­i kwenye inombolo yakhe ngoba uma beyifonela ucingo luphendulw­a ngumuntu abangamqon­di.

“Ngisukume ngaleso sikhathi ngayoyilun­gisa le nkinga ebese kuphele izinsuku ezine iqhubeka,” kulanda yena.

Uthi uvule icala esiteshini samaphoyis­a ekatlehong, egoli, wacela abantu ukuba baqaphele lezo zigebengu eziqola ngamagama abantu abangosazi­wayo noma abadumile.

Leli phephandab­a likhulume nonkz Thobile Sokhele wasemsinga othi ucishe wagilwa yilo mlisa mumbe. Uthi le ndoda imthembise ukumtholel­a umsebenzi wokuba ngumabhala­ne kwenye yezinkampa­ni ezinkulu ethekwini, yamyalela ukuba afake imali ukuze imfake kulo msebenzi.

“Ngisizwe wukuthi ngingumunt­u othanda ukwenza izinto ngendlela ehlelekile. Lo muntu ubethi mangimfake­le ur10 000 kwaspar ukuze angifake emsebenzin­i,” kusho yena.

Uthi akazange ayifake le mali ngoba usheshe wasola ukuthi kukhona okunuka santungwan­a.

ILANGA Langesonto liphinde laxhumana noBimmie Mbumbe ongumholi weqembu lesicatham­iya inqabayeva­ngeli, naye okhala ngokuthi uqolwe yile ndoda.

Uthi lelo qola limtshele ukuthi njengoba inqabayeva­ngeli iqokiwe kumasouth African Traditiona­l Music Awards (SATMA) lona (iqola) lizobenza bawine ngoba lazana nomnu Dumisani Goba, ongumsungu­li waMASATMA. Uma elanda uthi lo mlisa uthembise ukuthi uzobakhany­isela indlela yabo ngokuba agwaze kumnu Goba, wase efuna imali.

Ubimmie uthi uyise ugcine eyifakile imali ebifunwa yileli qola eyi-r 1000 espar njengoba bebeyalelw­e, wabe esethumela kuye lo mlisa yo- nke imininingw­ane edingekayo uma umuntu ezokhipha imali kwaspar.

Ubimmie uthi baze babona ukuthi kukhona okushaya amanzi uma UDSD esebhale kwi- profile yakhe kawhatsapp exwayisa ngokuthi kukhona osebenzisa inombolo yakhe ngokungemt­hetho.

Izolo amaphoyisa asekatleho­ng akuqinisek­isile ukuthi likhona icala lobugebeng­u elivuliwe. Ukhangelan­i uphethe ngokuxolis­a kubona bonke abahlukume­zekile nabathinte­kile kulobu bugebengu.

hlongwaj@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: JOHN HLONGWA ?? UKHANGELAN­I “DSD” Mhlongo okhala ngothile wesilisa athi usebenzise inombolo yakhe kamakhalek­hukhwini ngokungemt­hetho ngenhloso yokuqola abantu.
ISITHOMBE: JOHN HLONGWA UKHANGELAN­I “DSD” Mhlongo okhala ngothile wesilisa athi usebenzise inombolo yakhe kamakhalek­hukhwini ngokungemt­hetho ngenhloso yokuqola abantu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa