Uzibiza ngenkunzi nenkosi yasesteji umamillion
USUSE ukushisa umamillion (Jacob Mtsheleni Mabaso) ( osesithombeni) wodumo lwengoma ingen’enganeni emcimbini wokuvala ukugubha inyanga yabesifazane eglencoe esithembile Sports Grounds ememezela ukuthi akanqeni noyedwa umculi, waze wabiza abanye ngamagama. Umamillion ugqame ngale ngoma aseyenze kabusha nomsakazi wegagasi FM umzo “Mzokoloko” Gumede. Kulo mcimbi obuhlelwe wumasipala wasendumeni ILANGA LangeSonto elibone ivideo yawo unxusa omasipala ukuba bahlukane nokuthi makasheshe afike emcimbini ukuze acule kuqala kusekhona abantu.
Uthi ezindaweni abizwa kuzo yena nguye inkunzi ngakho-ke noma bangacula kuqala laba okuthiwa bayesatshwa yena akanankinga ngoba abantu basuke beze kuye, bazolinda yena.
Uze azibize nangenkosi yomculo nokuyinto eyaziwayo ukuthi ilwelwa kakhulu ngabaculi bakamasikandi.
“Inkosi yomculo ngumamillion, ningangifikisi-ke ekuseni. Akuyona inkinga yami ukungazethembi kwabanye abaculi. Uma ungekho strong dlalela le kude, ungasondeli eduze kwethu. Akekho engisaba ukungena emuva kwakhe, uma wesaba wena fika kuqala bengakangeni omamillion ngoba usuke usuzophela-ke umcimbi njengoba uzophela namanje,” esho izihlwele ebezigcwele itende zinanela ngomklikizo nehlombe. Esexoxa NELANGA Langesonto lo mculi oqokwe KUMASATMA anonyaka uthi ubengaqondile indelelo kubaculi abathize kodwa ubekhuluma ngesimo nje esenzekayo zikhathi zonke uma kuyoculwa bukhoma esteji. “Ngisho nangesikhathi kusekhona umtshengiseni, emicimbini esasimenywa kuyo kwakuvala mina. Lokhu bengikushiswo wukuthi omasipala banokusiqasha bathi masifike ekuseni ekubeni uyocula sekuyoshona ilanga. Mina anginankinga namculi ngoba abaningi badume ngamagama nje kuphela kodwa esteji bayazi nabo ukuthi bayizingane. Yimi kuphela ovele angene esteji engenabadansi kodwa ngenze izimanga, yingakho nomntwana waKwaphindangene engikhonze kangaka. Asandile namaduku akhe esenginawo angipha wona,” kusho lo mbhemu. Kuzokhumbuleka ukuthi sigcina ukukhuluma naye ngolwezi (November) wonyaka odlule wayethe usenamathathu ngoba njalo uma ecula ezululand kukhona umntwana, ugoduka neduku. Nakuwo lo mkhakha webest Mbaqanga Album KUMASATMA abanga kuwo nosphamandla Masondo, Abakhwekazi nobonani Mhlongo uthi nguye ingqwele, akesabi muntu ngomculo.