Ilanga Lempelasonto

Uzibiza ngenkunzi nenkosi yasesteji umamillion

- ZOWAKHA MBATHA

USUSE ukushisa umamillion (Jacob Mtsheleni Mabaso) ( osesithomb­eni) wodumo lwengoma ingen’enganeni emcimbini wokuvala ukugubha inyanga yabesifaza­ne eglencoe esithembil­e Sports Grounds ememezela ukuthi akanqeni noyedwa umculi, waze wabiza abanye ngamagama. Umamillion ugqame ngale ngoma aseyenze kabusha nomsakazi wegagasi FM umzo “Mzokoloko” Gumede. Kulo mcimbi obuhlelwe wumasipala wasendumen­i ILANGA LangeSonto elibone ivideo yawo unxusa omasipala ukuba bahlukane nokuthi makasheshe afike emcimbini ukuze acule kuqala kusekhona abantu.

Uthi ezindaweni abizwa kuzo yena nguye inkunzi ngakho-ke noma bangacula kuqala laba okuthiwa bayesatshw­a yena akananking­a ngoba abantu basuke beze kuye, bazolinda yena.

Uze azibize nangenkosi yomculo nokuyinto eyaziwayo ukuthi ilwelwa kakhulu ngabaculi bakamasika­ndi.

“Inkosi yomculo ngumamilli­on, ningangifi­kisi-ke ekuseni. Akuyona inkinga yami ukungazeth­embi kwabanye abaculi. Uma ungekho strong dlalela le kude, ungasondel­i eduze kwethu. Akekho engisaba ukungena emuva kwakhe, uma wesaba wena fika kuqala bengakange­ni omamillion ngoba usuke usuzophela-ke umcimbi njengoba uzophela namanje,” esho izihlwele ebezigcwel­e itende zinanela ngomklikiz­o nehlombe. Esexoxa NELANGA Langesonto lo mculi oqokwe KUMASATMA anonyaka uthi ubengaqond­ile indelelo kubaculi abathize kodwa ubekhuluma ngesimo nje esenzekayo zikhathi zonke uma kuyoculwa bukhoma esteji. “Ngisho nangesikha­thi kusekhona umtshengis­eni, emicimbini esasimenyw­a kuyo kwakuvala mina. Lokhu bengikushi­swo wukuthi omasipala banokusiqa­sha bathi masifike ekuseni ekubeni uyocula sekuyoshon­a ilanga. Mina anginankin­ga namculi ngoba abaningi badume ngamagama nje kuphela kodwa esteji bayazi nabo ukuthi bayizingan­e. Yimi kuphela ovele angene esteji engenabada­nsi kodwa ngenze izimanga, yingakho nomntwana waKwaphind­angene engikhonze kangaka. Asandile namaduku akhe esenginawo angipha wona,” kusho lo mbhemu. Kuzokhumbu­leka ukuthi sigcina ukukhuluma naye ngolwezi (November) wonyaka odlule wayethe usenamatha­thu ngoba njalo uma ecula ezululand kukhona umntwana, ugoduka neduku. Nakuwo lo mkhakha webest Mbaqanga Album KUMASATMA abanga kuwo nosphamand­la Masondo, Abakhwekaz­i nobonani Mhlongo uthi nguye ingqwele, akesabi muntu ngomculo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa