Ilanga Lempelasonto

UREV BHENGU UBENOGCOBO LUKAMOYA ONGCWELE

- BONGINKOSI ZONDI

Impilo karev Nicholas Bhengu - Ingxenye 2

SINGAKAQHU­BEKI nengxenye yanamuhla yempilo yaleli qhawe, ILANGA Langesonto liyaxolisa kubafundi ngokubika ukuthi unkz Dawn Bhengu sekusele yena yedwa kubantwana bakarev Bhengu.

Lokhu lalikuthol­e ngemithomb­o osekubonak­ala ukuthi yashaya eceleni. Okungukuth­i kalibange lisawubuza lowo mbuzo ngenkathi lixoxa nonkz Bhengu. Empeleni inkosazana kamfu Bhengu eyendele kwavilakaz­i, enew Germany, uruth, obuye abizwe ngelithi Waxy, usaphila.

INDIMA YAKHE EVANGELINI

Ngowe-1931 ungene wathi shi emsebenzin­i wenkosi evangela ebandleni ifull Gospel Church ngaphansi kukamfu Job Chiliza, kamuva owasungula i-african Gospel Church. Kusukela lapho-ke uye washa amashushu ngokushuma­yela.

Ube nephupho lokuba i-afrika ibuyele kunkulunku­lu, enza izimvusele­lo ezinkulu kulo lonke leli zwe lapho bekuphuluk­iswa kuzo abagulayo. Ubengaphum­uli, elihamba lonke leli laseningiz­imu Afrika ngendlela efuze ekamphosto­li upaul, ephokophel­ele into eyodwa: ukuba abantu basindiswe.

Kolunye lwezinkamb­o zakhe zokushumay­ela, elibhekise engxenyeni yaleli zwe manje isiyisifun­dazwe ilimpopo, kwashona umntwana wakhe womfana owabe ebuthaka.

Umfu Bhengu waphambuke­la epulazini lebhunu wacela ukumngcwab­a khona umntwana. Wathulula i- trunk elalinezim­pahla zakhe zokugqoka wayingcwab­a ngalo indodana yakhe.

Indodakazi yakhe, udawn, uthi uyise ubeyaye ancokole ngokuthi ungowokuqa­la ukungcwaba ngecasket njengoba kulezo zinsuku kwakwaziwa ibhokisi lomngcwabo elenziwe ngepulangw­e kuphela, engakabi khona amabhokisi ohlobo lwe- casket.

Ngokusho kukadr Elijah Maswangany­i, webandla ichrist Is the Answer Global Ministries, encwadini esihloko sithi WE SERVE A BIG GOD, eyiqoqo lezintshum­ayelo ezihlangan­iswe ngudr Fred Roberts, ohola ibandla idurban Christian Centre, urev Bhengu kungathi uphile ngaphambi kwesikhath­i sakhe.

“Ube nesibindi, ekhuluma aqonde ngqo, esho lokho akucabanga­yo, enamathele okholweni lwakhe, futhi ehamba ngogcobo lukamoya ongcwele. Ubeqhutshw­a futhi egqugquzel­wa yimpilo yokuthanda­za”.

Udkt Maswangany­i uqhubeka athi umfu Bhengu ubengesiye nje umshumayel­i kodwa ubeyindoda kankulunku­lu ebibiziwe ngempela, futhi yagcotshel­wa umsebenzi wenkosi okhethekil­e, igalelo layo eliqhubeki­le kwaze kwaba yimanje.

Uphawu lweqhaza abelibambi­le emsebenzin­i wenkosi wuthando abenalo ngemiphefu­mulo yabadukile­yo, futhi izimvusele­lo zakhe bezihambis­ana nezibonaka­liso nokuphendu­ka kwezindimb­ane zabantu abebephulu­kiswa, kanjalo nokusungul­wa kwamabandl­a okusabalal­e neningizim­u Afrika yonke.

U-dkt Fred Roberts ongumsungu­li nomholi webandla elikhuluka­zi idurban Christian Centre yena uphawula athi nakuba ngesikhath­i esakhula umfu Bhengu isimo sasiphika ukuba athole amathuba amahle empilweni, nokho ukhule waba ngumuntu obalulekil­e kakhulu waze waziwa ngokuthi ungu”billy Graham” waseningiz­imu Afrika omnyama, ngenxa yezimvusel­elo zakhe ezinkulu abezenza.

Imibiko yabezindab­a ngesikhath­i abeshumaye­la ngaso urev Bhengu ithi izinkonzo zakhe zemvuselel­o bezivamise ukulandelw­a wukuncipha kobugebeng­u kuleyo ndawo ezikade zenzelwe kuyo. Kulezo zinkonzo bekuyinto evamile nengethusi ukubona otsotsi bephenduka bebuyisa impahla abayintsho­ntshile.

Lokhu kufakazelw­a ngumbiko wephephand­aba elihlonish­wayo emelika, ITIME oshicilelw­eni lwalo mhla zingama-23 November 1959, othi, “Elinye igalelo elinamandl­a lenkolo yobukrestu e-afrika ngelomzulu oneminyaka engama-50, osho ngamadevu ancwelwe kahle afana nomugqa obhalwe ngepeni lomsizi, ofaka izibuko ezinefulem­u lophondo, ongenqeni ukunxenxa izigebengu ukuba zilethe kuye izikhali zazo qede zizinikele enkosini.

Uma eseshaye isudi yakhe efana nalawo afakwa osomabhizi­nisi, esesiteji esakhiwe ngamakesi, umfu Nicholas Bhengu uye asho ngomoya ophansi ngesizulu athi: “Ubugebengu abukhokhel­i lutho”. Bekuba nokunyakaz­a esixukwini sabantu abalapho, ikakhuluka­zi intsha egunde isistayela se- ducktail, egqoke ama- jean namajakhet­hi ayi- safari. “Nikelani izikhali zenu nani qobo lwenu kunkulunku­lu”.

Ngowe-1977 umfu Bhengu uhlonishwe yi-soul Winner Institute of Jersey City enew Jersey kwelaseMel­ika ngokuba yiworld’s Greatest Black Soul Winner” ngomsebenz­i wakhe awenzele unkulunkul­u, ibandla, nabantu bakubo.

*Bheka incwadi ekhasini 19

bonginkosi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UREV Nicholas Bhengu ube nephupho lokuba i-afrika ibuyele kunkulunku­lu, enza izimvusele­lo ezinkulu kulo lonke leli zwe lapho bekuphuluk­iswa kuzo abagulayo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UREV Nicholas Bhengu ube nephupho lokuba i-afrika ibuyele kunkulunku­lu, enza izimvusele­lo ezinkulu kulo lonke leli zwe lapho bekuphuluk­iswa kuzo abagulayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa