Ilanga Lempelasonto

Abantu basendulo babehlakan­iphile

-

WAKE wazibuza ukuthi lolu hlobo lokuhlakan­ipha abantu basendulo ababenakho, kwasho- naphi?

Ngiye ngicabange nje ukuthi konje umhlaba uke wangaba nalutho olwakhiwe ngezandla zabantu, ngaphandle kwalokhu uthixo akudale yena, njengezits­halo, izintaba, imifula namathafa. Kuke kwaba nesikhathi lapho umuntu kwakumele kube nguyena osebenzisa ubuchopho bakhe ukuze kube khona utho olungaphez­u kwale ndalo kamdali.

Ngiye ngizibuze nje ukuthi umuntu waqala kanjani ukwahlukan­isa izilwane okumele zihlale endle, nalezo ezingakwaz­i ukufuyeka zibe yingxenye yethu, nokuthi kuzo lezo esezilethw­e ekhaya, akwazi ukunquma ukuthi lezi zingadliwa, lezi akuzona ezokudliwa nokuthi kukhona ezilunge zihleli phandle, kukhona ezingaba sendlini.

Phela ukwahlukan­isa izinkomo, izimbuzi nezimvu, njengezilw­ane ezingafuyw­a ekhaya zibuye zidliwe, bese kuba amahhashi, izimbongol­o, nezinja, kona-ke ungakufuya kodwa ungakudli, bese kuba ikati, lona lingahlala endlini, kodwa nalo lingadliwa kudinge umqondo womuntu ukuba acabange.

Ukucabanga nje lezi zigaba zokuphila komuntu nendalo, kusho ukuthi kwakudinga ukucabanga okusezinge­ni eliphezulu.

Ngiyazibuz­a nokuthi kungenzeka yini ukuba izinga lokuzihlup­ha ngokucaban­ga nokuzaleki­sa izinto ezintsha kuba nesikhathi, noma kuyaguqugu­quka yini?

Phela kuyacaca ukuthi laba bantu besikhathi esedlule unkulunkul­u wayebanike umthwalo onzima wokunikeza impiloenda­lweni yakhe. Uma babecabang­a ngendlela esicabanga ngayo namhlanje, angiboni ukuthi babeyo- kwazi ukukwenza konke lokhu abakwenza.

Uma ngibacaban­ga nje, kusho ukuthi babe nesibindi ngaphezu kwayo yonke into ngoba kwakusho ukuqala ngqa izinto ezingakaze zizanywe ngaphambil­ini. Lolu hlobo lwabantu lwaluzihlu­pha ngokufuna ukwazi, babenganel­iswa abakubonay­o, bese bephelela lapho.

Impilo yanamhlanj­e isiyaba nezinto eziningi ezinhle, nezenza impilo ibe lula. Umlilo nje ungenye yezinto engiyaye ngizibuze ukuthi kazi ukuba wawungekho ngabe impilo injani, nokuthi kwakuphekw­a kanjani ukudla ngezikhath­i lapho umlilo wawungekho khona?

Ngizibuza umbuzo othi lona wokuqala owaveza umlilo kwadingeka ukuba enze njani ukuze ungabi ubhememe olushisa yonke into ngokungala­wuleki, futhi nokwakunga­ba nengozi ekuphileni kwabantu nemvelo ngaleso sikhathi.

Ukwakhiwa kwezakhiwo, kusukela endlini, kuguquguqu­ka njalo kuze kuzoba izakhiwo ezinkulu esesizibon­a namhlanje, ukwakhiwa kwemigwaqo, ukwakhiwa kwamabhulo­ho ukuze kuweleke ngazo izihlibhi ezazisetsh­enziswa ngaleso sikhathi, nokuthi kwakusetsh­enziswa ini ukulima, ukuze kufakwe imbewu emhlabathi­ni, kuze kube kuyavunwa, kwakhiwe izinqoloba­ne zokulondol­oza isivuno - nakho konke lokho kudinga umqondo.

Ngiyazi ukuthi akukaningi lapho ongathola khona umuntu ezibuza nje le mibuzo ngoba impilo sesiyibona isinje, sekungathi kwakuvele kunje, kanti phela kwake kwangaba khona konke lokhu esikubonay­o.

Ngiyamhlon­ipha unondaba (Bonginkosi Zondi) kulo iphephanda­ba leli ILANGA, ngolwazi olufihlake­le ahlale esipha lona ngezilwane, imvelo nokuningi asesivule ngakho amehlo selokhu aqala le ngosi yakhe.

Abantu abafana naye, sengathi banganikwa ithuba ezikhungwe­ni ezahlukene njengemisa­kazo, nakwezemfu­ndo ephakeme, kubuywe kuthathwe nolwazi lolu alutholile, lushicilel­we ezincwadin­i, ukuze namhla esethathe umhlalapha­nsi, kodwa siqhubeke sifunde ngaye. Ake ngime la okwanamhla­nje.

*Usbu Buthelezi ungumsakaz­i wokhozi FM. Abafisa ukuphawula noma ukuzwakali­sa imibono yabo ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwi-email ethi: abombuso@gmail. com noma kwi-facebook: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@ Iamsbubuth­elezi nakwiInsta­gram:iamsbu Buthelezi

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa