Abantu basendulo babehlakaniphile
WAKE wazibuza ukuthi lolu hlobo lokuhlakanipha abantu basendulo ababenakho, kwasho- naphi?
Ngiye ngicabange nje ukuthi konje umhlaba uke wangaba nalutho olwakhiwe ngezandla zabantu, ngaphandle kwalokhu uthixo akudale yena, njengezitshalo, izintaba, imifula namathafa. Kuke kwaba nesikhathi lapho umuntu kwakumele kube nguyena osebenzisa ubuchopho bakhe ukuze kube khona utho olungaphezu kwale ndalo kamdali.
Ngiye ngizibuze nje ukuthi umuntu waqala kanjani ukwahlukanisa izilwane okumele zihlale endle, nalezo ezingakwazi ukufuyeka zibe yingxenye yethu, nokuthi kuzo lezo esezilethwe ekhaya, akwazi ukunquma ukuthi lezi zingadliwa, lezi akuzona ezokudliwa nokuthi kukhona ezilunge zihleli phandle, kukhona ezingaba sendlini.
Phela ukwahlukanisa izinkomo, izimbuzi nezimvu, njengezilwane ezingafuywa ekhaya zibuye zidliwe, bese kuba amahhashi, izimbongolo, nezinja, kona-ke ungakufuya kodwa ungakudli, bese kuba ikati, lona lingahlala endlini, kodwa nalo lingadliwa kudinge umqondo womuntu ukuba acabange.
Ukucabanga nje lezi zigaba zokuphila komuntu nendalo, kusho ukuthi kwakudinga ukucabanga okusezingeni eliphezulu.
Ngiyazibuza nokuthi kungenzeka yini ukuba izinga lokuzihlupha ngokucabanga nokuzalekisa izinto ezintsha kuba nesikhathi, noma kuyaguquguquka yini?
Phela kuyacaca ukuthi laba bantu besikhathi esedlule unkulunkulu wayebanike umthwalo onzima wokunikeza impiloendalweni yakhe. Uma babecabanga ngendlela esicabanga ngayo namhlanje, angiboni ukuthi babeyo- kwazi ukukwenza konke lokhu abakwenza.
Uma ngibacabanga nje, kusho ukuthi babe nesibindi ngaphezu kwayo yonke into ngoba kwakusho ukuqala ngqa izinto ezingakaze zizanywe ngaphambilini. Lolu hlobo lwabantu lwaluzihlupha ngokufuna ukwazi, babenganeliswa abakubonayo, bese bephelela lapho.
Impilo yanamhlanje isiyaba nezinto eziningi ezinhle, nezenza impilo ibe lula. Umlilo nje ungenye yezinto engiyaye ngizibuze ukuthi kazi ukuba wawungekho ngabe impilo injani, nokuthi kwakuphekwa kanjani ukudla ngezikhathi lapho umlilo wawungekho khona?
Ngizibuza umbuzo othi lona wokuqala owaveza umlilo kwadingeka ukuba enze njani ukuze ungabi ubhememe olushisa yonke into ngokungalawuleki, futhi nokwakungaba nengozi ekuphileni kwabantu nemvelo ngaleso sikhathi.
Ukwakhiwa kwezakhiwo, kusukela endlini, kuguquguquka njalo kuze kuzoba izakhiwo ezinkulu esesizibona namhlanje, ukwakhiwa kwemigwaqo, ukwakhiwa kwamabhuloho ukuze kuweleke ngazo izihlibhi ezazisetshenziswa ngaleso sikhathi, nokuthi kwakusetshenziswa ini ukulima, ukuze kufakwe imbewu emhlabathini, kuze kube kuyavunwa, kwakhiwe izinqolobane zokulondoloza isivuno - nakho konke lokho kudinga umqondo.
Ngiyazi ukuthi akukaningi lapho ongathola khona umuntu ezibuza nje le mibuzo ngoba impilo sesiyibona isinje, sekungathi kwakuvele kunje, kanti phela kwake kwangaba khona konke lokhu esikubonayo.
Ngiyamhlonipha unondaba (Bonginkosi Zondi) kulo iphephandaba leli ILANGA, ngolwazi olufihlakele ahlale esipha lona ngezilwane, imvelo nokuningi asesivule ngakho amehlo selokhu aqala le ngosi yakhe.
Abantu abafana naye, sengathi banganikwa ithuba ezikhungweni ezahlukene njengemisakazo, nakwezemfundo ephakeme, kubuywe kuthathwe nolwazi lolu alutholile, lushicilelwe ezincwadini, ukuze namhla esethathe umhlalaphansi, kodwa siqhubeke sifunde ngaye. Ake ngime la okwanamhlanje.
*Usbu Buthelezi ungumsakazi wokhozi FM. Abafisa ukuphawula noma ukuzwakalisa imibono yabo ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwi-email ethi: abombuso@gmail. com noma kwi-facebook: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@ Iamsbubuthelezi nakwiInstagram:iamsbu Buthelezi