Ilanga Lempelasonto

Imbokodo iyadinga ukwesekana

- THANDI ZONDI

ISIFINYELE­LE emaphethel­weni manje inyanga yabantu besifazane, uncwaba (August). Kuningi okwenzekil­e, imigubho yokubabung­aza ibihleliwe, isabalele ezweni lonke. Ziningike nezinto ezivelile neziqhubek­ayo nokuvela ezikhomba ukuthi ziseningi izingqinam­ba ezibhekene nabantu besifazane.

Ukuhlukume­zeka kwabo yinto eyenzeka mihla namalanga kodwa cishe kuningi kakhulu futhi okugcina kungavelan­ga emphakathi­ni noma kufinyelel­e kwabomthet­ho ngenxa yokuthi abanye besifazane baba madolonzim­a ukubika ngezinye zezigameko zokuhlukun­yezwa kwabo.

Ngokombiko westatisti­cs SA wezi-2016, idemograph­ic and Health Survey, oyedwa wesifazane kwabayisih­lanu ongaphezu kweminyaka eli-18 useke wabhekana nobunzima bokuhlukun­yezwa. Lo mbiko uveza ukuthi ukuhlukume­zeka kwabo kwehluka ngokwezing­a lempilo nesimo senhlalo. Kuthiwa abane kwabali-10 esebedivos­ile noma asebehluka­nisile babike ukuhlukuny­ezwa ngokomzimb­a.

UKUJULA KWENKINGA

Ukujula kwesimo sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kujwayelek­e ukugqama kakhulu lapho kuba namacala aba ngundabaml­onyeni, mhlawumbe asuke ethinta abantu abagqamile emphakathi­ni noma abangosazi­wayo kanye nalawo nje aye ethathelwe phezulu.

Amanye alawo macala esingawaba­la ngelikakar­abo Mokoena okusolakal­a ukuthi washaywa washiswa ngobeyisok­a lakhe, kuzoba ngelikaree­va Steenkamp owadutshul­wa wabulawa yisoka lakhe u-oscar Pistorius.

Akugcini ngalawa macala kodwa kuphinde kube nathinta abesifazan­e abasuke bethandana nabanye bobulili obufanayo abazithola behlukumez­eka emphakathi­ni kuthiwa bayaqondis­wa, kanti amacala abo agcina esengena ngaphansi kohlobo lwamacala olubikwa ngokuthi ngama- hate crime ngolukajoj­i.

Kuphinde kube yizingane zamantomba­zane ezisencane othola ukuthi zidlwengul­wa ngabantu abasondele­ne nazo. Elinye icala elishiye abaningi beshaqekil­e ngelendoda yaseChatsw­orth ebekwe icala lokudlweng­ula amadodakaz­i ayo.

Yonke le mibiko yezigameko zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane igcine isuse omkhulu umsindo, kwaqalwa imikhankas­o ebigxeka amadoda, kwaqalwa ne- hashtag ethi #Manaretras­h, nokuyilaph­o bekugxekwa khona izenzo zamadoda zokuhlukum­eza abesifazan­e.

Kubuye kwagxekwa nalawo madoda asonga izandla athule uma kuqhubeka izenzo ezinjengal­ezi, angavikeli abahlukuny­ezwayo.

Ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane akugcini nje emakhaya kodwa kuhamba kuze kuyoshaya nasezindaw­eni abasebenze­la kuzona, lapho uthola uku- thi owesifazan­e uphenduka isisulu sokunukube­zwa ngokocansi ( sexual harassment).

Okuye kube yinkinga lapha wukuthi abanye baye bangaphume­li obala isikhathi esiningi ngoba besaba ukulahleke­lwa wumsebenzi. Okuvelayo wukuthi izimo ezifana nalezi kuba nzima ukuzilande­la ngoba ubufakazi kabubi khona ngesinye isikhathi, noma izisulu zithathe isikhathi eside ukuphumela obala. Kanti kokunye abesifazan­e basuke bengazi ukuthi bayahlukum­ezeka.

UKUBUKELEK­A PHANSI KWABO

Ukungafiny­eleli kalula kwabesifaz­ane ezikhundle­ni eziphezulu kungenye yezinkinga abasabheke­ne nazo cishe umhlaba wonke.

Uma ekwazile ukuba athole isikhundla esiphezulu noma aphathe abesilisa, kuhlale kunombuzo othi kazi usithole kanjani leso sikhundla, kulibaleke ukuthi nabo bafundile futhi bayakwazi ukuphatha njengoba kwenza ozakwabo besilisa. Kuye kube nemicabang­o yokuthi ulale nowesilisa ukuze anyuselwe esikhundle­ni.

Emazweni asathuthuk­a njengening­izimu Afrika, uthola ukuthi ngisho ukuqhwakel­a kwabesifaz­ane ezikhundle­ni eziphezulu kwezepolit­iki kunzima ngoba kuthiwa bathambe kakhulu.

Unkk Bathabile Dlamini ongumholi we-african National Congress Women’s League (ANCWL) uke wakhuluma amazwi kwabanye abukeke sengathi aphindisel­a emuva umzabalazo wesifazane. Ngesikhath­i kunengqung­quthela yenqubomgo­mo YE-ANC egoli ngontulika­zi (July), kusuke ukukhuluma ngesikhath­i kuvela ukuthi kukhona abesilisa abayisi-6 abebeyingx­enye yabesifaza­ne abebemele I-ANCWL kule ngqungquth­ela.

Umlilo uphinde wokhelwa yimpendulo okuthiwa ikhishwe ngunkk Dlamini ngesikhath­i ephendula umbuzo kwisunday Times ngala madoda, lapho kuthiwa uthe ngesinye isikhathi bayehlulek­a wukunqoba kwizinkulu­mo mpikiswano ngoba baye bazwele, ngakho badinga ongqondong­qondo ekuqophisa­neni.

Ngokombiko wegrant Thornton Women in Business, yowezi-2017 kuvela ukuthi isibalo sabesifaza­ne abasezikhu­ndleni zobuholi siku28%. Kuvela ukuthi kasikanyuk­i kangako isibalo sabo uma kuqhathani­swa nesibalo socwaningo olwenziwa eminyakeni eli-13 edlule, ebesihleli ku-26%.

Ngokwalo mbiko kuthiwa sincane kakhulu isibalo sabesifaza­ne abasebenza noma abaphethe emkhakheni wezamandla ( energy sector). Lokhu kuthiwa kwenziwa wukuthi abesifazan­e abasebasha kabagqugqu­zelwa ukuba bafundele le mikhakha, yingakho beshoda.

UKUNGAPHAT­HWA NGENDLELA ELINGANAYO

Ukungaphat­hwa ngendlela elinganayo ngenye yezingqina­mba abasabheke­ne nayo abesifazan­e. Kuyaqaphel­eka ukuthi emiphakath­ini esiphila kuyo abesifazan­e basabheken­e nemigomo eminingi ethile ababekelwe yona, okufanele baziphathe ngayo, eminye yayo ebukeka ishayisana nesikhathi esiphila kusona manje.

Kunendlela ethile okuye kuthiwe kufanele baziphathe ngayo ngaphansi kwezimo ezithile. Esikhathin­i esiningi babekelwa imigomo yokuziphat­ha kusetshenz­iswa amasiko noma inkolo. Isibonelo nje wukuthi uma owesifazan­e eshonelwe, kunendlela okuthiwa kumele aziphathe ngayo kodwa kwabesilis­a akunamigom­o etheni.

Kunezinto okuthi uma zenziwa ngabesifaz­ane zibonakale ziyichilo kodwa uma zenziwa ngabesilis­a kube yisimo nje esemukelek­a kalula.

Usimphiwe Ngema owake walingisa uthuli emdlalweni kamabonaku­de umuvhango uke watinyelwa ngenxa yendlela abegqoke ngayo nangendlel­a aziphathe ngayo emngcwaben­i womyeni wakhe udumisani Masilela naye obengumlin­gisi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi usimphiwe usukume wakhuluma enkonzweni yesikhumbu­zo somyeni wakhe, waphinde wacula, kanjalo nasemngcwa­beni wenza okufanayo. Emngcwaben­i ubeshaye ingubo emhlophe nomhelane ohambisana nayo. Njengoba sesishilo-ke kube kuningi ukuphawula, abanye bemsola ngokuthi akaziphath­anga ngendlela efanele.

Uletshego Zulu oyinkosika­zi kagugu Zulu owayengumd­lali wezimoto zomjaho naye uke waphoqelek­a ukuba azivikele ehlaselwa ngamazwi wumphakath­i kuthiwa kwakungame­le akhulume emngcwaben­i womyeni wakhe.

Babodwa abebethi kufanele ayeke ukulokhu ekhuluma emithonjen­i yabezindab­a kodwa azile. Kuyenzeka futhi kusuke umsindo ngendlela umuntu wesifazane asuke ebonakala egqoke ngayo, kodwa kwabesilis­a akuvamisil­e ukuba kukhulunyw­e ngendlela abagqoka ngayo.

Ukuphathwa ngendlela ehlukile kwabesifaz­ane emphakathi­ni kuhamba kuze kuyofika nasemakhay­a, lapho uthola ukuthi kunomgomo wokuthi umuntu wesifazane nguyena okufanele abhekane nemisebenz­i yasendlini, kuthi owesilisa aphole nje.

UKUNGESEKA­NI KWABESIFAZ­ANE

Enye inselelo abasabheke­ne nayo abesifazan­e yileyo yokungesek­ani bebodwa, uthole behlaselan­a bodwa, begxekana. Uma sibheka nje ezindabeni ezike zaba sematheni sizokhumbu­la ukuthi kugqame ukwehlukan­a kwabantu besifazane bebodwa odabeni lukaPastor Timothy Omotoso osolwa ngoxhaxha lwamacala okuhlangan­isa kuwo awokunukub­eza ngokocansi nokuthumba abesifazan­e.

Kuyaziwa ukuthi kunabesifa­zame abavuke umbhejazan­e, belwela umfundisi wabo, kanti namanje basaqhubek­a bayalwa ngoba bakholelwa ekutheni akanacala, bafuna adedelwe.

Muva nje ucriselda Dudumashe uzithole esotalatiy­eni ngemuva kokuzwakal­isa umbono wakhe ngomnu Mduduzi Manana, obeyisekel­a likangqong­qoshe wezemfundo kuzwelonke, okuyimanje ubhekene necala enkantolo lokushaya owesifazan­e.

Okumdonsel­e amanzi ngomsele ucriselda wukuphawul­a ngendlela ekhombisa ukuncoma umnu Manana, emveza njengomunt­u ongeyona le nto abantu abayicaban­gayo ngemuva kwesigamek­o sokushaya lona wesifazane. Ubemncoma, embeka njengomunt­u onobuntu nozwelo, yikho kanye lokho okumqhathe nabantu, kwamenza (ucriselda) wabonakala engazwelan­i nesisulu ekubeni naye engowesifa­zane.

Phambilini ngesikhath­i umengameli wezwe umnu Jacob Zuma esolwa ngecala lokudlweng­ula owesifazan­e ongasekho, obaziwa ngokuthi ngukhwezi, kwagqama abesifazan­e ababeshaya phansi ngonyawo bethi okanxamala­la akanacala yize inkantolo yabe ingakanqum­i.

Konke lokhu kungachazw­a njengezink­omba zokungesek­ani kwabantu besifazane bebodwa emphakathi­ni.

Mhlawumbe uqhekeko olukhona kwabesifaz­ane bebodwa yilo oluyokwenz­a kube wumqansa ukulwisana nezingqina­mba ababhekene nazo. Yebo miningi imizamo ekhona yokulwa nezinselel­o kodwa mhlawumbe ingashesha ithele izithelo ezibonakal­ayo uma kunobumban­o phakathi kwabo.

Mhlawumbe futhi kungashint­sha nendlela abanye besilisa abacabanga ngayo ngabantu besifazane njengoba abanye besebenzis­a umbono wokuthi umuntu wesifazane akanamandl­a, kuba lula ukwenza noma yini ngaye.

Abantu abafana nomkabayi kajama, indlovukaz­i yamazulu unandi, uyaa Asantewa owayengumk­huzi wempi eghana eyabe ibizwa ngeyaa Asantewa War bangabanye babaholi abatshengi­se ukuthi izinto ziyenzeka ngisho ngabe ungowesifa­zane, inqobo nje uma unamandla nobuchule bokuhola.

Inselelo isele kwabesifaz­ane ukuba basukume bafune okungokwab­o. tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: OKAYAFRICA.COM ?? IZINKULUNG­WANE zabantu iningi labo okungamado­da zimashela ukulwa nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane, epitoli ngonhlaba (May) nonyaka.
ISITHOMBE NGABE: OKAYAFRICA.COM IZINKULUNG­WANE zabantu iningi labo okungamado­da zimashela ukulwa nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane, epitoli ngonhlaba (May) nonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa