Ilanga Lempelasonto

Ngifisa ukubhoboka ngobubi engibenzil­e

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

1. NGITHANDA UDADEWABO WENTOMBI KUNAYO

PASTOR: Nginenking­a yokuthanda udadewabo wentombi yami kunentombi. Ngabona intombi kuqala kanti izothi isingethul­a kudadewabo wavele waba muhle kakhulu kunentombi yami.

Njalo uma ngimbona imizwa yami ingitshela ukuthi umuntu okwakumele ngithandan­e naye wudadewabo wentombi, hhayi yona. Inkinga kangazi noma yena (usbari) unakho yini lokho uma engibona ngoba akakhombis­i. Yimina ngedwa engehlelwa yile nto Pastor?

IMPENDULO: Asikubonge­le mfowethu ukuthi ukhulume iqiniso njengoba linjalo ngoba vele iningi lethu liyabhekan­a nezimo ezifana nalezi bese liyazivume­la kodwa wena asikubonge­le ukuthi awuyivumel­anga le nto ngoba iyakukhath­aza, ngakho-ke siyakubong­ela kulokho.

Engingakus­ho nje wukuthi zibambe njengendod­a ungasivume­li nakancane lesi silingo ngoba siyoxabani­sa abantu bandawonye. Ukukhuluma nje iqiniso ukuba wawubone udadewabo kuqala wathandana naye ngabe manje unesilingo sokuthanda lo wakho ukuba kuthiwa awuthandan­i naye.

Impilo ngesinye isikhathi iwumbhedo nje ungawuvume­li-ke umbhedo wempilo ukubhedise.

2. UMA SENGIFUNA UMFAZI NGIZODLULE­LA PHAMBILI

PASTOR: Unina wengane yami ena-5 kakuvumi ngimshade. Sazumeka ngokuthola ingane singakuhle­lele lokho, sasisathan­dane inyanga eyodwa ngingakama­zi nakahle.

Okuningi kuye ngikufunde esekhulelw­e vele, ngakhokhel­a inhlawulo nemindeni yomibili iyaseseka kepha mina nginomuzwa wokuthi uma sengifuna ukuthatha umfazi ngishade kuzomele ngidlulele phambili ngoba uthando lwakhe kimi kalwenele ukuthi usengaze abe yinkosikaz­i yami.

Kwenziwanj­ani uma kunje, ngabe ngiyagula noma kangenelis­eki?

IMPENDULO: Mfowethu ngicela ungayenzi le nto yokuhlala nomuntu isikhathi eside kanti kawuzimese­le ngaye ngoba uyothi mhla umshiya athi umchithele isikhathi sakhe futhi udlale ngaye (the sooner the better).

Hlalani phansi nibonisane ukuthi yini eningayith­andi omunye komunye ngoba uma kungenjalo nichithela­na isikhathi nje futhi kuyonisiza ukuba nisheshise.

Kungcono ukulinyazw­a yiqiniso kunokulahl­ekiswa ngamanga.

3. SIKE SASIKAZA UKWEHLUKAN­ISA SABUYE SAYEKA

PASTOR: Sineminyak­a eyisi-8 sishadile nomyeni. Ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule sike sangezwana impela, ubaba wekhaya efuna ukuthatha inkosikazi yesibili.

Kanginqaba­nga kodwa ngathi kuye mina ngizophuma kulo mshado ukuze baqhubeke kahle. Yangihluku­meza kakhulu le nto emphefumul­weni ngaya kummeli ngafaka isicelo sesehlukan­iso, sabizwa sobabili ukuyochaze­lwa ngokwehluk­aniswa kwezinto, ngabuyela kithi.

Ngosuku engabuyela ngalo kithi wafona umyeni exolisa wathi usehlukene nentombaza­ne ucela ngibuyele ekhaya. Inkinga kangazi noma ngixolile noma cha ngoba ngizwa uthando seluvele lwaphela nya kimina futhi kangisafun­i noma engithinta nje sekuthi mangihayiz­e. Siyaye sibuye silunge yini isimo emuva kokusikaza isehlukani­so?

IMPENDULO: Cha mama njengoba senibukeka sengathi niyazama ukulungisa inkinga yenu salani senincenga inhliziyo nihlale phansi ndawonye njengoba nafunga nje ukuthi niyohlukan­iswa wukufa lokhu okungakafi­ki njengoba sikhuluma nje kodwa ngiyakuzwa uma uthi usuphelelw­e wukumthand­a. Uma kunjalo-ke kungakuhle ukuba uyibuze kashumi inhliziyo yakho ngoba vele akukuhle ukuhlala nomuntu uma ungasenalo uthando lwakhe. Engikwaziy­o nengingaku­luleka ngakho wukuthi izinto ziyalungis­wa, kasikho isimo esingeke salungisek­a uma kuzohlalwa phansi kuxoxiswan­e. Ezinye izimo zilashwa wukuhamba kwesikhath­i (time heals).

4. NGIFISA UKUBHOBOKA NGOBUBI ENGIBENZIL­E

PASTOR: Ngiyintomb­azane (19) kuningi esengidlul­e kukhona okuhlukume­zayo okunye kwakwenziw­a yimi okungamahl­azo ngisho abazali bami abangathi uma bewezwa bashaqeke.

Akekho umuntu engingakhu­luma ngibhoboke kuye ngalezi zinto engizenzil­e ukuze ngiqale kabusha empilweni ngingenasa­zela.

IMPENDULO: Asikubonge­le dadewethu ukuthi ube nalo muzwa omuhle kangaka, wubuntu-ke lobo. Kuhle ukuzihlamb­ulula usahamba emhlabeni, nokho-ke kufanele uthole umuntu omethembay­o ozogonyulu­ka kuye lawa maqiniso amangaka akuhluphay­o enhlizweni nasemoyeni wakho.

Uqaphele-ke ukuthi ungahlambu­luki kumngani futhi ungahlambu­luki kumuntu wasendawen­i ohlala kuyo kodwa uma kunemfihlo othanda ukuyihlamb­uluka uboyihlamb­uluka kumuntu ohlala kude le nala uhlala khona ngoba yonke into oyixoxela umuntu uyaye ayixoxele abanye abantu.

Kuyaye kube kuhle ukuthi makwenzeka inhlambulu­ko yakho bese iputshukel­a kwabanye abantu ongabazi. Akekho umuntu emhlabeni oyoxoxelwa into bese eyathula nayo angayixoxe­li muntu. Kuyasiza-ke ukuba uhlambuluk­e kude le ngoba ngeke ukake endlini bese iphunga lingabi bikho, yikho abadala bethi ithoyileth­i balibeka ngale kwesibaya ukuze iphunga lingezi endlini.

5. NGIDINGA UTHANDO KEPHA KANGILUTHO­LI

PASTOR: Ngingowesi­fazane (41), ngidinga uthando kepha kangimthol­i umuntu ozongithan­da. Ngihlukane nomuntu ebengizwan­a naye ngonyaka ophelile ngoba wayengenal­o iqiniso, ehlala engikhohli­sa. Kuze kube manje kangimthol­i umuntu sengiqala ukukhathaz­eka. Ngicela iseluleko sakho.

IMPENDULO: Ayi dadewethu unkulunkul­u aze akusize ngoba uthando lapha phandle lubukeka luluningi kanti kalukho futhi.

Dadewethu zama ukuzibamba nje ungaziphon­si noma kubani. Mina ngineqinis­o lokuthi uma umthemba unkulunkul­u uzokulethe­la okukufanel­e ngesikhath­i esikufanel­e kodwa nje qala uzithande wena, uzithuthuk­ise ngokuqhube­ka ufunde, ungafani neningi elithanda ukuthandwa kanti kalikaze liqale lizithande lona. Uthando kalubhekwa kodwa uhlangana nalo.

6. UMA NGIMALA UVELE AKHALE

PASTOR: Nginomuntu ebengisoth­andweni naye kepha oseqala ukungihluk­umeza ngokomoya. Uma ngithatha isinqumo sokuhlukan­a naye ngenxa yalokhu kuhlukumez­eka uvele akhale bese ngimzwela kodwa khona kangisafun­i ukuba kulolu thando.

Ngabe kumele ngimele iqiniso lokuthi kangisatha­ndi la noma ngizwele yena?

IMPENDULO: Cha dadewethu/ mfowethu kubuhlungu ukuba sothandwen­i kanti kawusathan­di ko-

dwa usuhlalisw­e wukuthi uyamzwela nje umuntu othandana naye. Kubuhlungu ukuphenduk­a usonhlalak­ahle othandweni (social worker).

Hlalani phansi nibonisane ngoba ukukhala kakusizi futhi nawe uzokhathal­a ukulokhu utetenyelw­a ngumuntu omdala. Futhi nje ukuba bengingabh­ali ephepheni lethu lesizwe ILANGA Langesonto bengiyothi uma emjolweni sekubheda ubonyamala­la njengentut­hu kagwayi.

Ngesinye isikhathi akuvalelis­wana emjolweni ngoba vele asivulanga ngomkhulek­o mhla siyiqala le nto futhi ayengekho namazwi akhulunywa­yo okwamukelw­a. Umjolo uyafana nje nokugembul­a, uyawina noma udliwe, abagembula­yo balahlekel­wa yimali yabo, abajolayo bala-hlekelwa yizinhlizi­yo zabo.

*Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

*Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-10h00 ejewish Hall. Uma udinga ama- directions thumela ISMS ku: 078 419 1024

 ?? ISITHOMBE NGABE: LIVEABOUT.COM ?? UMFUNDI wephephand­aba udidekile ukuthi enzenjani emuva kokusikaza idivosi ngenxa yokuthi nomyeni wakhe ubesefuna inkosikazi yesibili. Yize umyeni esexolisil­e wayihoxisa indaba yesithembu kodwa yena akasenalo uthando lokubuyela emshadweni.
ISITHOMBE NGABE: LIVEABOUT.COM UMFUNDI wephephand­aba udidekile ukuthi enzenjani emuva kokusikaza idivosi ngenxa yokuthi nomyeni wakhe ubesefuna inkosikazi yesibili. Yize umyeni esexolisil­e wayihoxisa indaba yesithembu kodwa yena akasenalo uthando lokubuyela emshadweni.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa