Ilanga Lempelasonto

U-ADV MADONSELA EMAZISI KUNENE MUSEUM

- BONGINKOSI ZONDI

IMISEBENZI yobuciko kasolwazi Mazisi Kunene iveza ukuthi ubegxile kwezomphef­umulo, okusho into ehlukile kwezenkolo. Lokhu kuvele ngesikhath­i lowo obengumvik­eli womphakath­i phambilini, u-adv Thuli Madonsela, kade ehambele eprof Mazisi Kunene Museum ekuno. 8 Delville Ave, Glenwood ethekwini ngolwesihl­anu olwedlule.

Ngaphandle kwalokho uprof Kunene wabe ekholelwa kulokho ayikhona njengoba lokhu kufakazelw­a yimibhalo yakhe yonke ayiqamba ngolimi lwakhe, isizulu, yase ihunyushel­wa kolwesingi­si nguyena luqobo njengoba ayesekudin­gisweni ngaleso sikhathi.

Uprof Kunene uvela engumuntu obeyazisa indaba yokulingan­a kwamalunge­lo, kungabhekw­a ubulili, okukhombis­a ukuthi ubephila ngaphambil­i kakhulu kwesikhath­i sakhe. Omunye wemisebenz­i yakhe osihloko sithi: “Anthem of Decades” okhuluma kakhulu ngabesifaz­ane, uyakufakaz­ela lokho.

Unkk Mathabo Kunene, oyinkosika­zi kasolwazi Kunene, uze waligcizel­ela leli phuzu ngokuthi athi umyeni wakhe ubemphathi­sa okwendlovu­kazi ngempela.

Okunye ngoprof Kunene wukuthi bekuyinto yakhe ukwamukela bonke abantu ngokufanay­o nakuba leli zwe linomlando omubi wokucwasa. Uthe yingakho nje umnu Andre Botha esekhaleni lomzabalaz­o wokusungul­wa kwe-mazisi Kunene Foundation okuyiyo enomthwalo wokulondol­oza imise- benzi kaprof Kunene.

Ochazayo ngale ndawo, umnu Nsika Gumede, uveze okuningi ngosolwazi Kunene, ehola u-adv Madonsela nabehamba nabo igumbi negumbi lale ndawo.

Phakathi kwakho bekungukuz­ihlupha kukasolwaz­i Kunene ngendawo yakubo nesikole afunda kusona, ehluzingqo­ndo High.

Ngaphandle kohlelo lokulekele­la abantwana abebekade bengenzi kahle kumatikule­tsheni olwenze imiphumela yathuthuka ngesikhath­i esifushane isuka eqophelwen­i elibi lika 29% ngowezi-2009 yaze yafinyelel­a ku-90% ngonyaka odlule, imazisi Kunene Foundation iphezu kwezinhlel­o ezinkulu zokwakhela lesi sikole izimfanelo zokufunda nezemidlal­o ezizoba sezingeni elifanayo nelezikole phambilini ebezibizwa ngamamodel C. Osekukhona njengamanj­e yicomputer Lab khona emakhaya, nokuyinto ebabazekay­o kwazise umufi wenza konke lokhu njena wayengesiy­ena usomabhizi­nisi.

Isichonyiw­e imidwebo namapulani okuveza umbono ngengomuso lalesi sikole.

bonginkosi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? U-ADV Thuli Madonsela amukela isipho sencwadi kunkk Mathabo Kunene eprof Mazisi Kunene Museum.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E U-ADV Thuli Madonsela amukela isipho sencwadi kunkk Mathabo Kunene eprof Mazisi Kunene Museum.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa