Ilanga Lempelasonto

EZOTHANDO:

-

KUYIQINISO elingephik­we ukuthi baningi abantu abahleli ebudlelwan­eni bothando obungalung­ile, obungenamp­ilo. Abanye bahleli ngoba besaba ukuphuma kanti abanye bahleli ngoba bengaboni ukuthi bahlalele imbudane.

Ngokusho kwewomen’s Centre of Greater Lansing, emichigan, e-united States of America, ziye zibe khona izinkomba zobudlelwa­no obungalung­ile kodwa abanye abantu bangakwazi ukusheshe baziqaphel­e.

Bathi ubudlelwan­o obuhle buhamba nokuhlonip­hana kanjalo nokuphatha­na ngendlela elinganayo. Bobabili abantu abasebudle­lwaneni kufanele bakwazi ukuzwakali­sa imizwa yabo, yimicabang­o nemibono ngaphandle kokwesaba ukuthi bangase bazithole besenkinge­ni.

Imibono kufanele ihlonishwe noma kungaba khona ukungaboni ngaso linye futhi izinqumo kufanele zithathwe ngokuvumel­ana.

Ebudlelwan­eni obunempilo, umuntu owenze iphutha uyalibona iphutha lakhe, alivume bese elungisa lapho one khona. Kuba yinkinga-ke lapho umuntu ethi enze iphutha kodwa angakwazi ukulivuma, azehlise.

Uma nihlala ndawonye, imisebenzi yasendlini kufanele nihlale phansi nibonisane ngayo bese nivumelana ngokuthi niyabelana kanjani.

Kuthiwa kusemqoka ukuba uhlale uhlale ubuhlole ubudlelwan­o okubo ukuthi busahamba ngakho yini. Indlela ongabona ngayo ukuthi kusaqondil­e konke wukuba ubucubungu­le, ubheke izinkomba zobudlelwa­no obungenamp­ilo futhi obunokuhlu­kumeza.

IZINDLELA ZOKUHLUKUM­EZA

Imvamisa uhlobo lobudlelwa­no obungenamp­ilo lubonakala ngokuba kube nokwesabis­ana ngezindlel­a ezahlukene, okungaba wukwesabis­a omunye ngamehlo (indlela ombuka ngayo), noma ngendlela ethile yokunyakaz­isa umzimba.

Ongoti bathi ukuhlukume­za akukhona ukuthi umuntu aze abekwe isandla kodwa kuyenzeka ahlukunyez­we ngokomoya. Imvamisa umuntu okuhlukume­za ngokomoya umqaphela ngokuba ahlale ekwenza uzizwe kabi ngawe, uhlazekile noma unukubezek­ile ngandlela thile.

Bathi kuwukuhluk­umeza futhi ukuba uphathina wakho akuvalele endlini, angafuni uhlangane nabanye abantu. Kuyenzeka-ke umuntu ohlukumeza­yo angafuni ukwamukela noma aphike ukuthi ungumhluku­mezi.

Kuyenzeka futhi kusetshenz­iswe izingane ukuhlukume­za omunye umuntu, njengokuba uphathina akhulume kabi phambi kwezingane ukuze zidlulisel­e leyo nkulumo engeyinhle kohlukunye­zwayo.

Kubikwa ukuthi kukhona noku- hlukunyezw­a ngokwezomn­otho, lapho uthola ukuthi uphathina akafuni ukuvumela omunye ukuba ayosebenza. Lokho kuvamisile ukwenzeka kubantu besifazane, abenqatshe­lwa ngabayeni babo ukuyoseben­za.

Okufanele ukwenze uma ubona ukuthi usebudlelw­aneni obungalung­ile wukuba ufune usizo lochwephes­he ukuze uthole izindlela zokulungis­a isimo noma ushiye phansi lobo budlelwano.

Ubudlelwan­o obunempilo abusho ukungaqoph­isani ngamazwi, leso simo siyafika nakanjani, futhi akubi lula ukuba nigcine nifinyelel­e esivumelwa­neni lapho kukhona ukungaboni ngaso linye. Iqiniso wukuthi ubudlelwan­o budinga isikhathi bakhiwa, bulungiswa.

bhekin@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa