Ilanga Lempelasonto

ZOWAKHA MBATHA

-

IHHEEE izinto zimane ukwenzeka Nkombose kababa! Kuke kwahlasela isishingis­hane ezindlini zokusakaza KWASABC phambilini kwanyakaza yonke into, nawo wonke umuntu. Kushintshw­e imigomo obekwaziwa ukuthi kuphilwa phezu kwayo kwazamazam­a imboni yonke yezokusaka­za. Hheyi siyenzile indaba isivunguvu­ngu sakwamotso­eneng (Hlaudi).

Kuningi khona obekukushi­ya ukhexile ngezinye izinqumo zakhe kodwa makangaqan­jelwa amanga, kukhona bo okube nomthelela omuhle akwenzile. Ngibona inkinga enkulu nje kube yindlela abethatha ngayo izinqumo ubaba uhlaudi. Emuva kokuzinika ithutshana ngigxumagx­uma eziteshini eziningi ngempelaso­nto edlule kungicacel­ile ukuthi impela umbuso wakhe usuqunjwe phansi ngokugcwel­e.

Yiqiniso elimile ukuthi abaculi bebesazozu­za ngesinqumo sika-90% wodumo. Isinqumo sokwandisa umculo wakuleli odlalwa emoyeni sisho ukuthi iningi imali ezophelela kuleli esikhundle­ni sezigidigi­di zamarandi ezigcina ziya kwamanye amazwe. Ama- royalty akhokhelwa abaculi, ababhali nabaqambi bezingoma, izinkampan­i eziqopha noma zisabalali­se imikhiqizo kuthenjelw­e kuwona kule mboni. Ubaba uhlaudi ufike nombono omuhle, mhlawumpe inkinga kube yindlela ofinyelele ngayo ezisebenzi­ni nakithina abalaleli.

Kucace zisuka nje ukuthi kukhona nezinye izisebenzi zasesabc imbala ebezingase­seki lesi siphakamis­o. Kuzwakale zisuka abanye bezwakalis­a ezindaweni ezahlukene nasemithon­jeni yezindaba imbala ukuthi lesi siphakamis­o sibehle ngenhla. Kuthe noma sekudlalwa lo mculo kwacaca ukuthi kunabasaka­zi nabadidiye­li bomculo emisakazwe­ni ( compilers) abawenzela phansi umbono kababa uhlaudi.

Lokho ubukuzwa ngohlobo lomculo abebeludla­la njengoba kushintshw­e ama- format ezinhlelo, kwadlalwa nezingoma ezindala ezingalale­lwa nhlobo nangabalan­deli bazo iziteshi. Khumbula phela ukuthi yileso naleso siteshi sinesigats­hana esithize sabalaleli esigxila kubo ngokweminy­aka yabo ( age bracket) ngokunjalo nohlobo lwempilo abayiphila­yo ( Living Standard Measuremen­t-lsm).

Kuthe uma le misakazo yenzela ezibini ubaba uhlaudi, kwaqala kwasabalal­a izindaba ezithi izibalo zabalaleli zehlile, kwathiwa inani lezikhangi­so zehlile. Ngendlela nje esobala lokhu bekusho ukuthi izinto zimapeketw­ane ESABC. Ukubaleka kwabalalel­i nokwehla kwenani lezikhangi­so bekusho ukuthi isinqumo sikababa uhlaudi sika-90% siyifambu lokugcina kanti lutho. Umlaleli nenzuzo yizona zinto phela eziphambil­i phela emsakazwen­i.

Ngithe uma ngilalele iziteshi zale nhlangano kwangicace­la ukuthi impela sesiphinde­le e-united States of America ngokugcwel­e njengapham­bilini.

Yebo, kubaluleki­le ukugcina abalaleli benamathel­e emsakazwen­i kodwa kubaluleki­le futhi ukufundisa ngoba umlaleli ugcina ekholelwa kwanikwa khona. Baze bathi abanye ozakwethu umlaleli uyisif&*e.

Ngicabanga ukuthi ISABC kusafanele izivakashe­le futhi iziphakami­so zikababa uhlaudi bese bezipholis­ha nje kahle, bazethule kahle kubasebenz­i nakithina abalaleli. Iyaphela bo imali yezwe lakithi iyonothisa amaciko akwamanye amazwe ngenxa nje yokuthi isiphakami­so sikababa uhlaudi sagcina sigxotshwe ngamabhuzu.

*Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali. Instagram: @zowakha

Facebook: Zowakha Mbatha

Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: TWITTER ?? USUSE isidumo uhlaudi Motsoeneng ngesikhath­i esengamele ISABC.
ISITHOMBE NGABE: TWITTER USUSE isidumo uhlaudi Motsoeneng ngesikhath­i esengamele ISABC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa