Ilanga Lempelasonto

Amasatma abuyise ithemba kwi-regga

- THANDI ZONDI

UMCULI we- reggae uthi ukuqokwa kwakhe emncintisw­aneni wezindondo, isouth African Traditiona­l Music Awards (SATMA) kubuyisa ithemba kulolu hlobo lomculo.

Umaqhawe Ngcobo ( osesithomb­eni) uthi ukudlula emhlabeni kwenkakha yomculo wereggae eningizimu Afrika ulucky Dube kuthande ukubaphind­isela emuva. Uthi lokhu ukuzwa ngisho kubasakazi besho bethi selokhu kwahamba leli qhawe akekho omunye oyoke afinyelele kulo.

“Umbuzo obe usufika kimina ngothi lokhu bakwazi kanjani ngoba kabazihlup­hi ngokuba badlale umculo wethu, uduvile kabawenzi lutho. Zimbalwa iziteshi zomsakazo ezinohlelo lomculo we- reggae, kwezinye udlalwa ebusuku abantu sebelele,” kuchaza yena.

Uthi umphakathi mawunikwe ithuba lokuzikhet­hela umculo, kungathiwa umculo wabo kawunamake­the.

“Lo onemakethe yingoba udlalwa njalo, uma nowethu unikwa ithuba elilingana­yo ngeke singabi nemakethe le okuthiwa kayikho,” kusho yena.

Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe kumaSatma uthe unethemba lokuthi lokhu kuzovulela namanye amaciko kulo mkhakha indlela eya phambili.

“Ngijabule kakhulu ngaleli thuba eliyingqay­izivele engilithol­ile. Lokhu kuzogqamis­ela neziteshi zomsakazo ukuthi ireggae idinga ithuba. Uthi uqokwe nge- album yakhe yesibili esihloko sithi Our Prophet okungeyoku­hlonipha ulucky Dube enezingoma ezilishumi.

“Ngethemba ukuthi sesizohlon­ishwa kuleli nje nasemazwen­i angaphandl Dube bewudlalwa kakhul nda kushona kodwa manje lu anayo isemazweni anga li,” kuphetha umaqhawe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa