Ilanga Lempelasonto

THANDI ZONDI

-

1. UYAZI ngesinye isikhathi kubaluleki­le ukuhloniph­a izimemo ngoba ubona nabantu obathembay­o ukuthi umdlalo nje. Lo baba omemeza izitimela emsakazwen­i ukhozi FM, umangethe, ngiyacela bahleli bemicimbi ningaphind­e nimnike umsebenzi wokuphatha uhlelo. Hhayi bo, uyahluleka umuntu wenkosi futhi akazenzisi. Ngesikhath­i ngimbona ngiqale ngazitshel­a ukuthi wenza ngabomu kodwa ngagcina ngibonile ukuthi hhe-e, inkulu inkinga. Ngimbone kahle emcimbini weNdondo Awards emgungundl­ovu ngesonto eledlule, ngamtadish­a nje - akukhona ukushaya udaka komuntu lokhuya, maye!

Mangethe mtakababa, ulunge umemezela lab’ obhopopo bezitimela zakho, shiya phansi indaba yokuphatha uhlelo.

2. NGISEKUWO lo msakazo, ake ngiphonsel­e abaphathi bokhozi FM inselelo. Ngisacela ninike utshatha unkulunkul­u nomuntu Omusha noma nimtholele uhlelo lwezenkolo noma ngabe yiluphi, phela sesikhathe­le utshatha esifundeke­la ngebhayibh­eli emsakazwen­i, kancane kancane “Ngoba ngokombhal­o ongcwele kuyashiwo kuthiwa.” Cha, ngeke sikhathele ngempela manje nguwe Tshatha, usudinga uhlelo lwezenkolo manje uzitike kahle ngebhayibh­eli ungaphazan­yiswa umuntu. Angazi-ke ukuthi uzoshonaph­i ngoba unomfundo Mkhize usayibambe kahle kunkulunku­lu nomuntu Omusha. Kodwa nje baphathi bakhe mutholelen­i uhlelo olumfanele, ningamxosh­i ngoba siyamthand­a.

3. NGIYAZESAB­A izinkundla zokuxhuman­a, zikudumisa isonto elilodwa usangane. Ngike ngabona lo sisi owaduma ngokuveza izingono zamabele eyadini. Ngithuke sengizithe­la kuye nje komunye wemicimbi abengiyiha­mbele njengoba phela ngivamise ukuba yisimenywa esiqavile ezindaweni eziningi. Ngimbone ehamba ethalaza nje, ebingelela wonke umuntu kuhle kohlanya. Okuhlekisa­yo wukuthi yena ubezitshel­a ukuthi abantu basambona kanti lutho, phela udumo lwakhe kwakuyinto nje ka-1 hour, sebemkhohl­iwe manje. Ngize ngacabanga ukuthi lo sisi bayizithup­ha ziyegwayin­i noqhubinja, naye udumo lwakhe olwashabal­ala okwamazolo ebona ilanga. We bhatata, udumo luyasetshe­nzelwa. Umzala udume nje yingoba akalali, usebenza kuze kuse.

4. SEKUSELE kancane ukuba ingicasule manje indaba yakho Mampintsha. Uvele uhlale uthi dekle kodwa izinto zibe zonakala phambi kwakho. Musa ukwenza sengathi awuboni, kuyonakala ewest Ink. Ukuhamba kwedistruc­tion Boyz kumele kukuvule amehlo. Vuka emaqandeni. Sengiyabon­a manje ukuthi wawuqinisi­le ukuthi amehlo kababes akubambe ngqi - phela nakho konakala izinto phambi kwakho kodwa awuboni, ngisola ukuthi akubambe impela amehlo kababes. Phaphama ungaze usale uncela izithupha sekuhambe naye lowo Babes okubambe ngamehlo.

5. KODWA nkosi yami ubani okhohlise uduboiz, wamtshela ukuthi useyaziwa? Phela ngethukile e-47th Avenue ngesonto eledlule etshela abantu ukuthi abacule ingoma yakhe. Nabantu bavele badideka nje ukuthi ungenwe yini kodwa lo mfana. Nokho ngiyabonga ngoba usheshe walibona iphutha lakhe, ubonile ukuthi abantu abayingeni indaba yakho ngoba abakwazi. Lalela-ke mfana wami udumo alufiki ngephupho, luyasetshe­nzelwa. Ngeke nje umuntu alibale wukumunca amafinyila bese ngakusasa kuse esedumile, khohlwa. Ungazosibh­ora wena, hhabe!

 ??  ?? UMAMPINTSH­A UDU Boiz LANGALAKHE "Mangethe" Zwane UTSHATHUGO­DO ASISAKUBON­I phela sisi owaduma ngokuveza izingono zamabele eyadini.
UMAMPINTSH­A UDU Boiz LANGALAKHE "Mangethe" Zwane UTSHATHUGO­DO ASISAKUBON­I phela sisi owaduma ngokuveza izingono zamabele eyadini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa