BAZOYIVALA NGO-NINA INYANGA YABESIFAZANE
IZOVALWA ngegiya eliphezulu inyanga yabesifazane kwezomculo we-jazz namuhla ebat Centre, ethekwini. Unina Mkhize, oseke wahlabana ngezindondo ze-old Mutual Jazz Encounters, uzobe eqhulula amanoni kwisunday Jazz Sundowners.
Uyintokazi yasethekwini engene kwezomculo ngenxa kanina obecula i- jazz, marabi, imbube nezingoma zomzabalazo ngesikhathi ekhula. Useke wasebenza nezinkakha kwezomculo okubalwa kuzo uray Phiri, ubusi Mhlongo, uswazi Dlamini, ubheki Mseleku nabanye.
Uke waba yingxenye yegrahamstown Jazz Festival, inorth Sea Jazz Festival, Standard Bank Joy of Jazz Festival, Ugu Jazz Festival neminye imicimbi.
“Ozobe engekho uzophuthelwa ngoba ngizobe ngiqhulula amanoni wodwa. Sizobungaza ubumnandi bokuba ngumuntu wesifazane emculweni, kuzobe kuyintokozo yodwa. Ngithi washiywa kozobe engekho,” kusho unina.
Lo mgubho wenyanga yabesifazane emculweni we- jazz usuthathe inyanga yonke ebat Centre.
Umbali Khanyile, ongumxhumanisi ebat Centre, uthi: “Inhloso enkulu yalo mgubho bekungukufukula abesifazane kulolu hlobo lomculo. Phambilini sike savakashelwa yiheels Over Head, nozoe The Seed. Kasimile, sisazoqhubeka nokugqugquzelwa kwalo mculo ngisho sekudlule inyanga yabesifazane. Simema bonke abathandi bomculo ukuba bazozitika ngomculo bukhoma.
“Umama ugcina Mhlophe, unosihe ngabanye babantu esijwayele ukuba sibe nabo ebat Centre,” kuphetha yena.
Kulo mcimbi kuzobe kungenwa mahhala kanti kuqalwa ngehora lesithathu ntambama.