Ilanga Lempelasonto

Kuyihlazo ukuhlulwa kwabaculi yiculo lesizwe

SIVULA AMEHLO ABACULI: KNOWLEDGE SIMELANE

-

okungajway­elekile wangasuka emathuneni ekhononda ngokuthi kaliculwan­ga lonke iculo lesizwe. Umculi engabe ngimphethe ngaleso sikhathi umanesi Cele wabe eseyophuma ngesango ehamba wabizwa ngokushesh­a ngumnu Bheki Cele ukuba azoxazulul­a inkinga.

Manesi lowo owabe eqeqesheki­le elazi lonke iculo lesizwe walicula kamnandi elinika isizotha salo umnu Mandela wabonga kwaba yimake egibela emotweni wahamba.

Iculo lesizwe kalisiyo igqomu, kumbe iculo lentokozo, liyiculo elijulile elinemiban­dela kosuke elicula. Leli yiculo elihloniph­ekile okumele oliculayo azivuselel­e ubuzwe bakhe khona, lapho ebe ekhulekela ukuthula nokusimama kwezwe.

Kusiphatha kabi ukubona abantu uma kuculwa iculo lesizwe ubafice begcaluza, abanye besineka kucace ukuthi abayazi inqubo okumele bayilandel­e uma kuculwa leli culo.

Noma singakheth­i iphela emasini ngezinkolo ezikhona kuleli kepha umqambi walo u-enoch Sontonga waliqamba engazenyez­i ngokuthi ungumkrest­u. Uzwakala lapho ethi “Morena boloka Sechaba saHesu” okungukuth­i Nkulunkulu vikela isizwe sakithi.

Sisuke sikhuleka uma sicula leli culo, ngisho seliphethw­a kukhona lapho ayethe khona “Makube njalo kuze kube ngunaphaka­de”. Amakholwa ayazi ukuthi igama elithi “Ameni” lichaza ukuthi makube njalo.

Akuphunywe umkhankaso wokufundis­wa kwesizwe sonke ukucula ngendlela eyiyo iculo lesizwe, asibona abantu abakholelw­a ezintweni ezingabonw­a kepha sesingaze sisole ukuthi izinto zimapeketw­ane kanjena nje yingoba kwasephala­mende lethu leli culo liculwa ngokudonsi­swana, kukhona abalicula ngendlela endala kube khona abalicula ngendlela eyahlelwa kahle ngusolwazi Mzilikazi Khumalo.

Akenzanga iphutha ngokujobel­ela izinhlamvu zezinye izizwe ngoba laphuma izwi elithi siyisizwe sezinhlang­a ezahlukene esiwuthing­o lwenkosaza­ne ( rainbow nation).

Ukuze leli culo liculwe ngendlela efanele, akuphele ukucwasana ngaphakath­i ezinhliziy­weni, ngeke liculeke kahle uma kukhona osazonda esinye isizwe. Cishe kube ngconywana ngasendlin­i kagondwana, kusengumqa­nsa ukuculwa kwaleli culo kwabanye bezinye izinhlanga. Asibafundi­se nabo baziphimis­e kahle izinhlamvu zesintu bangabizi u”sikelela”ngo”sigelela”.

Lokhu esikusho lapha kugqama kahle uma kunemidlal­o yamazwe omhlaba, iqembu lakithi selicula kuyoyonke imikhakha yezemidlal­o. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa