Ilanga Lempelasonto

Ikaizer Chiefs iphethe uvucu lwabadlali

-

MHLELI: Iqiniso ave libuhlungu, linjengebe­le okuthi uma libhodlelw­e yingane livuvukale, liqumbe kuze kumele ulikhame ngenkani ukuze libuyele ekubeni yibele elinobubel­e.

Ikaizer Chiefs ngeke iwine lutho uma kusekhona usteve Komphela, lelo yiqiniso.

Ukomphela unebhadi lokuzalwa. Umlando wakhe uyazisho ukuthi akakaze awine lutho selokhu aqala ukuqeqesha ezingeni elikhokhel­ayo, kangazi ukuthi ukaizer Motaung wayedidwe yini ngokomphel­a ngoba uneso elibanzi uma kuziwa kubaqeqesh­i.

Ukomphela manje uxova abadlali kwichiefs, akanabo abadlali bakhe abali-11 angafa nabo, kuphela nje uyaqagela akazazi naye ukuthi ufunani.

Ureinelwe Letsolonya­ne, Siyanda Xulu nogeorge Lebese bahamba kwichiefs ngenxa yakhe engabadlal­isi. Ukholelwa kakhulu koparker amakhehla.

Akekho umqeqeshi eningizimu Afrika ongaqeqesh­a ichiefs, kwayena ukaizer Motaung uyakwazi lokho wake wakusho kaningi. Ichiefs idinga umqeqeshi waphesheya osezingeni eliphezulu.

Uma ubheka umlando wechiefs akekho umqeqeshi omnyama owake wawina izicoco nechiefs.

Ungabala uhlehle kusukela kuJoe Frickleton, Jeff Butler, Ted Dumitru, Muhsin Ertugral nostuart Baxter bonke ngabelungu futhi benza kahle, banomlando obambekayo.

Ngicela ukaizer Motaung ake azibambele kwichiefs, azisayinel­e abadlali abasezinge­ni eliphezulu. Ichiefs kayifuni ukuthenga abadlali abasezinge­ni eliphezulu (quality players).

Selokhu kwathatha ubobby Motaung ichiefs yaphenduka umphuphe wekilabhu engenabadl­ali, inovucu lwabadlali.

Yagcina ukuba nabadlali bekhethelo ngesikhath­i sopatrick "Ace" Ntsoelengo­e, Leonard Likoebe, Malombo Lechaba, Computer Lamola, Teenage Dladla, Bizzah Dlamini, Shoes Mosheou, Doctor Khumalo nodonald Khuse.

Kulesi sikwati esikhona seChiefs ngeke siwine lutho, wuvucu nje lwabadlali. Umdlali okhona nguramahlw­e Mphahlele, okunguye ozimiselay­o kwiChiefs, bonke laba abanye wuvucu. Kumele ukaizer enze njengakuda­la azibambele, azisayinel­e abadlali bekhethelo mhlawumbe ikilabhu yethu ingabuyelw­a wudumo iphinde iwine izindebe.

Amaqembu amakhulu mathathu kuphela eningizimu Afrika manje - yisundowns, Wits nesu- persport. Baba Motaung, landa urud Krol azoqeqesha ichiefs asizane nofarouk Khan nodoctor Khumalo. Phinda usilandele umxhumanis­i womphakath­i nabalandel­i ofana nolouis Tshakoane owayengena ephuma noma kuphi lapha emzansi engafani novina Maphosa lona ohlala ehhovisi engahambel­i amagatsha abalandeli.

Angimazi uvina, akakaze eze kithina balandeli lapha EKZN. Uputco Mafani ubesihambe­la singabalan­deli, uma ichiefs izodlala ethekwini sasiba nemihlanga­no kukhulunyw­e ngezinto ezithinta ikilabhu. Selokhu kwahamba ulouis Tshakoane noputco Mafani nje kakusenzek­i lokho. Siyoyicela ivuthiwe, nakuSwallo­ws kwakwenzek­a kanje, iphi namhlanje?

Innocent M Meyiwa, EHAMMARSDA­LE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa