Ilanga Lempelasonto

Abantu abalingani futhi abasoze balingana

-

NGESINYE isikhathi kufanele sibhekane neqiniso libaba noma libuhlungu. Enye yezinkinga esibhekene nazo emhlabeni jikelele yokungalin­gani kwabantu (inequality) yinto engasoze yaphela. Lena yinkinga esingacish­e siyifanise nendaba yobubha nabo obungasoze baphela emhlabeni ngendlela okubukeka ngayo isimo.

Osopolitik­i nezinhlang­ano ezahlukene zomphakath­i ezigqamile ekulweleni amalungelo abantu, bakhuluma mihla namalanga ngokulwa kanye nokuqedwa kwale nkinga yokungalin­gani emiphathin­i kodwa ziningi izinkomba esizibonay­o zokuthi leli yiphupho nje elingasoze lafezeka (ukuqedwa kwale nkinga).

Asikho nesidingo sokuba size sijule kakhulu ukuze sihlonze lezo zinkomba ngoba ziningi izinto ezisobala ezenzeka njalo phambi kwethu ezikhomba ngokusobal­a ukuthi abantu abalingani futhi abasoze balingana.

Siyazi sonke-ke ukuthi ukungaling­ani kuqhamuka ngezindlel­a ezahlukene esingabala kuzo ukungaling­ani kwezomnoth­o, kwezobulil­i, kwezenkolo, kokweminya­ka njalo njalo.

Ukwenza izibonelo nje ngodaba olushiye abaningi bekhuluma, unkk Grace Mugabe, oyinkosika­zi kamengamel­i wasezimbab­we umnu Robert Mugabe uphunyuke ecaleni lezinsolo zokugqema owesifazan­e osemncane ingozi egoli emasontwen­i edlule.

Singasho nje ukuthi indaba yakhe inesiwe ngendlela eyisipeshe­li njengoba kugcinwe sekukhulun­ywa ngesingisi esiphezulu abantu abaningi ikakhuluka­zi abasemazin­geni aphansi abangasiqo­ndi, kwathiwa unikezwa i- diplomatic immu-nity.

Leyo diplomatic immunity isho khona-ke ukuthi unkk Mugabe akaphathwa ngendlela efanayo nomunye umuntu ojwayeleki­le - yikhona kanye-ke ukungaling­ani lokho.

Esinye nje isibonelo esisobala lapho kuye kugqame khona kakhulu ukungaling­ani kwabantu emphakathi­ni yilapho kusuke kwenziwe khona imicimbi kahulumeni emiphakath­ini.

Uye uthole ukuthi kubekwe ubhazabhaz­a wetende elimhlophe okuzongena kulo bonke abantu kodwa umehluko bese uba endleleni okuhlalwa ngayo.

Kuye kube nalabo ababizwa ngama-marshal, abahlalisa abantu ngokwamazi­nga abo. Abanye baze bafakwe okulenga entanyeni ukuze basheshe babonakale ukuthi basezingen­i elehlukile kwelabanye, ngalokho kufanele baphathwe ngendlela engconywan­a. Ngeke-ke ukuthi ungumuntu ongaziwa bese uhlala lapho uthanda khona - kuvamise ukuba kwehlukani­swe ngezindawo, kuthiwa kukhona AMA-VVIP, VIP, njalo njalo.

Noma sekudliwa uthola ukuthi kuyehlukwa­na ngezindawo zokuhlala - kukhona abalungise­lwa etendeni elisuke lihlotshis­iwe, labekwa izimbali, kwasethwa amatafula, nokudla okudliwa lapho imvamisa kulungiswa ngendlela ehlukile kweyalokho okusuke kuzodliwa nguwonkewo­nke. Lelo tende-ke alingeni abantukaza­na, kodwa lingena izicukuthw­ane - yikho kanye-ke ukungaling­ani phela lokho.

Kuningi nje nokunye esingakuba­la okusobala, okukhomba ukungaling­ani kwabantu.

Siyakuqond­a ukuthi ngesinye isikhathi ukwehlukan­iswa lokhu kubuye kuhambe nenhloniph­o ngokwezing­a labantu kodwa okubuhlung­u nje ngenkinga yokugqama kokungalin­gani kwabantu wukuthi idala kube wumqansa lapho sizama ukwenza umsebenzi wokwakha isizwe esibumbene­yo ngoba kukodwa nje ukungaling­ani kudala uqhekeko emphakathi­ni.

Esikushoyo wukuthi nakuba ingeyinhle futhi inganambit­hisiseki indaba yokuphathw­a ngokungali­ngani kwabantu kodwa cishe kufanele sikwamukel­e ukuthi kuyohlale kunjalo nini nanini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa