Abantu abalingani futhi abasoze balingana
NGESINYE isikhathi kufanele sibhekane neqiniso libaba noma libuhlungu. Enye yezinkinga esibhekene nazo emhlabeni jikelele yokungalingani kwabantu (inequality) yinto engasoze yaphela. Lena yinkinga esingacishe siyifanise nendaba yobubha nabo obungasoze baphela emhlabeni ngendlela okubukeka ngayo isimo.
Osopolitiki nezinhlangano ezahlukene zomphakathi ezigqamile ekulweleni amalungelo abantu, bakhuluma mihla namalanga ngokulwa kanye nokuqedwa kwale nkinga yokungalingani emiphathini kodwa ziningi izinkomba esizibonayo zokuthi leli yiphupho nje elingasoze lafezeka (ukuqedwa kwale nkinga).
Asikho nesidingo sokuba size sijule kakhulu ukuze sihlonze lezo zinkomba ngoba ziningi izinto ezisobala ezenzeka njalo phambi kwethu ezikhomba ngokusobala ukuthi abantu abalingani futhi abasoze balingana.
Siyazi sonke-ke ukuthi ukungalingani kuqhamuka ngezindlela ezahlukene esingabala kuzo ukungalingani kwezomnotho, kwezobulili, kwezenkolo, kokweminyaka njalo njalo.
Ukwenza izibonelo nje ngodaba olushiye abaningi bekhuluma, unkk Grace Mugabe, oyinkosikazi kamengameli wasezimbabwe umnu Robert Mugabe uphunyuke ecaleni lezinsolo zokugqema owesifazane osemncane ingozi egoli emasontweni edlule.
Singasho nje ukuthi indaba yakhe inesiwe ngendlela eyisipesheli njengoba kugcinwe sekukhulunywa ngesingisi esiphezulu abantu abaningi ikakhulukazi abasemazingeni aphansi abangasiqondi, kwathiwa unikezwa i- diplomatic immu-nity.
Leyo diplomatic immunity isho khona-ke ukuthi unkk Mugabe akaphathwa ngendlela efanayo nomunye umuntu ojwayelekile - yikhona kanye-ke ukungalingani lokho.
Esinye nje isibonelo esisobala lapho kuye kugqame khona kakhulu ukungalingani kwabantu emphakathini yilapho kusuke kwenziwe khona imicimbi kahulumeni emiphakathini.
Uye uthole ukuthi kubekwe ubhazabhaza wetende elimhlophe okuzongena kulo bonke abantu kodwa umehluko bese uba endleleni okuhlalwa ngayo.
Kuye kube nalabo ababizwa ngama-marshal, abahlalisa abantu ngokwamazinga abo. Abanye baze bafakwe okulenga entanyeni ukuze basheshe babonakale ukuthi basezingeni elehlukile kwelabanye, ngalokho kufanele baphathwe ngendlela engconywana. Ngeke-ke ukuthi ungumuntu ongaziwa bese uhlala lapho uthanda khona - kuvamise ukuba kwehlukaniswe ngezindawo, kuthiwa kukhona AMA-VVIP, VIP, njalo njalo.
Noma sekudliwa uthola ukuthi kuyehlukwana ngezindawo zokuhlala - kukhona abalungiselwa etendeni elisuke lihlotshisiwe, labekwa izimbali, kwasethwa amatafula, nokudla okudliwa lapho imvamisa kulungiswa ngendlela ehlukile kweyalokho okusuke kuzodliwa nguwonkewonke. Lelo tende-ke alingeni abantukazana, kodwa lingena izicukuthwane - yikho kanye-ke ukungalingani phela lokho.
Kuningi nje nokunye esingakubala okusobala, okukhomba ukungalingani kwabantu.
Siyakuqonda ukuthi ngesinye isikhathi ukwehlukaniswa lokhu kubuye kuhambe nenhlonipho ngokwezinga labantu kodwa okubuhlungu nje ngenkinga yokugqama kokungalingani kwabantu wukuthi idala kube wumqansa lapho sizama ukwenza umsebenzi wokwakha isizwe esibumbeneyo ngoba kukodwa nje ukungalingani kudala uqhekeko emphakathini.
Esikushoyo wukuthi nakuba ingeyinhle futhi inganambithisiseki indaba yokuphathwa ngokungalingani kwabantu kodwa cishe kufanele sikwamukele ukuthi kuyohlale kunjalo nini nanini.