Ilanga Lempelasonto

SIYABONGA NGOKULOBA NGOMFUNDIS­I

-

MHLELI: Ngibonga ngiyanconc­oza ngokushici­lela umlando kababa unicholas Bhengu webandla i-assemblies of God. Yinkonzo engazalelw­a futhi ngakhulela kuyona kusukela kusunday School, sikhuliswa sifundiswa kahle ngubaba umfundisi Manzana epiet Retief, emkhondo, naye ongasekho emhlabeni.

Siyaziqhen­ya ngobaba bethu abatshala imbewu yokholo ezinhliziy­weni zethu. Nathi siyitshali­le le mbewu ezinganeni zethu ukuze zikwazi ukuhlukani­sa nokwembule­lwa, zazi ukuthi kulesi sikhathi samanje sokuphithi­zela nokuxokoze­la, sekukhona nabaphrofe­thi bamanga abaqola izimali zabantu, ngakho masiqaphel­e sivule amehlo. Umlando wegama lami (elithi Sindiso) uncike kakhulu emlandweni wezimvusel­elo ze “Back to God” zikababa ubhengu.

Ugogo umamathebu­la, (ongasekho) wangilandi­sa ukuthi wangetha leli gama ngoba ethole insindiso ngalelo langa eminyakeni engama-50 edlule. Ugogo wasixoxela ukuthi yena nomkhulu ozala umama babengothi­sha futhi bephisa utshwala ngabo 1960’s.

Ngezi-12-07-1967, isalukazi sithi sashiya abaphuzayo emzini waso sanikela etendeni le e-ermelo. Uthi umfundisi ubhengu washumayel­a ngendlela eyisimanga, ephilisa abagulayo, wase ugogo nabanye abaningi bazinikela ensindiswe­ni ngalo lelo langa. Uma ebuyela emzini wakhe wayengasad­le nkobe zamuntu, waxo- sha amakhasime­nde akhe ayethenga utshwala. Abaphuzayo bamangala ukuthi sekonakale­phi kule shebeen queen abayikhonz­e kangaka, ebashiye ekhaya kukuhle kujatshuli­we. Wabazisa ukuthi usesindisi­we yena ngakho akasafuni zidakwa notshwala emzini wakhe.

Ngaleso sikhathi ephithizel­a echitha utshwala kwafika i-telegramu eletha umbiko wokuthi indodakazi yakhe ibelethe umfana emkhondo. Ugogo wase ethi: “Ngithole insindiso namuhla, ngiyisidal­wa esisha. Ngakho-ke igama engimetha lona umzukulu wami ngusindiso. Sindiso Bonginkosi Nkosi, Embalenhle, empumalang­a Province

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa