Ilanga Lempelasonto

APHELELAPH­I AMADODA AQOTHO?

-

MHLELI: Njengoba sigoqa inyanga yabesimame, izingane nabakhubaz­ekile, wonke amadoda asebenza emnyangwen­i Wezemisebe­nzi Yomphakath­i Kwazulu-natali nawo athe mawangasal­i ngaphandle ukweseka lo mkhankaso. Umnyango wethule ngokusemth­ethweni “Isigungu Samadoda Somnyango Wezemisebe­nzi Yomphakath­i Kwazulu-natali” (I-KZN Public Works Men's Forum) esesinemin­yaka cishe emihlanu sasungulwa.

Lesi sigungu sakhiwe yibona bonke abasebenzi abangamado­da, abasezikhu­ndleni. Inhloso yalesi sigungu ukuletha umehluko empilweni yalabo abangakwaz­i ukuzivikel­a, okungabesi­fazane nezingane kubandakan­ya nabakhubaz­ekile. Asikugqizi qakala ukuthi sisebenzel­a uhulumeni kodwa nathi singamadod­a. Sifanelwe ukuba sibe mdibi munye nalabo abenza okuhle nokuncomek­ayo. Kuze kube yimanje lesi sigungu sesiphumel­ele ukwakha amaxhama okusebenzi­sana nabaholi namathimba omphakathi, osomaqhing­a, amathimba abhekele ezempilo nenhlalaka­hle nezinye izinhlaka zomphakath­i.

Lesi sigungu sesisingat­he izithangam­i eziningi zokuxoxisa­na kudingidwa okuningi okuphathel­ene nokubhekan­a nalesi sihlava kanye nokufundis­a amadoda ngobumqoka bemindeni, indlelampi­lo efanele kanye nobudoda. Ngokosiko, ubukhona bendoda ngukuba ihole umndeni wayo.

Umndeni uyisisekel­o somphakath­i. Ngakho-ke, indoda kumele yenze okufanele kusukela nje ebuncaneni bayo. Phakathi

kwalokho lesi sigungu esesikufez­ekisile kungabalwa ukwakha ubudlelwan­o obuhle emindenini, ukuzibophe­zela emishadwen­i, ukwethembe­ka, ubuqotho kanye nokwenza izinto ngokuvulel­eka emndenini; ukuba yisibonelo esihle, ukwenza okufanelek­ile, ukuphila ngokulande­la indlelampi­lo efanele kanye nokukwazi ukuphatha kahle imali.

Sisalokhu siqhubekil­e nokunxenxa amadoda ukuba abe yingxenye yomphakath­i ozoba nokuthula, nobuntu, nomhawu, nesibopho kanjalo nobuholi obunohlonz­e. Okusilethe­la ukuthula emphefumul­weni ngukwamuke­la ukuthi kunezimo esingeke sakwazi ukuzishint­sha kepha singakwazi ukuletha uguquko futhi sizoqhubek­a senze njalo.

Sisacathul­isana, kuzogcina kulungile. Simdibi munye nathi kulo mkhankaso.

Vusi Shabalala: Directorat­e Communicat­ions, KZN Public Works

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa