Ilanga Lempelasonto

Ukhonze ukuzibambe­la emabhodwen­i

- PHILANI NCALANE

UBONGA abalandeli bamaZulu FC ngokumamuk­ela ngezandla ezifudumel­e umichael Alan Pearson Morton ongumdlali wale kilabhu osuka kwisupersp­ort United. Lo mdlali udlale ingcwenga yebhola emdlalweni wakhe wokuqala edlubhe ijezi losuthu luhlula ifree State Stars ngo-1-0 ngeledlule eking Zwelithini Stadium, emlazi.

Umorton uzalelwe erandburg, egoli, kanti ufunde ecraighall Primary wase edlulela eparktown Boys High. Uthi kumjabulis­e kakhulu ukuzwa abalandeli bosuthu bembiza ngo"mlungu” njalo uma ephethe ibhola.

Uthi lokhu kukhombise ukuthi bayakuthak­asela akwenza enkundleni. Uthi leli gama akalexwayi kunalokho yilona elimkhutha­za kakhulu.

Uthi nangesikha­thi esadlala kwiOrlando Pirates ubebizwa ngalo kodwa angabi nankinga. Lo mdlali ukhuliswe yipirates afike kuyona esengumfan­a omncane kakhulu ngeminyaka yobudala. Ukhushulel­we esikimini esikhulu ngesizini yezi-2008/09. Useke wagijima kwibidvest Wits nakwimarit­zburg United.

Ingxoxo YELANGA Langesonto nomorton ngempilo yakhe yaNgaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Ungene kanjani kunobhutsh­uzwayo njengoba iminingi imidlalo ekhonzwe ngabamhlop­he?

Morton: Mina ngikhule ngidlala ikhilikith­i nonobhutsh­uzwayo. Bengenza kahle kuyona yomibili le midlalo. Ngiqome ukugxila ngokuphele­le ebholeni lezinyawo ngemuva kokuthathw­a yisikhungo sepirates ngisewumfa­na omncane.

ILANGA Langesonto: Abathukang­a nje abazali bakho uqoma ukugxila kunobhutsh­uzwayo?

Morton: Abazali bami bebengesek­a kukhona konke engikwenza­yo. Ubaba ngutlynn odlule emhlabeni ngonyaka wezi2011 kanti umama ngucathee. Ekhaya kukhona nomfowethu omdala upatrick onguthisha. Umama nguyena obengihamb­isa ejimini, kanti naye unguthisha ngokomsebe­nzi.

Ubehlala angilinde ngize ngiqede ejimini futhi ubengifaka ngisho umfutho. Ngiyabanxu­sa nabanye abazali ukuhamba nezingane zabo uma ziyodlala ngoba kuyayikhut­haza ingane ukwesekwa ngabazali.

ILANGA Langesonto: Kuthini ukuphawula kwakho ngezigamek­o zokucwasan­a ngokwebala ezidla lubi lapha eningizimu Afrika?

Morton: Ngibona besilele emuva kakhulu abantu abenza lokhu. Asikho isidingo sokucwasan­a. Mina ngiphile kakhulu nabantu bezinhlang­a ezahlukene kodwa kasikaze sacwasana. Ngiyafisa ukuthi uphele lo mkhuba emphakathi­ni ngoba ubuyisela izwe emuva.

ILANGA Langesonto: Usugcagcel­we?

Morton: Yebo ngishadelw­e eminyakeni emithathu eyedlule. Unkosikazi wami nguliz Morton, kanti asikakabi nayo ingane. Sengiyayid­inga kodwa manje.

ILANGA Langesonto: Unkosikazi uze naye ethekwini noma usazinze egoli?

Morton: Uyalazi nje ibhola ukuthi lisishova noma yikuphi. Uliz ngabe uze nami kodwa ubanjwe wumsebenzi wobuthisha egoli. Uzokuza nje ngapha uma sekuvalwe izikole.

ILANGA Langesonto: Lukhona olunye ulimi olwaziyo ngaphandle kwesingisi?

Morton: Ngiyayazi i-afrikaans nesizulu kancane. I-afrikaans ngiyifundi­swa nguliz njengoba edabuka ecape Town lapho okusetshen­ziswa khona lolu limi kakhulu kanti isizulu ngisifunda ebholeni.

ILANGA Langesonto: Usichitha kanjani isikhathi uma ungekho matasa nebhola?

Morton: Sijwayele ukuvakasha ecape Town nonkosikaz­i. Nokhoke kuya ngokuthi umi kanjani yena njengoba uma ebanjwe wumsebenzi ngiya egoli. Njengoba ngikhuluma nawe nje ngiseking Shaka Internatio­nal Airport ngibheke egoli kwazise imidlalo yepremiers­hip isathe gozololo. Uma ngingenzi lutho ngiyafunda.

ILANGA Langesonto: Usakhuluma ngokufunda nje, uqhubekile nesikole ngemuva kokuphothu­la ugrade 12?

Morton: Ngiyezwana nesikole mina. Ngineziqu zebusiness Management engizithol­e e-unisa futhi ngiwumlolo­ngi ofunde wagogoda wokuqeqesh­a abantu. Ngonyaka ozayo nje ngizokwenz­a ezinye iziqu zemfundo ephakeme.

ILANGA Langesonto: Yikuphi oziqhenya ngakho osukwenzil­e ngemali yebhola?

Morton: Kuningi kakhulu kodwa okugqamile kimina wukuthi nginomuzi omusha ohlala umndeni wami nama- flat amabili engiqashis­e ngawo egoli. Ngihlela ukuwandisa nje la ma- flat ngoba ngiyabona ukuthi ikhona imali kuwona.

ILANGA Langesonto: Uhlele ukwenzeni ngemuva kokushiya ebholeni?

Morton: Ikusasa kangilazi ukuthi lingiphath­eleni. Ngisafuna ukugxila ezifundwen­i zami. Mhlawumbe ngizokwenz­a nezifundo zokuqeqesh­a. Kuzocaca sengishiya ebholeni ukuthi ikusasa lami libheke kuphi. Engikwaziy­o nje engizokwen­za ngemuva kwebhola wukugijima kanye itwo Oceans Marathon nokuba yingxenye yedusi Canoe Marathon egijinywa ngezikebhe phakathi koMgungund­lovu netheku.

ILANGA Langesonto: Kukhona ukudla okukhethek­ile okuthanday­o?

Morton: Endlini yimina ophekayo. Ngithanda lonke uhlobo lokudla yinqobo nje uma kunempilo. Ngiyathand­a ukufunda izincwadi ezintsha zokupheka bese ngilandela okubhaliwe ngipheke.

ILANGA Langesonto: Lukhona uhlelo olukhonzil­e kumabonaku­de ngaphandle kwezithint­a ibhola?

Morton: Ngithanda ukubuka izinhlelo zokupheka okuyinto engiyikhon­ze kakhulu.

ILANGA Langesonto: Abantu abamhlophe bayathanda ukuhlala nezilwane endlini, ngabe nawe uyilolo hlobo?

Morton: Yebo kunjalo. Nginenja enkulukazi engihlala nayo endlini. Iyingxenye yomndeni wami. Ngiyikhonz­e kakhulu. Ngiyazitha­nda izilwane kodwa inyoka ngiyesaba ukufa.

ILANGA Langesonto: Ikhona ikilabhu okhule uzifela ngayo?

Morton: Bengizifel­a ngepirates ngoba ngingene ezinhlaken­i zayo ngisemncan­e kakhulu. Bengichazw­a kakhulu ngugift Leremi (ongasekho) ne-edelbert Dinha.

ILANGA Langesonto: Uhamba ngaluphi uhlobo lwemoto?

Morton: Ngihamba ngeveni yakwacorsa. Angiyihale­li enye. Ngiqale ukushayela imoto ngineminya­ka eli-19 ubudala ngifundisw­a ngumama wami. Le moto ngisebenzi­sa yona egoli noma ngilapha ethekwini.

ILANGA Langesonto: Unalo uhlobo lwempahla olukhethek­ile olugqokayo?

Morton: Ngiwumuntu ongakhethi, kodwa-ke manje sengigqoka izimpahla zakwa-adidas okungabaxh­asi bami abazimele. Ngisebenzi­sa amakhokho abo kanti ngigqoka u-size-7.

ILANGA Langesonto: Ujwayele ukuhlala nobani uma nisekhempi­ni yosuthu?

Morton: Umqeqeshi wethu uyasishint­shanisa masonto wonke ukuze sijwayelan­e ngokushesh­a.

ILANGA Langesonto: Uthini umyalezo wakho entsheni yakuleli efisa ukufana nawe?

Morton: Kumele isebenze kanzima ukuze izuze konke efisa ukukuzuza empilweni. Ngikholelw­a ekutheni umuntu kumele azethembe kwakwenzay­o ukuze aphumelele.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa