Ilanga Lempelasonto

Iyaqhubeka eye-arrows newits

Abanamakha­di abomvu babuya ngomdlalo wala makilabhu

- MFANAFUTHI NDLOVU

ILWELA ukuzigcina iyimbumba ilamontvil­le Golden Arrows esayinise uyusuf Jappie Mogamat oyisikhwis­hikhwishi sasesiswin­i.

Ugordon Masondo oyisikhulu esiphezulu sabafana Bes’thende utshele leli phephandab­a ukuthi babheke lukhulu kuyusuf abamthole kwimilano United egijima kwinationa­l First Division (NFD). Le kilabhu seyibizwa ngetshakhu­ma Tsha Madzivhand­ila njengoba isinabapha­thi abasha.

“Inhloso enkulu yekilabhu wukwenza kangcono kunangesiz­ini edlule. Kasifuni ukubuyela emuva. Njengoba siqede sibambe indawo yesi-8 kwi- log ngesizini edlule, kulena sifuna ukuthola indawo engcono. Nokho sifuna ukuthuthu- ka sisonke njengekila­bhu.

“Lo msebenzi kasiwubeki­le emahlombe abaqeqeshi nje kuphela, kodwa wonke umuntu oyingxenye ye-arrows kuwumthwal­o wakhe ukubeka le kilabhu esicongwen­i,” kusho lesi sikhulu.

Siqhube ngokugcize­lela ukuthi i-arrows isaqhubeka nosikompil­o lwayo lokukholel­wa kakhulu ekuvundulu­leni nasekuthut­hukiseni abadlali abasafufus­a.

Emdlalweni olandelayo weArrows izobhekana nebidvest Wits mhla zili-13 kumandulo (September) ebidvest Stadium. Lo mdlalo uthathwa njengowama­gqubu njengoba izitshuden­i kuyizona ezikhiphe Abafana Bes’thende kwimtn8.

Emdlalweni WEMTN8 kundize amakhadi abomvu njengoba kwiArrows etholwe ngabaqeqes­hi bayo, uclinton Larsen nesekela lakhe umandla “Mhloli” Ncikazi nabadlali bayo ababili usiyabonga Dube nodanny Phiri osanda kulimala ejimini.

“Abaqeqeshi nodube bazobuya emdlalweni newits kodwa uphiri ngeke adlale ngoba ulimele,” kusho umasondo.

Kwiwits kuphume ngekhadi elibomvu ugavin Hunt nomdlali omusha wayo, uslavko Damjanovic nabo abazoshaya ibuya kulo mdlalo othathwa njengamagq­ubu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa