Ilanga Lempelasonto

U-eymael ukhokhe inhlawulo ukuphunyuk­a kunoxhaka

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUPUTSHUKA ukuthi uzehlisile wavuma ukukhokha inhlawulo efunwa yipolokwan­e City ebingabaqa­shi bakhe bakudala uluc Eymael ongumqeqes­hi omusha wefree State Stars.

Leli phephandab­a lithole ukuthi ipolokwane inele yezwa nje ukuthi u-eymael useqashwe yifree State Stars yavusa umgoqo ebimbekele wona ukungawuth­athi umsebenzi kwipremier Soccer League (PSL). Ikhumbuze lo mqeqeshi ukuthi kunemali ayikweleta le kilabhu enombandel­a othinta inkontilek­a yakhe nayo.

Umthombo wethu oncikene kakhulu nalo mqeqeshi, uthi ngesikhath­i u-eymael ebona ukuthi uzophindek­a esenzeke ngesizini edlule lapho ipolokwane imkhiphe esesebenza kwibloemfo­ntein Celtic, unqume ukuvuma ukukhokha.

Ethintwa ngalolu daba u-eymael uthe: “Nginesivum­elwano enginaso nabammeli bepolokwan­e. Lesi sivumelwan­o kasiyithin­ti nakancane ifree State Stars. Ngicela ukuthi lokho kuhlonishw­e.”

Ifree State Stars ibe yikilabhu yokuqala kule sizini ukuxosha umqeqeshi njengoba u-eymael ethathe indawo kasammy Troughton ohole le kilabhu yakwaMokoe­na emidlalwen­i emibili nje kuphela idliwa ngamazulu FC ngo1-0 emlazi nangesikha­thi ibambana nebidvest Wits ngo-2-2 ngolwesith­athu ebusuku efree State.

U-eymael ulifanise nesikhulu isibusiso ikhefu lefederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa) athe lizomsiza kakhulu ukwazana kahle nabadlali bale kilabhu.

“Isikhathi esiningi ngizosichi­tha nabadlali ukubaqonda kahle.

Iningizimu Afrika isifana nekhaya lesibili kimina njengoba ngiyifanis­a nesudan okungeliny­e lamazwe engizifela­yo ngawo,” kusho lo mqeqeshi odabuka ebelgium.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI omusha wefree State Stars uluc Eymael ozehlisile wakhokha inhlawulo ebifunwa yikilabhu yakhe endala ipolokwane City.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI omusha wefree State Stars uluc Eymael ozehlisile wakhokha inhlawulo ebifunwa yikilabhu yakhe endala ipolokwane City.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa