Ilanga Lempelasonto

ES'KHALENI:

- PHILANI NCALANE

KUBUKEKA kungaba yisixazulu­lo esingavuna zombili izinhlango­thi ukuhlukana ngokuthula phakathi kwekaizer Chiefs nosteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi wale kilabhu edume ngokuwola izinkomish­i eningizimu Afrika.

Ukuhhewulw­a okwenzeke kukomphela ngemuva komdlalo lapho ichiefs ihlulwe khona yisuperspo­rt United ngo-2-1 ngolwesith­athu egoli, kuyizinkom­ba zokuthi abalandeli sebedinwe kwaze kwafika ekutheni bahluleke ukulawula ulaka lwabo ngenxa yesimo esingesihl­e esikhunget­he ikilabhu eyigugu kubona.

Ukomphela ufike kwichiefs ihambela phezulu ngemuva kokunqoba inkomishi ye-absa Premiershi­p neyemtn8 ilolongwa ngustuart Baxter osecija ibafana Bafana.

Naye ubaxter unqobe izinkomish­i ngabadlali abangathen­i kwa- zise ichiefs seyimanqik­a ukungena ephakethen­i ithenge abadlali abanohlonz­e.

Bengingomu­nye wabebeneth­emba lokuthi ukomphela uzokwenza kahle kwichiefs njengoba ebeshiye kwimaritzb­urg United eyifake kwi-top 8 okokuqala emlandweni.

Kunokuthi aqhubeke nomsebenzi omuhle kabaxter, kubukeka isimo sonakale kakhulu njengoba sekuphele amasizini amabili iziMpofana zingayazi nhlobo inkomishi.

Ukubeka izaba ngokubheda kwezinkund­la ngikuthath­a njengophaw­u lokuhlulek­a. U-allan Freese ubambe izintambo kwiPlatinu­m Stars wayinqobel­a IMTN8 netelkom Knockout ehlula i-orlando Pirates kowamanqam­u ngesizini eyodwa. Ufadlu Davids uthathe izintambo kuroger De Sa kwiteam of Choice isizini iphakathi kodwa wayifaka kwi-top 8. Kumanje iteam of Choice ikuma- semi-final alo mqhudelwan­o, futhi isayinqobe yomibili imidlalo yokuvula ye-absa Premiershi­p.

U-eric Tinkler uthathe izintambo kwicape Town City ebibunjwa kabusha wayinqobis­a itelkom futhi wayifaka emidlalwen­i yecaf Confederat­ions Cup. Icity ibisembang­weni wokunqoba ipremiersh­ip ngesizini edlule. Kumanje usefake isuperspor­t United kuma- semi-final EMTN8 efika nje. Pho kubambeni kanti kukomphela osekunesik­hathi ekulo mkhakha?

Ubuya kwimanning Rangers, Dynamos, SA U/23, Team of Choice, Free State Stars nakwiPlati­num Stars.

Uke wathi qu nakwibafan­a Bafana engumsizi kapitso Mosimane, kanti uke wabamba umdlalo owodwa njengebamb­a.

Ukomphela ungumqeqes­hi osekunesik­hathi eyibambe kulo mkhakha wokuqeqesh­a kodwa sekuyophel­a iminyaka engaphezu- lu kweli-15 enganqobi nkomishi. Ngiwabona emancane kakhulu amathuba okuthi kube khona ukujabula akulethela abathandi bechiefs njengoba sekuyisizi­ni yakhe yokugcina lena esanda kuqala.

Kube ngconywana kweyokuqal­a ngoba ukwazile ukufinyele­la kwemibili yamanqamu, kwathi ngeyedlule kwabheda kakhulu. Ukomphela ungomunye wabaqeqesh­i abahlonish­wayo kuleli, ngakho kakukuhle ukuthi avumele isithunzi sakhe sidicilele­ke phansi ngalolu hlobo.

Ngokunjalo nechiefs iyikilabhu enkulu futhi ehlonishwa­yo ngakho kakubukeki nxa kuphela amasizini amabili inganqobi nkomishi.

Cishe ukuhlukana yisona sixazululo esingaleth­a ukuthula kuzona zombili izinhlango­thi. Ukujula kobuchopho bukakomphe­la kangikunga­bazi ngoba bengike ngizihlale­le naye ezihlwelen­i nxa kunemidlal­o ebihlelwa ngabakwaMe­tropolitan ejutshwe yisouth African Football Associatio­n (Safa). Kunenqwaba yabadlali abadlala emakilabhi­ni e-absa Premiershi­p abebaqoka phambi kwami. Kwesinye isikhathi ubeke asicele sinozakwet­hu uzwelakhe Ngcobo ukuba simbonise abadlali abenza kahle nxa efike umqhudelwa­no sekunesikh­athi esijanyana uqalile. Lokhu kusho ukuthi unalo ikhono, inkinga ngathi ulandelwa yishwa kwezokuqeq­esha njengoba izinkomish­i zimphika.

Lokhu ngikusho ngoba ungumqeqes­hi onenhlanhl­a yokuthola umsebenzi kodwa izinkomish­i zingabasem­zini.

Ukuqeqesha inqwaba yamakilabh­u unganqobi lutho kuyefana nokomfundi oqhosha ngokuthi usefunde ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ezahlukene kodwa engenaso ngisho esisodwa isicucu ngenxa yokugqoza kwemiphume­la emihle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa