Basongela amaphoyisa abangani bakachillies
EZOMPHAKATHI: Zenziwa ngabangani bakachillies
KUNEZINSONGO eziqinile ezibhekiswe emaphoyiseni ngokubulawa kukamnu Sandile “Chillies” Bhengu (37) wasemlazi kwaf odutshulwe wabulawa ngamaphoyisa ngeledlule, okubikwa ukuthi ambambe oqotsheni ezama ukukhipha i-tracker emotweni entshontshiwe esigcemeni sakwad emlazi.
Uchillies ufihlwe izolo ngoMgqibelo ngemuva kwenkonzo yomngcwabo ebisehholo lomphakathi kwam.
Omunye wabangani bakachillies, obekhuluma kule nkonzo, uthe amaphoyisa abulale uchillies azozibona ukuthi afana nobani, wathi okuhle ayaziwa.
Uqhubeke wathi: “Siyibekile IDA njengoba nixhaphaza imali kahulumeni ngento engekho kugadwa umngcwabo kachillies, kumoshwa imali,” kusho lo mngani.
Uncome uchillies ngokuhlonipha nokwazisa umndeni wakhe. Uthe uchillies ubezintshontshela izimoto, engabulali muntu. Ubephila ngobugebengu nje kuphela ukuze athole imali yokondla umndeni wakhe.
Lo mngani usho lokhu nje bese kuke kwavela ukuthi abasondelene nomufi basola amaphoyisa ngokuthi adubule umngani wabo engaphethe sibhamu, esephakamise nezandla ekhombisa ukuthi uyavuma ukuboshwa.
Uqhubekile wathi umngani wakhe ubengawabalekeli amacala, bekuthi uma kukhona icala abhekene nalo aye enkantolo lize liphele. Zonke izikhulumi ebezisina zidedelana kulo mngcwabo zincome ukuhlonipha nokuthobeka abenabo uchillies yize ubezintshontsha izimoto.
Bathe ubengezwani nokubona abantu beswele, ewusizo emphakathini, enjalo nje eyithanda into enhle njengoba bethi ubewudla ukotini.
Unkk Sindisiwe Mkhulisi, obekhulumela omakhelwane, naye uncome inhlonipho kulesi sigebengu athe besiwusizo olukhulu emphakathini.
“Besizwa ngabantu ukuthi uyisigebengu, untshontsha izimoto kepha besingakaze simbone enza lokho,” kusho unkk Mkhulisi.
Abantu bebephume ngobuningi babo kulo mngcwabo, ihholo ligcwele lithe phama, abanye bemi ngezinyawo. Ngaphandle kwehholo bekuyiso leso kukhishwe nezipika ngaphandle kwenzelwa ukuthi nabahlezi emnyango bakwazi ukulalela inkonzo ebingaphakathi.
Utshwala negqomu akusalanga ngaphandle kulo mngcwabo. Izintokazi ebezihambele umngcwabo bezidansa zishaya amavosho, sezikhohlwe nokuthi zisemngcwabeni ngesikhathi sekudlala ingoma entsha eqanjwe ngochillies emncomayo ukuthi ubaba njengopelepele.
Nangaphakathi ehholo abantu bake bathi ukukhohlwa kancane wukuthi basemngcwabeni ngesikhathi ozakwabo bakachillies bezithuthuthu bengena kuduma ubuvumvum, kwasangana abantu, abanye bashaya amakhwela kukhona nabakikizayo.
Uchillies ubengomunye wabeqembu lezithuthuthu elaziwa ngokuthi ngamabhubesi.
Laba bezithuthuthu nabo bamncomile bathi ubezinikele yize ubesanda kujoyina kuleli qembu.
Amaphoyisa abeyinsada elokishini emlazi, ekake nehholo. Abegade nokuba kungashaywa izidudla, kungaqhunyiswa nezibhamu okuyinto evamise ukwenzeka uma kungcwatshwa isela lezimoto. Ngesikhathi sekulungiselwa ukuphuma kwesidumbu ehholo, bekundiza ibhanoyi lamasosha elinophephela emhlane, ligade okuthi khwasha.
Kushaye isikhathi sokushicilela kungekho zigameko ezibikiwe.