UZOLULEKWA UDOKOTELA WENGQONDO OWE-CHIEFS
Ubanjwe wukhwantalala lokuthukwa ngabalandeli
UZOLULEKWA ngokomqondo umdlali wekaizer Chiefs okuvela ukuthi usephelelwe wukuzethemba kwazise abalandeli bayamungcofa futhi bamchapha nangezinhlamba ezinkundleni zokuxhumana.
Ichiefs izodudulana necape Town City kowe-absa Premiership ngoLwesithathu ngo-19h30 ecape Town Stadium. Ichiefs izokuya kulo mdlalo ngaphandle kukamulomowandau “Tower” Mathoho odonsa isigwebo sekhadi elibomvu alithole ngesikhathi le kilabhu iguqiswa yisupersport United ngo-2-1 emasontweni ambalwa edlule EFNB Stadium, esoweto.
Umathoho usematheni kulezi zinsuku njengoba ephinde wathola elinye ikhadi elibomvu ibafana Bafana iguqiswa ngo-2-1 yicape Verde Island kowokuhlungela indebe yomhlaba ngolwesihlanu olwedlule ekuhambeni.
Lokhu kwenze akaze aba yingxenye yebafana ephinde yaqunjwa phansi yicape Verde ngo-2-1 ngolwesibili ebusuku emoses Mabhida Stadium, ethekwini.
Umathoho ubeqala ngqa ukuthola ikhadi elibomvu ngesupersport selokhu aqala ukudlala ibhola elikhokhelayo njengoba lelanywe eduze yileli alithole emdlalweni webafana.
Leli phephandaba lithole ukuthi ichiefs ihlela ukumuhambisa kudokotela oluleka ngokomqondo njengoba kuqala isonto kwazise usethole ukuhlukumezeka okuningi ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana.
Abalandeli bamsola ngokuthi nguyena owenze ibafana yehlulwa yicape Verde emlenzeni wokuqala kanti nabechiefs bathi nguyena oseyikhongco elibuthaka odongeni lwezimpofana. Kwale ngisho lo mdlali esexolisa, abalandeli bakhwela badilika kuyena abanye bemuchapha ngenhlamba.
Leli phephandaba lishayela ubobby “Bobsteak” Motaung oyimenenjajikelele yechiefs ngalolu daba, uthe: “Ngeke ngikwazi ukuphawula kakhulu ngalolu daba kodwa engingakusho nje wukuthi lukhona usizo esimuhlelela lona.
"Siyikilabhu eseqophelweni eliphezulu ngakho siyakuqinisekisa ukuthi abadlali bethu bayaluthola usizo uma benezinkinga.”