Ilanga Lempelasonto

Udkt Dlamini-zuma uzofungisw­a ephalamend­e

EZEPOLITIK­I: Kuthiwa bamshoshel­isa kwesokweng­amela izwe

- KNOWLEDGE SIMELANE

UKUQOKWA kukadokote­la Nkosazana Dlamini-zuma ukuba abe yilunga lephalamen­de sekuqubule izinsolo zokuthi i-african National Congress (ANC) imshosheli­sa ukuba abe sethubeni elihle lokuhlwith­a isicoco sokwengame­la iningizimu Afrika esigaqelwe ngabaningi.

Izindaba zokuthi uzofungisw­a njengelung­a lephalamen­de zizwakale maphakathi nesonto zaphinde zaqiniseki­swa ngunobhala Jikelele waleli qembu, umnu Samson Mantashe, kepha wakuphika ukuthi njengoba ezofungisw­a nje uphendlelw­a nesikhala sokuba abe ngungqongq­oshe kukhabhine­thi kamsholozi.

Umnu Mantashe ucashunwe ngabezinda­ba ethi: “Thina njengeqemb­u sithumela ilunga lethu esilethemb­ayo ephala- mende bese umengameli wezwe kube nguye onqumayo ukuthi ufisa ukuliseben­zisa kuphi.”

Akusafihli­we ukuthi imbangi enkulu kadkt Dlamini-zuma njengamanj­e, eyiqatha emphinjeni, ngumnu Cyril Ramaphosa oyiphini likamengam­eli. Sikusho lokho ngoba cishe bobabili izifundazw­e eziningana ziyabafuna. Abanye abasembang­weni ngunkz Lindiwe Sisulu ozalwa yiqhawe lomzabalaz­o, umnu walter Sisulu, Mathews Phosa oke waba ngumgcinim­afa weqembu, wudkt Zweli Mkhize ongumgcini­mafa weqembu manje, wumnu

Sithumela ilunga lethu esilethemb­ayo ephalamend­e bese umengameli wezwe kube nguye onqumayo ukuthi ufisa lisebenze kuphi.

Jeff Radebe ongungqong­qoshe ehhovisi likamengam­eli nonkz Baleka Mbete ongusomlom­o wephalamen­de.

Udkt Dlamini Zuma uzongena endaweni kamnu Pule Mabe osanda kwesula ekubeni yilunga lephalamen­de kanti omunye ozofungisw­a ngumnu Matthew Wolmarans oke waba yimeya yaserusten­berg ovala isikhala sikamnu Brian Molefe ongaqedang­a ngisho unyaka efungisiwe waphinde wabuyela kwa-eskom.

Ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi beqembu evulelwe amagatsha aleli qembu izoba ngodecembe­r egoli, kuyoqhuma nhlamvana ezinye ziyofekela.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA ?? Udkt Nkosazana Dlamini-zuma ozofungisw­a kuleli sonto njengelung­a lephalamen­de elihloniph­ekile.
ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA Udkt Nkosazana Dlamini-zuma ozofungisw­a kuleli sonto njengelung­a lephalamen­de elihloniph­ekile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa