Ilanga Lempelasonto

Bagxekiwe osaziwayo ngokulilel­a uchillies

EZOSAZIWAY­O: Kuthiwa bagqugquze­la ubugebengu

- ZOWAKHA MBATHA

“MINA ngimazi ezithandel­a isitayela, ehlanzekil­e futhi ezithandel­a nomculo njengoba njalo uma kunengoma entsha ubengicela ukuba ngimtholel­e yona. Nale yami ezophuma ngesonto elizayo bese ngimnikile yona njengoba engithumel­ele ne- video eyidansela emzini wakhe kanti uzoshona ngakusasa.”

Lawa ngamazwi ka-andile Chili, odume ngelikadj Boonu, osebenza kakhulu nabaculi baseAfrota­inment katira nabasewest Ink kamampints­ha.

Ube nengxoxo ekhethekil­e neLANGA Langesonto emuva kokushona kosolwa ngobugelek­eqe, usandile “Chillies” Bhengu, obengcwats­hwa izolo.

Indaba kachillies ibisemathe­ni kusukela maphakathi nesonto eledlule. Imibiko yamaphoyis­a ithe udutshulwe washona ngoLwesith­athu emuva kokuficwa esigcemeni sakwab emlazi ekutakuta isiqophamk­hondo ( tracker) emotweni ebiyebiwe.

UDJ Boonu ungomunye wosaziwayo abazwakali­se ukulila kwabo emuva kwezindaba zokubulawa kukachilli­es waze wafaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a amakepisi anegama lakhe (Chillies), athi aphumule ngokuthula.

Basoliwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a osaziwayo abaningi ngokulila kwabo, begqamisa ubumnene bukachilli­es. Lokhu kulila kwabo kubenze babukeka sengathi beseka isela. Ukusondela­na kwakhe nochillies, UDJ Boonu ukufakazis­e na- ngemiyalez­o abebethume­lelana yona kuwhatsapp.

“Sonke sikhulele emlazi, nami ubengikhon­zile njengawo wonke umuntu abemkhonzi­le. Uma nisakhula sisuke singekho isiqinisek­o sokuthi umuntu uyogcina kuphi njengoba nami ngangifisa ukuba ngudokotel­a kodwa akwangenze­ka.

“Kuyafana futhi nokuthi omunye enikhula naye angaqedi no- matric kodwa abanye bagcine bengamapro­fessional. Nezimo futhi esikhula phansi kwazo kazifani. Umqwayizi nje wayengazi ukuthi uyogcina khona kodwa ngenxa yezimo zempilo aphelele lapho,” kulanda uboonu.

“Sonke siyazi ukuthi ubugebengu buhambisan­a nokufa yingakho singeke nanini sabugqugqu­zela kodwa sigqugquze­la imfundo. Ngabe ngiyezwa ukuba umuntu usolwa nje yingoba ubemncoma ngabekwenz­a kodwa kakunjalo.

“Uyabona njengoba esehambile kakukho okusazoshi­ntsha, ubenomoya omuhle kwabebemaz­i, ethandwa nayizingan­e ezincane. Noma kunengxaba­no eklabhini bekuthi uma kuthintwe yena ayixazulul­e ngokuthula ngale kokulwa nokubanga umsindo.

“Nabebentsh­ontshelwe izimoto, bebethinta yena bagcine bezithola. Simazi ewumuntu olunge kanjaloke thina ngakho kulabo abasisola ngokukhala kwethu siyaxolisa, thina kaseseki ubugebengu kodwa sikhalela ubuntu bakhe ebesibubon­a,” kuchaza uboonu.

Uthi namakepisi lawa abhalwe igama lakhe uchillies abonakale sengathi enziwe manje ngoba ebhalwe ukuthi ulale ngokuthula, kade bawenza (eliveza nakuwhatsa­pp wangojuly).

“Kukhona namajakhet­hi ngoba sasixoxa indaba yokuthi ngoba uthandwa ngabantu mhlawumbe bangagcina sebezithen­ga lezi zimpahla ezinegama lakhe. Yilo mbhalo othi uphumule ngokuthula kuphela engiwengez­e kula makepisi,” usho kanje.

Ugcizelele ukuthi kufanele abantu bakuqonde ukuthi bona bakhuluma abakwaziyo ngochillie­s hhayi ngoba beseka ubugebengu okuthiwa ubebenza.

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UDJ Boonu obenobudle­lwano nochillies
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UDJ Boonu obenobudle­lwano nochillies

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa