U-JACOB MNISI UTHENGELE INYANGA UNYANYAVU LWEMOTO
IVUSA imibuzo indaba kasomabhizinisi owaziwayo kuleli othengele inyanga unyanyavu lwemoto ebiza intengo esondele esigidini samarandi.
Basabambe ongezansi namanje abantu basemevamhlophe empangeni, enyakatho yekwazuluNatal, ngesenzo sikamnu Jacob Mnisi ongusozimayini owaziwayo kuleli okuthe ngeledlule wabizela egoli umnu Thulani Nkwanyana, odume ngelikadr 3second, wamumangaza ngokumthengela unyanyavu lwemoto yohlobo lweford Wildtrack 4X4 2017 ebiza imali elinganiselwa ku-r700 000.00
Okudala umphakathi usole wukuthi lo somabhizinisi uqale ukubonakala emningi kulesi sifundazwe ngenyanga edlule waze wayokwethulwa ngumnu Nkwanyana esilweni samabandla, ugoodwill Zwelithini, ngosuku lwaso lokuzalwa.
Ezithombeni eziphume kulo leli phephandaba ngesikhathi umnu Mnisi epha isilo isipho esingadalulwanga, naye umnu Nkwanyana ubeseduze kwabo.
Kuwo lo mkhosi wokugubha usuku lokuzalwa likangangezwe lakhe, isilo sizwakalise isifiso sokuba sakhelwe indlu yesonto okuyisiphrofetho esithi kade savela okumele sifezeke.
Abaziqekethayo basola ukuthi umnu Mnisi, obeshade nomculi we-kwaito wakuleli umshoza, ubegqigqa kule nyanga ngoba kukhona ithenda yasezimayini abeyifuna ngabomvu engayitholi kodwa agcine eseyitholile. Akuqondakalike ukuthi sizo luni aluthole kule nyanga.
Nakuyo le mpelasonto yomkhosi womhlanga kuzwakale ukuthi umnu Mnisi ubekhona emcimbini, ehamba naye udr 3second.
Ebuzwa ngale moto udr 3seco- nd ozikhulumelayo uthe: “Umnu Mnisi ngumngani wami omdala ngisadlala isibhakela, ubejwayele ukungivakashela, namanje sengiyinyanga uyangivakashela. Ngikholwa wukuthi uzwe enothando lokungimangaza ngokungithengela le moto ngingalindele. Abantu bangasho abakushoyo kepha akufihliwe ukuthi ngiyinyanga,” kusho udr 3second okhuluma angingize.
Umnu Mnisi akananazanga ebuzwa ngalesi senzo sakhe, usho phezulu wathi: “Uqinisile u3second ngumngani wami omdala, besishaya naye isibhakela sinodingaan Thobela, selokhu sazana lapho kuze kube manje.
“Noma eseyinyanga angimbalekelanga futhi nje angilikhulume iqiniso - usize abangani bami nganquma ukuba ngimsize nami kungathi ngoba sengiphumelele bese ngimyekelela. Nami ngiyakwazi ukuhlupheka, ngizokhipha ibhuku khona maduze nje elilanda ngobunzima engidlule kubo.”
Umnu Mnisi uthe uyazi ukuthi abantu bayathanda ukuqagela.