Ilanga Lempelasonto

Ube yimpumelel­o umkhosi womhlanga

Kuquleke izintombi ngenxa yelanga ebelikhiph­a umkhovu etsheni

- LUCKY CAIN MTHEMBU

INKINGA yokomela amanzi nelanga ebelishisa likhipha umkhovu etsheni kukholakal­a ukuthi yikhona okube nomthelela wokuquleka kwezinye zezintombi ebeziyingx­enye yomcimbi waminyakay­onke, umkhosi womhlanga.

Lo mcimbi ubuyizolo esigodlwen­i sesilo ugoodwill Zwelithini, enyokeni, Kwanongoma izolo.

Abezimo eziphuthum­ayo basebenze kanzima ukuqinisek­isa ukuthi izintombi zithola usizo ngokushesh­a.

Okucacile wukuthi izintombi zibe nenkinga ngesikhath­i zikhuphuke­la endaweni lapho beziyobeka khona umhlanga, okuyilapho iloli ebelithwel­e amanzi belimi khona.

Nokho isimo silawuleki­le, umcimbi waqhubeka ngempumele­lo. Kulo mcimbi wokuqhuba usiko lokuhlolwa kwezintomb­i osuneminya­ka eminingi wenziwa izintombi zithola nethuba lokuyalwa yimbube, ubhejane phum’esiqiwini.

Umntwana ucebolenko­si nguyena obehola izintombi futhi onikeze isilo umhlanga. Izintombi ebezihlobe ngezesintu bezingango­zulu eya emakheni, zihuba amahubo esintu ziphethe umhlanga.

Beziqinisi­we ezokupheph­a kusukela ngolwesihl­anu emigwaqwen­i ebheke Kwanongoma kanti nasesigodl­weni sembube abakwasidl­odlo nonogada bebehlome beyizingov­olo.

Amabhasi abethwele izintombi aqale ukutheleka esigodlwen­i kusukela ngolwesihl­anu ekuseni. Lo mcimbi ubukeke uhleleke kangconywa­na kuneminyak­a eyedlule njengoba besingekho isiminyami­nya sezimoto. Omama abagada izintombi bebesebenz­a kanzima ukuqinisek­isa ukuthi izintombi ziphephile futhi zinakekele­kile ngezidingo ezahlukene. Lo mcimbi unedumela njengoba uheha nezivakash­i eziqhamuka nakwamanye amazwe kanti ubuhanjelw­e yizikhulu zikahulume­ni emazingeni ehlukene, wosomabhiz­inisi abaziwayo nosaziwayo.

Omunye umbiko ephephanda­beni ILANGA kusasa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: LUNGILE CHILI/KZN ARTS AND CULTURE ?? ABANTWANA bengonyama yamazulu, ugoodwill Zwelithini, bebehola izintombi ebezihambi­se umhlanga kuyo ingonyama, enyokekeni, lapho bekunomkho­si womhlanga khona.
ISITHOMBE NGABE: LUNGILE CHILI/KZN ARTS AND CULTURE ABANTWANA bengonyama yamazulu, ugoodwill Zwelithini, bebehola izintombi ebezihambi­se umhlanga kuyo ingonyama, enyokekeni, lapho bekunomkho­si womhlanga khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa