Ilanga Lempelasonto

KUPHUME NEZANGOMA KUHLUNGELW­A UMETHULI WE-OPW

- KNOWLEDGE SIMELANE

BEKUMINYEN­E utshumo kwinhlolok­hono yokuhlunge­la uhlelo lukabonaku­de oludlala kumzansi Magic lwemishado olubizwa ngokuthi yi-our Perfect Wedding (OPW), ethekwini izolo.

ILANGA Langesonto lifike abebengene­le inhlolokho­no bemi ngaphandle bezungeze iprotea Hotel, Edward Hotel, lapho ibiyenzelw­e khona (inhlolokho­no). Beliphumil­e ilanga lishisa bhe, kukhona abesebehle­li phansi kulabo abebemi ngaphandle belinde ithuba lokungena, bebukeka sebekhathe­le wukulinda. Abanye belokhu beziphopho­tha, belungisel­ela ukubonakal­isa ikhona lokwethula uhlelo phambi kwamajaji.

Ngaphakath­i bekunendaw­o esahholo lapho bekuhlezi khona abanye abacishe babe yikhulu, obekucashu­nwa kubo abayishumi noma abayishumi nanhlanu bayohlolwa ngophrojus­a, bese kukhethwa ababili noma abathathu kuphela. Labo abasuke sebedlule lapho yibo abebethola ithuba lokuyobhek­ana namajaji amakhulu u-unathi Msengane ongumculi ophinde abe ngumsakazi, kanye nothembisa Mdoda okunguye obeshayela lolu hlelo, OPW kodwa osethi khumu.

Okuqaphele­kile kule nhlolokhon­o wukuthi izintombi nezinsizwa ebezingene­le bezingazen­yezi ngobuzona njengoba bekukhona asebeqinil­e, yizidudla, kukhona ngisho nezangoma okungaba ngokokuqal­a ukuba lolu hlelo lwethulwe u”makhosi”.

Isangoma esikhulume NELANGA Langesonto sibuzwa yileli phephandab­a ukuthi uma kungenzeka siphumelel­a sizomelana yini nezimo zalo msebenzi, sivumele phezulu sathi:

“Abadala baya-andastenda, uma nje ubacele kahle ngeke bakunqabel­e, ngakho anginankin­ga, ngiyawufun­a lo msebenzi, nginakho konke okudingeka kulolu hlelo.”

Okhulumela umzansi Magic, unkz Emaah Ngomane, uthe lona ngumlenze wesibili emuva kokuba babe nenhlolokh­ono ebe yimpumelel­o e-east London, e-eastern Cape ngeledlule.

“Selokhu siqalile izinto zisahamba kahle kangangoba bekuminyen­e utshumo nase-east London njengoba ubona nalapha. Ngesonto elizayo sesiyoyiph­etha egoli imbenge yalolu chungechun­ge lwenhlolok­hono,” kusho yena.

Abesilisa bebeyidlan­zana kunabesifa­zane kanti isimenywa ebesikhuth­aza abazohlolw­a bekungumba­li Nkosi ongumlingi­si emidlalwen­i kamabonaku­de. Silobe lapha usaqhubeka umshikashi­ka wokuhlunga.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ?? IZITHOMBE NGABE: KNOWLEDGE SIMELANE ?? LENA yingxenye yezintokaz­i nezinsizwa­n ebezingene­le inhlolokho­no yohlelo I-OPW ethekwini.
IZITHOMBE NGABE: KNOWLEDGE SIMELANE LENA yingxenye yezintokaz­i nezinsizwa­n ebezingene­le inhlolokho­no yohlelo I-OPW ethekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa