Kubuya ilockdown kumzansi Magic
EZOSAZIWAYO: Kushintshwe abalingisi
KUZOSHUBA izinto kubuya umdlalo kamabonakude oshisa izikhotha ophele abantu besafuna impinda, obizwa ngelockdown okhonjiswa esiteshini sikamabonakude umzansi Magic (161).
Ilockdown ibuya ihlandla lesibili kanti iqukethe abalingisi asebemnkantshubombu emidlalweni kamabonakude.
Lo mdlalo ubuya ngelinye igiya njengoba cishe uhhafu wabalingisi uzobe usushintshiwe kwafakwa abanye. Kukhona abalingisi abafakiwe abazoshubisa kakhulu izinto ejele lasethabazimbi.
Lesi sigaba sesibili salo mdlalo sizoqala ukukhonjiswa kusukela ngomsombuluko womhlaka ziyi-9 umfumfu (October), kanti kulindeleke ukuba udlisele ogageni eminye imidlalo kamabonakude.
Ngesikhathi kwethulwa uhla lwabalingisi abazongena kulo mdlalo, kube nenhlokomo ezinkundleni zokuxhumana, abantu bejabulela ukubuya kukapamela Nomvete kwezokulingisa, ozolingisa indawo kajele wasethabazimbi kulo mdlalo.
Abanye babadlali abazobonaka- la ngulinda Sebenzo ( osesithombeni) olingisa indawo kamaki Magwaza.
Ulinda uzokhumbuleka elingisa indawo kanina kabeauty kwisibaya. Kwilockdown ungomunye wezigelekeqe eziyingozi kakhulu njengoba esuswa kwalinye ijele eyofakwa ethabazimbi.
Bazophinde bathokoze abalandeli bakadawn Thandeka King olingisa indawo kamazet njengoba kulesi sigaba sesibili salo mdlalo ezobe esebuyiselwa ejele.
Phela kuzokhumbuleka ukuthi isigaba sokuqala sawo siphele eqile ejele nomngani wakhe uslender kanti umonde (Zola Nombona) yena wehluleka wukweqa, wabuyiselwa ngaphakathi.
Okunye okuzojabulisa kakhulu abanye abalandeli balo mdlalo wukungaboni ngaso linye kweziboshwa lapho kufika iqembu elisha labesifazane abazoqala izigwebo zabo ethabazimbi. Lezi ziboshwa zifika nokuningi okuzokwenza iqembu likamazet lilwela indawo yalo.
Ureneilwe Sema ongumqondisi wezinhlelo eziqoshwe ekhaya kumzansi Magic, uthi: “Abantu ngeke bakholwe abazokubona kule sizini. Siphethe abalingisi abasha kanti nezinto ezizovumbuka kanye nezimfihlo zizobashiya ababukeli bebambe ongezansi.”
Uqhube wathi ngeke adalule yonke imininingwane ngokuzokwenzeka, wathi abantu mabahlale balinde usuku lokuqala komdlalo.
...abantu bajabulele ukubuya kukapamela Nomvete kwezokulingisa...