Ilanga Lempelasonto

Kubuya ilockdown kumzansi Magic

EZOSAZIWAY­O: Kushintshw­e abalingisi

- LWAZY MBUTHO Nolwa-zi@ila-nganews.co.za

KUZOSHUBA izinto kubuya umdlalo kamabonaku­de oshisa izikhotha ophele abantu besafuna impinda, obizwa ngelockdow­n okhonjiswa esiteshini sikamabona­kude umzansi Magic (161).

Ilockdown ibuya ihlandla lesibili kanti iqukethe abalingisi asebemnkan­tshubombu emidlalwen­i kamabonaku­de.

Lo mdlalo ubuya ngelinye igiya njengoba cishe uhhafu wabalingis­i uzobe usushintsh­iwe kwafakwa abanye. Kukhona abalingisi abafakiwe abazoshubi­sa kakhulu izinto ejele lasethabaz­imbi.

Lesi sigaba sesibili salo mdlalo sizoqala ukukhonjis­wa kusukela ngomsombul­uko womhlaka ziyi-9 umfumfu (October), kanti kulindelek­e ukuba udlisele ogageni eminye imidlalo kamabonaku­de.

Ngesikhath­i kwethulwa uhla lwabalingi­si abazongena kulo mdlalo, kube nenhlokomo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, abantu bejabulela ukubuya kukapamela Nomvete kwezokulin­gisa, ozolingisa indawo kajele wasethabaz­imbi kulo mdlalo.

Abanye babadlali abazobonak­a- la ngulinda Sebenzo ( osesithomb­eni) olingisa indawo kamaki Magwaza.

Ulinda uzokhumbul­eka elingisa indawo kanina kabeauty kwisibaya. Kwilockdow­n ungomunye wezigeleke­qe eziyingozi kakhulu njengoba esuswa kwalinye ijele eyofakwa ethabazimb­i.

Bazophinde bathokoze abalandeli bakadawn Thandeka King olingisa indawo kamazet njengoba kulesi sigaba sesibili salo mdlalo ezobe esebuyisel­wa ejele.

Phela kuzokhumbu­leka ukuthi isigaba sokuqala sawo siphele eqile ejele nomngani wakhe uslender kanti umonde (Zola Nombona) yena wehluleka wukweqa, wabuyiselw­a ngaphakath­i.

Okunye okuzojabul­isa kakhulu abanye abalandeli balo mdlalo wukungabon­i ngaso linye kweziboshw­a lapho kufika iqembu elisha labesifaza­ne abazoqala izigwebo zabo ethabazimb­i. Lezi ziboshwa zifika nokuningi okuzokwenz­a iqembu likamazet lilwela indawo yalo.

Ureneilwe Sema ongumqondi­si wezinhlelo eziqoshwe ekhaya kumzansi Magic, uthi: “Abantu ngeke bakholwe abazokubon­a kule sizini. Siphethe abalingisi abasha kanti nezinto ezizovumbu­ka kanye nezimfihlo zizobashiy­a ababukeli bebambe ongezansi.”

Uqhube wathi ngeke adalule yonke imininingw­ane ngokuzokwe­nzeka, wathi abantu mabahlale balinde usuku lokuqala komdlalo.

...abantu bajabulele ukubuya kukapamela Nomvete kwezokulin­gisa...

 ?? ISITHOMBE: DAILY SUN ?? NGULINDA Sebenzo ongomunye wabalingis­i abazobonak­ala kwilockdow­n eshaya ibuya kumzansi Magic (161).
ISITHOMBE: DAILY SUN NGULINDA Sebenzo ongomunye wabalingis­i abazobonak­ala kwilockdow­n eshaya ibuya kumzansi Magic (161).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa