Ilanga Lempelasonto

UVUKE NGEMPELA EMATHUNENI UMGARIMBE

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

SEZIHUBELA sakusha ngomcimbi waminyaka yonke ispring Tour Music Festival njengoba selethwese ihlobo.

Lo mcimbi ungomunye wembalwa yobumnandi eyenzelwa erichards Bay ngenhloso yokuthokoz­isa abantu bakule ndawo.

Kungokwesi­thathu kulo nyaka ukuba kwenziwe lo mcimbi emhlathuze Sports Complex kanti okuzothoko­zisa abaningi wukuba khona kukamgarim­be wodumo lukasister Bettina, okubukeka sengathi usevukile kwabafiley­o kwazise uke wanyamalal­a isikhathi eside kwezikaqed­isizungu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi umgarigari ube sematheni muva nje kulandela ukunxuswa ngudj Twitty ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuba a mnikeze imvume yokwenza kabusha lengoma( Sister Bettina).

Utwitty ugxekwe manxa onke kuthiwa ufuna ukuvuka ngomgarimb­e, abanye bethi makangadla­leli kuyo.

Okulandele lapho kube wukunqakis­ana ngamagama, sekungenel­ele naye umgarimbe, waveza namahlazo, wathi lo DJ wake wamthathel­a intombi, wahamba nayo bemshiya elele, bayozitika ngocansi, wababamba. Umgarimbe ubuze ukuthi akadelanga na ngokumthat­hela izinto zakhe njengoba esefuna ukumthathe­la nale ngoma, kwabe sekusuka isidumo.

Lokhu kumenze wagqama futhi njengoba engangabaz­anga nokuxoxela ILANGA Langesonto ukuthi uyabhubha wukuqashwa kulezi zinsuku, wathi ngomandulo (September) nje uwodwa uqashwe cishe zonke izimpelaso­nto. Nasemhlath­uze Sports Complex bamfakile ohlwini lwabazonan­disa mhla ziyi-6 kumfumfu (October).

Ngokusho kukasfiso Mthethwa ongomunye wabahleli bomcimbi, abaculi osekuqinis­ekisiwe ukuthi bazonandis­a kulo mcimbi ngubabes Wodumo, Khuzani “Indlamlenz­e”, Distructio­n Boyz, Duncan nenqwaba yabadume kangcono endaweni odansane, Makokorosh­e, Facebuk nabanye.

Umthethwa uthi inhloso yokufaka abaculi bendawo yingoba inhloso enkulu wukuthuthu­kisa bona, babanikeze ithuba lokuhlanga­nyela nezinkunzi.

Kulindelek­e ukuba lo Mgarimbe obhekwe ngabomvu acule nengoma entsha athe uya-yipheka kuyimanje.

 ?? ISITHOMBE: GOOGLE IMAGES ?? NGUMCULI wekwaito umgarimbe obuye ngezinkani.
ISITHOMBE: GOOGLE IMAGES NGUMCULI wekwaito umgarimbe obuye ngezinkani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa