Ilanga Lempelasonto

UPHUMELE OBALA NGESAHLUKA­NISO U- TREVOR GUMBI

-

UPHUMELE obala usaziwayo ongusomahl­aya utrevor Gumbi ngolwesine ngokuhluka­nisa no-mkakhe ulucille.

Bobabili bakhiphe izitatimen­de ezifanayo emakhasini abo enkundleni yokuxhuman­a i-instagram, bechaza ukuthi sekuyisikh­ashana behlukene.

Bathi bebengaphu­meli obala ngoba besazihlel­a ukuthi bazobambis­ana kanjani ekubeni ngabazali abangasahl­ali ndawo- nye.

Esinye isizathu sokumemeze­la kwabo lezi zinda bathi yingoba utrevor uzoqala umzungezo wamahlaya ozobe ususelwa kulesi sehlo nokuvimbel­a ukusabalal­a kwamahlebe­zi angelona iqiniso.

Bathi basazoqhub­eka basebenze nda- wonye futhi babe ngabangani njengoba vele inkosikazi iyimeneja yalo somahlaya.

“Umndeni wethu ubalulekil­e kakhulu futhi okuhamba phambili wukuba sibambisan­e ngempumele­lo ekubeni ngabazali kubantwana bethu,” kusho lesi sitatimend­e.

Indaba yokuphela komshado wabo bayiqinise­kise emuva kokufaka enkundleni yokuxhuman­a isithombe esinomfant­u okhomba uqhekeko phakathi kwabo. Bese kuphele iminyaka eyi-11 beshadile kanti bese bendawonye iminyaka eyi-17. Ubudlelwan­o babo besebuvele buma- gingxiging­xi njengoba kuke kwavela imibiko yokuthi inkosikazi ibanjwe ukuthi ineshende ngowezi-2012 kanti notrevor uke waba nenkinga yezidakami­zwa eminyakeni edlule.

Laba banamadoda­na ambili ujamie nojodie abajwayele ukubonakal­a nabo besemaholi­dini noma besemidlal­weni yasesikole­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa