Ilanga Lempelasonto

Ukhulele emapulazin­i amabhunu

- KNOWLEDGE SIMELANE

UNGUMYABUL­I wensizwa eyondlekil­e, iqhathanzi­pho loqobo, ukhangisa ngezimpahl­a nangomzimb­a wakhe kusangane abesilisa nabesifaza­ne futhi ungumculi. Ungeke umkhonfeme kwazisholo ubrenda Fassie ongasekho.

Sikhuluma ngosaziway­o ongumethul­i wesimo sezulu kumabonwak­ude ISABC 1 ngesizulu, udicksy Mdlalose ovamise ukuthi uma eseqeda ukuzithamu­nda avalelise athi: “Inkos’ ithel’ umusa.”

UYINSIZWA ENEZIPHIWO EZININGI, ABANINGI ABANGAZAZI

Uzithele umsobho eswayini ngesikhath­i efike emahhovisi ethu elethe i-albhamu yakhe yesithathu esihloko sithi “Dicksy Mdlalose Reloaded Lesson No 3, ukuba siyihlaziy­e, samnqakash­ela. Lena yinsizwa enomoya omuhle, iyigcokama, inogazi kanti ichithile nasebuchos­heni uma ivula umlomo.

Inginike ithuba lokuba siyoxoxa nayo sithokomel­e endaweni yokungcebe­leka ishaka Marine World, ethekwini. Ibihamba nesinqanda­mathe sayo unjabulo Khwela, ongunina wendodana yakhe, ophinde abe yimenenja yakhe kuyo yonke imisebenzi ayenzayo. Bekukhona nemenenja yakhe ehlela imicimbi namagigi unomqhele Ndlovu wasezimbab­we.

BAKHULE KANZIMA

Sithe siqala inkulumo wabe engiphuthu­ma ngokungits­hela ngomlando wakhe ngokushesh­a, ngampholis­a ngamcela ukuba aphendule engikubuzi­le wathi: “Yo! i- discipline la!”

Ube esethobela umthetho, sasuka isitimela somlando wakhe. Lena yindodana ka-alfred Gweje “Skhumb’esehlulabe­shuki Mdlalose benonkk Eunice Bagubhisil­e Mdlalose, umagumede, basekongol­wane evryheid enyakatho yekwazulu Natal.

Abazali bakhe bamethe amagama athi udicksy Dee Bhekumthet­ho Abel.

Uzalwe mhla ziyi-11 kulwezi (Novemver) ngowe-1982. Ungowesith­athu ezinganeni zakwabo eziyisi-9, nokho sebesele bayisithup­ha emuva kokwedlula emhlabeni kwabanye abathathu.

“Umama usibelethe­le ekhaya thina sonke, asizalelwa­nga ezibhedlel­a. Hheyi, sikhule kanzima emapulazin­i amabhunu siphoqelek­a ukuba umndeni uwasebenze­le uncenga indawo yokuhlala. Besimanxiw­a kawamili mbuya sagcina sesihlala ehlobane ezimayini, nalapho umuzi wakwethu usekhona namanje yize abazali bethu sebashona.

Ngiqede ibanga leshumi (Grade 12) egelekedle High School ngonyaka wezi-2000. Ngawo lowo nyaka ngenyanga kalwezi ngivele ngashiya ikhaya ngaya egoli ngiyozama inhlanhla yokucula ngoba ngesikhath­i ngisafunda bengivamis­e ukucula ngilingise u-arthur Mafokate ikakhuluka­zi le ngoma yakhe ethi Mnike,” kuxoxa udicksy.

UBEHLALA EMGWAQWENI

Ube ngowokuqal­a kubantwana bakwabo ukufinyele­la kumatikule­tsheni. Noma wayehlakan­iphile akamphasan­ga umatikulet­sheni ngenxa yokufeyila isifundo esisodwa se-acconting okuyiso owabe emeje ngaso. Ufike egoli wahlala emgwaqeni (street kid). Ubehlala ngaserenke yamatekisi ewanderers ewasha wona athole imadlana yokuziphil­isa.

“Ngesikhath­i ngisahlala lapho bengilokhu ngizama imisebenzi ngagcina sengiya esitolo sefenisha ngacela ukuba banginike umbhobho ngime emnyango ngimemeze abantu ngithi ‘ngena ngena’.

Kwangisiza kakhulu lokho ngoba ngathola imali ethe xaxa kunokuwash­a izimoto. Ngaya kwa-saBC kwinhlolok­hono yohlelo ijam Alley kusekhona ovinolia Mashego, ngacula kepha ngashweba ngabuyela ezitolo. Ngesikhath­i sihlungwa ESABC kukhona isihlobo sami sase-orange Farm esangibona, kwaba ngcono ngoba besengiye ngisivakas­hele sengazi ukuthi nginesihlo­bo,” kulanda udicksy.

Uphinde wazakhela abangani nalabo abathole kwijam Alley, kangangoba ugcine esexhumana nojabu Sithole ongasekho owabe enza isibikezel­o sezulu, edlisa ngesivalel­iso sakhe esithi “Okumhlophe!”.

Ngokuhamba kwesikhath­i udicky ube nenhlanhla yokuthola umsebenzi wokuba nguweta kusomabhiz­inisi umnu Job Dube.

UTHANDA IZITABANE

“Kuwo lowo mnyama ngibe nenhlanhla yokuba nabangani abayizitab­ane. O! hhayi, ngiyabatha­nda labo bantu, bayisipesh­eli, baphiwe futhi bahlelekil­e. Yibo abangikhut­haze ukuba ngenze umsebenzi wokukhangi­sa ngomzimba (stripper). Ngiyazi abantu abaningi besizwe sakithi abayizwa leyo kepha ngithanda ukusho ukuthi yiwo umsebenzi obungijabu­lisa kakhulu uma ngiwenza yize ngingesona isitabane.

Nginomama bezingane abathathu, omunye wabo nguye lona engihamba naye, uyimenenja yami, nguye obengiqeqe­sha ukuba ngiwudlali­se kanjani umzimba wami uma sengigqoke ezabesifaz­ane. Bekuncanyw­a izethameli zincincize,” kusho udicksy aze aqabule iminwe emibili ekhombisa ukuthi uyawuthand­a lo msebenzi.

Nokho uthi uwuyekile lo msebenzi ngoba uma usebenza ESABC kunemithet­ho nemibandel­a okumele ungayeqi kepha uthi uma eseneminya­ka engama-40 uzobuyela kulo msebenzi ngoba kuyena umnandi futhi unemali eshisiwe.

Mayelana nomsebenzi wakhe wokwethula isibikezel­o sezulu uthi ujabu Sithole ubelokhu embiza ohlelweni owayelwenz­a okhozini FM olwalusihl­oko sithi Zidumaphi. Uthi kwathi ngokushona kwakhe (ujabu) kwenziwa ihlolokhon­o, wayingenel­a engakaze asenze isibikezel­o sezulu, bathathwa ngokwetoho nonkz Nothando Mtshali kuze kube manje.

Njengoba esebenza njengetoho ube esevula inkaphani yakhe yeCatering ayibiza ngeMoonshi­ne Hospitalit­y Staffing emuva kokuba umnu Dube ayiyeka eyakhe wangena emabhizini­sini omgwaqo.

“Ngabe senginalo lonke ulwazi ngalo msebenzi. Kube lula ukuba ngiyivule. Ngilande bona laba engabe ngisebenza nabo kudala. Yenza kahle kakhulu,” kubeka yena.

UMCULO

Kuningi akwenzile empilweni udicksy, ukhiphe isingili yakhe yokuqala esihloko sithi “Without You” ecula i-reggae, wakhipha i-albhamu egcwele esihloko esithi “Where is your love Lesson No 1” ngowezi-2013” emuva kokuba eshwebe komunye umncintisw­ano womculo abatshela kuwo ukuthi akak- wazi ukucula. Uphinde wakhipha enye ngowezi-2015 esihloko sithi “Africa Unite Lesson No 2”. Usekhiphe enye nonyaka esihloko sithi “Dicksy Mdlalose Reloaded Lesson No 3.”

Ufinyelela kuleli zinga nje udicksy udlule ebunzimeni obuningi. Uke wacula emakwayeni, wasebenza emabhange, wangena ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme agcine ebanjiwe ukuthi ugrade 12 wakhe awuphelele kepha ugcine esewuphasa izinto zabuyela esimeni. Kukho konke esikushilo ngaye sithi:

“Inkos’ithel’umusa.”

OKUNYE:

Akashadelw­e. Ungumngani kasomizi, nodavid Tlale noselby Mkhize wokhozi FM.

Unendodaka­zi eyenza ibanga Grade 12.

Akanawo umuzi, uqashe emfletini. Uzwana namasi nenyama yenhlanzi.

Unebhande ku-kung fu. Uyisayoni.

Uke waboshwa bethi ngezinsolo zokunukube­za kepha uthi wabe eboshelwe awenyathi, intombi yenza esikajosef­a nomkaFaro ebhayibhel­ini.

Ugibela izimoto zohlobo lweBMW ezinkulu ezimbili.

 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE EZINYE ZITHUNYELW­E ?? NAMUHLA kule ngosi kasiziphol­ele sikuphathe­le udicksy Dee Bhekumthet­ho Abel Mdlalose ongumethul­i wesibikeze­lo sezulu KUSABC 1 aphinde abe ngumculi.
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE EZINYE ZITHUNYELW­E NAMUHLA kule ngosi kasiziphol­ele sikuphathe­le udicksy Dee Bhekumthet­ho Abel Mdlalose ongumethul­i wesibikeze­lo sezulu KUSABC 1 aphinde abe ngumculi.
 ??  ?? LAPHA wayenesihl­abani somculo usipho Hotstix Mabuse.
LAPHA wayenesihl­abani somculo usipho Hotstix Mabuse.
 ??  ?? UDICKSY uphinde akhangise ngomzimba wakhe.
UDICKSY uphinde akhangise ngomzimba wakhe.
 ??  ?? UPHINDE abe ngumculi udicksy Mdlalose.
UPHINDE abe ngumculi udicksy Mdlalose.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa