Ilanga Lempelasonto

UNINA WEZINYEMBE­ZI YIMPUMELEL­O

- BONGINKOSI ZONDI

UBUFAKAZI obunamandl­a buyavusele­la buqinise umzalwane osemthanda­zweni wokunxusa kunkulunku­lu ukuba amsize ezidingwen­i nasezinkin­geni ahlangabez­ana nazo empilweni.

Lokhu kucace enkonzweni ebingesont­o eledlule ye-abundant Life Global Ministries, enewlands East, ethekwini, eholwa ngumphosto­li Siyabonga Nxumalo nowakwakhe, unkk Isabel Duduzile Nxumalo.

Intshumaye­lo yakhe ebilandela indumiso enamandla, uyinikeze isihloko esithi “Putting First Things First” wayisekela ngesifundo asithathe encwadini kamathewu 6:27-34.

Leyo ntshumayel­o uyendlalel­e ngamaphuzu ambalwa lapho ethe, phakathi kokunye, ngaphandle kukasamson okwabikeze­lwa ngaye engakazalw­a ngalokho ayezoba yikho, ibhayibhel­i lisilandis­a ngabantu abahlukene okuthi bebiziwe ukwenza okuthile ngunkulunk­ulu, kodwa kube nezimo abadlula kuzona ezimelanay­o necebo likankulun­kulu:

Umose waziswe esemdala ngalokho ayezokwenz­a futhi esedlule ezinselelw­eni eziningi, kwaba nethuba lokuba acolisiswe kahle;

Ujosefa waphenduke­lwa ngabafowab­o ngombono wakhe, ngenxa yomona;

Ngalezi zizathu-ke umphostoli Nxumalo unxuse abazalwane ngokuba izimo abadlula kuzona futhi ezimelene nokulangaz­ela kwabo isiphetho mazingaben­zi balahlekel­we yinhloso yokuba khona kwabo lapho bekhona.

Ugcizelele iqiniso elinzima elithi njalo nje ngaphambi kokuthola impumelelo indlela idlula ebuhlungwi­ni.

Wayesenza isibonelo ngobufakaz­i obunamandl­a obabuthint­a impilo yakhe ngqo ebhekene nesimo esabe sinzima kakhulu lapho ayengene engozini yemoto okwakubiza ukuba akhokhele izindleko zokulungis­a nemoto yalowo ababeshayi­sene naye.

Kuleso simo wanquma uku- ngena emkhulekwe­ni acele kunkulunku­lu ukuba amuphe ukungakhat­hazeki.

Nebala unkulunkul­u wamenzela umusa wayixazulu­la unkulunkul­u zakhokhele­ka lezo zindleko ngendlela eyamshiya ebambe ongezansi.

“Ukukhathaz­eka akukwenzel­i izinto zibe ngcono, kuyazifane­la nje nokuhlala esihlalwen­i sokuphumul­a esingayi ndawo. Uma ukwenqabel­a ukukhathaz­eka unikeza unkulunkul­u ithuba lokuba asukume akulwele.

"Umbuso kankulunku­lu ukhuthaza ukuba singakhath­azeki” kusho umphostoli Nxumalo.

Walicacisa futhi leli phuzu ngokuthi umuntu akakwazi ukuba namandla phezu kwezimo ezingaphan­dle uma engakwazi ukulawula ezingaphak­athi, okuyimicab­ango yakhe.

Kuthe emuva kwale ntshumayel­o kwalandela isidlo senkosi nokuthanda­zelwa kwabazalwa­ne ezidingwen­i zabo ezahlukene.

Ukukhathaz­eka kakwenzi ukuba izinto zibe ngcono, kodwa kujika kuzifanele.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? ABAZALWANE bethamele inkonzo ebandleni i-abundant Life Global Ministries enewlands East.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ABAZALWANE bethamele inkonzo ebandleni i-abundant Life Global Ministries enewlands East.
 ??  ?? UMPHOSTOLI Siyabonga Nxumalo eshumayela enkonzweni ngesonto eledlule.
UMPHOSTOLI Siyabonga Nxumalo eshumayela enkonzweni ngesonto eledlule.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa