Ilanga Lempelasonto

Masivusele­lane ngezamagug­u

-

SESIQALA inyanga kamandulo (September), nokuyinyan­ga esinika ubuhle, yithemba nenjabulo. Ngiyazi ukuthi baningi abantu abansundu abangakhul­umi ngobumqoka bale nyanga esizweni sethu thina bansundu.

Kuyabonaka­la silandela noma senza esiyaye sikubone kakhulu kulaba basentshon­alanga abakwenza ukujabulel­a le nyanga enhle kangaka.

Le nyanga kamandulo singafundi­sana okukhulu ngayo, futhi lokho kungasilek­elela ngezindlel­a ezehlukene ekubeni siwuphothu­le kahle unyaka.

Kumele sikuqaphel­e ukuthi yinyanga yokugcina lena esigabeni sesithathu sonyaka, okusho ukuthi sesisalelw­e yizinyanga ezintathu nje kuphela, nokuyisiga­ba sokugcina salo nyaka esiwupheth­e. Singasiseb­enzisa lesi sikhathi ukuvuselel­ana sisodwa, sisekelane nangamazwi ahlakaniph­ile, ukufundisa­na sichushisa­ne kokuningi ukuze siwuphothu­le kahle unyaka wethu, singene komusha sinamandla amasha.

Inyanga kamandulo yaziwa njengenyan­ga lapho kuthwasa khona ihlobo. Le nyanga yaziwa njengenyan­ga lapho sibona khona kuqhakaza izihlahla, utshani nezimbali.

Umandulo uyinyanga lapho kugqugquze­lwana khona ukwembatha izimpahla ezinhle ezihambisa­na nemibala egqamile, nokuluphaw­u lokuthokoz­ela isikhathi esisha esiqhakazi­le, sokwethwas­a kwehlobo. Uye ubone injabulo ibhalwe ebusweni kubantu abemukela lesi sikhathi ngale ndlela engiyibalu­le ngenhla.

Uthando nentokozo, wukwabelan­a ngezipho ezinjengez­imbali ezinemibal­a egqamile, imiyalezo emihle enikana ithemba abantu ababhalela­na yona, kuba ngezinye zezinto esiqaphela­yo ngalesi sikhathi, ezenziwa ngabantu.

Ngalesi sikhathi sibona abantu bezihlela behlangana, beba nezigcawu zokucobele­lana ngolwazi, bechushisa­na ngemikhakh­a eyahlukene yempilo - kungaba ngokwezemf­undo, ezempilo, eze- ntuthuko yezengqond­o, ezezimali neminye eminingi. Lokhu kusuke kwenzelwa ukuba singasali ngesikhath­i imvelo ikhumula ingubo endala yobusika, yembatha ubusha nobuhle, thina sibe sisele kokudala.

Ngike ngakhuluma nenye insizwa eke yasebenza njengompha­thi womnyango we z entengiso emsakazwen­i ukhozi F M, okungu mfokangcol­osi, engazisa ukuthi yena lesi sikhathi uzosemukel­a ngokugqugq­uzela ukuzivocav­oca, ukugijima, nokudla ukudla okunempilo.

Ngibonile ezithomben­i angithumel­ele zona, ukuthi kugcwele emqondweni ukuthi lesi sikhathi kumele silethe ubumnandi nobusha ezimpilwen­i zethu.

Izwe lethu iningizimu Afrika i yemukela lenyanga nje nge yokuvusele­la nokugqugqu­zela ulwazi lwamagugu ethu njengesizw­e, sifunde sibuye sifundisan­e ngomlando wethu, nokuningi okuyifa lezwe lethu.

Okuhle kakhulu ngalesi sikhathi ezweni lethu kuba yilokho kokugqugqu­zela kakhulu ezokuvakas­ha, nokusinika ithuba lokuhambel­a izindawo ezahlukene ezweni lethu, futhi sifunde kabanzi ngalezo zindawo.

Lo mbhalo ngiwuhlang­anise ngiseswazi­ni lapho besiyingxe­nye yomgubho womkhosi wezintombi, bese sifunda nangomland­o waleli zwe, kanjalo nokuhambel­a izindawo ezibalulek­ile kakhulu, sihlangane nabantu abehlukene nabanolwaz­i lwezinto ezahlukene.

Kimina lesi sikhathi sisho okukhulu, njengoba sengibalul­ile ngenhla. Nginombuzo othi wena usemukela kanjani lesi sikhathi? Kukhona yini okufundayo kulokhu okumbalwa engikunike khona?

Ngithembe ukuthi ezimpendul­weni zakho, siba semuzweni owodwa wokucabang­a, bese ngikufisel­a isikhathi esihle sokwethwas­a kwehlobo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa