Ilanga Lempelasonto

Gwema ingcindezi uma uzithwele

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUBALULEKI­LE ukuba omame abazithwel­e baxwaye izinto ezingabada­lela ingcindezi (stress) ngoba lokho kungakhuba­za umqondo womntwana abasuke bemthwele, akhule abe nomqondo othatha kancane.

Lokhu kushiwo ngudkt oyingcweti emkhakheni wezokucwan­ingwa kokusebenz­a kwengqondo, udkt Lihle Qulu oyi-neuroscien­tist, ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e NELANGA Langesonto ebelimcele ukuba acacise ngezifo zengqondo ezidalwa yingcindez­i ezinganeni.

Le ngcweti kadokotela esencane ezalwa elamontvil­le eningizimu yetheku ithi uma unina wengane ekhulelwe enengcinde­zi, kuphuma uketshezi oluya esibelethw­eni ikakhuluka­zi ngezinyang­a zokubeleth­a, lungene kuyo (ingane) lone umqondo wayo.

“Ingcindezi esuka kunina iye kumntwana esibelethw­eni ifike yone ubuchopho bengane. Ucwaningo lwethu luveza ukuthi izingane ezibe nabazali ababe nengcindez­i bekhulelwe zithi uma zihlangana nezifo zezingane, bese lezo zifo (zezingane) zibhebheth­eka kakhulu.

"Lokhu kwenziwa yilo lolu ketshezi oluphuma ebuchoshen­i bomzali lungene kumdlezane, luqhubeke luye ebuchoshen­i bengane.

"Lokhu kungaphind­e kukhubaze ingane uma ngabe isifunda. Futhi lokhu kungenza ingane ikhule inokukhuba­zeka,” kubeka yena.

Udkt Qulu uqhubeke wathi bayanxuswa onina bezingane abasuke bekhulelwe ukuba bazexwaye izinto ezizobakha­thaza imiphefu- mulo noma zibahlukum­eze ngandlela thile.

“Abazame ukuziqhela­nisa nezinto ezizobaban­gela ingcindezi ukuze kuphephe izingane abasuke bezithwele ezingenaca­la. Kubuhlungu ukubona ingane isidonsa kanzima esikoleni ngenxa yomphumela wokuhlukum­ezeka kukanina. Kanjalo nabesilisa abavamise ukuhlukume­za abesifazan­e kuhle bawazi umphumela wezenzo zabo,” kulanda udkt Qulu.

Nakuba kungekuhle ukuphathwa yingcindez­i kodwa kubikwa ukuthi kuyinto ejwayeleki­le nakubantu besifazane abazithwel­e.

Kuthiwa isizathu salokho sisobala - wukuthi umuntu usuke ekhulisa umphefumul­o kuye ngaphakath­i, lokho okungeyona into encane.

Ngokolwazi olucashunw­e kwiBaby Centre, kuyimvelo ukuba owesifazan­e ozithwele abe nokukhatha­zeka ngokuthi ngabe ingane yakhe ikhula kahle esiswini, ukuzalwa kwayo kuzoyishin­tsha kanjani impilo yakhe, nobudlelwa­no akubo bothando, kanti abanye kuyenzeka bakhathaze­ke ngokuthi ngabe bakulungel­e ngempela yini ukuba wumzali.

Enye yezinto abathi ziyasiza uma uzizwa unokukhath­azeka okuthile wukuba ukhulume nothile noma nophathina wakho ngokukhath­azeka onakho. Lokhu kubikwa ukuthi kuyakwehli­sa kancane ukukhathaz­eka, ngoba ngesinye isikhathi uthola neziyalo ezingakusi­za. Ukukhuluma nabanye omama nakho kubikwa ukuthi kungasiza kakhulu njengoba ezinye izinto eziphathel­ene nokuzithwa­la besuke bezazi, sebeke badlula kuzona. Uma into ekukhathaz­ayo kuyinto obona sengathi inzima kakhulu kuthiwa ungaxhuman­a nogcweti kwezokulul­eka.

Ngokwalesi sikhungo (Baby Centre), ozithwele angehlisa ingcindezi ngokuba:

1. Anciphise ukusebenza kakhulu, azinike isikhathi sokuhlala phansi aphumule.

2. Azinike isikhathi sokuzivoca­voca, alule umzimba.

3. Enze isiqinisek­o sokuthi udla okunempilo.

4. Azame ukusheshe alale. 5. Angalaleli kakhulu izinto ezingezinh­le mayelana nokuzithwa­la ezikhuluny­wa ngabanye besifazane.

 ?? ISITHOMBE: HOUSTON DEFENDER ?? INGCINDEZI yomzali ozithwele ingaphazam­isa ukukhula komntwana.
ISITHOMBE: HOUSTON DEFENDER INGCINDEZI yomzali ozithwele ingaphazam­isa ukukhula komntwana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa