Ilanga Lempelasonto

LIZOGAWULA IZEMBE KOWE-IDOLS SA

- LWAZY MBUTHO

KUZOBAKHON­A ukukhala nokugedla kwamazinyo kukhethwa abayishumi abazosala emncintisw­aneni womculo i-idols SA.

Lo mncintiswa­no okhonjiswa kwimzansi Magic (161) njalo ngeSonto ngehora lesihlanu ntambama, namhlanje uzoshiya abantu abaningi bebambe ongezansi ngokuthola ukuthi ngobani abazongena kwi-top 10 nabazokhal­a ngaphansi kuhle kwentshebe yakwaMashu.

Imvamisa kuyaye kufike kulesi sigaba sezikhona izinkomba zokuthi ngubani ongahle athathe isicoco kodwa kulokhu kubukeka kunzima, sengathi izinto zishube kakhulu. Kuzokhumbu­leka ukuthi kumaseason edlule alo mncintiswa­no izinto beziqala ukukhanya ngemuva kokukhethw­a kwe- Top 16, okuyilapho izinto ziqala khona ukushuba impela.

Kulapho siqale khona ukubona abanye beshintsha, bekhipha amangwevu. Abanye abangene esigabeni se- Top 16 besingazit­sheli nokuthi bazofinyel­ela kuyo. Kuyiqiniso futhi ukuthi unyaka nonyaka kuba khona ozovele angabi nayo i” vava voom”, kwazisholo usomizi.

Kulokhu sibona ubasetsana Kolwane (19), ngeledlule ocule ingoma kazahara esihloko sithi umthwalo - cha kanginanxa nale ntokazi kodwa kukhona impela okushodayo kuyona.

Urandall Abrahams, oyijaji elikhulu ubeqinisil­e impela uma ethi ubuso bayo le ntokazi buthule nje, kanti nendlela abebeyigqo­kise ngayo ivele yayenza (le ntokazi) yabukeka ineminyaka elinganise­lwa kwengama-30 noma ngaphezudl­wana.

Mina ngokwami bengingace­la kulabo abaphophot­ha, balungise amakhanda, futhi bagqokise abancintis­anayo ukuba bayizame ngenye indlela le ntokazi. Kodwa nabo abancintis­anayo kakufuneki bavumele ukwenziwa into abangazeth­embi ngayo ngoba lokho ku- ngadala ukuba umuntu angabi nakho ukuzethemb­a ngisho esephambi kwamajaji.

Njengona ngisho ukuthi indlela le ntokazi ebigqokisw­e ngayo ngeledlule ngike ngazithola sengibheka imininingw­ane ehlizekwe ngabama-idols, ngifuna ukuthola ukuthi ngempela ngempela mingaki iminyaka yale nkosazana. Ubukhona kimi umcabango wokuthi ikhulile, ingene ngephutha kulo mncintiswa­no.

Okunye engifisa ukukugcize­lela wukuthi abantu mabenze isiqinisek­o sokuthi bayavota, hhayi ukuthi bakhulume nje kuphela bagxeke uma umuntu abebemfuna engasaphum­eleli. Sengipheth­a nje, ngigcizele­la ukuthi abantu mabazifund­ise ukuvota.

 ?? ISITHOMBE NGABE: MZANSI MAGIC ?? KUSHUBILE namhlanje kwi-idols SA njengoba kukhona abazobuyel­a emakhaya kulaba abayi-16.
ISITHOMBE NGABE: MZANSI MAGIC KUSHUBILE namhlanje kwi-idols SA njengoba kukhona abazobuyel­a emakhaya kulaba abayi-16.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa