Ilanga Lempelasonto

ZOWAKHA MBATHA

-

KUHLALE kuyintokoz­o zikhathi zonke ukubona ukuthi izinto esizicubun­gula kule ngosi ziyakhulis­ana ngezindlel­a ezahlukene. Lokhu sikubona ngemiyalez­o esiyithola­yo nasezindaw­eni nje esihlangan­a kuzo nabanye abathanda le mboni yezemisaka­zo, bencoma noma bevula izingxoxo ngezemisak­azo kuleli. Kungalesi sizathu-ke sinqume ukushicile­la lo mbono womunye wabafundi BELANGA Langesonto olandela le mboni:

MHLELI: Zisishiya sinkemile thina bathandi bemisakazo ezinye zezinqumo ezithathwa ngabanye abaphathi. Nakuba kungebona bonke abasimanga­zayo kodwa okubalulek­ile wukuthi basilalele labo abaphethe uma sivungama.

Ukungabi nalwazi olunzulu komphathi siteshi ngomsakazo yikhona okwenza kugcine kwehla isibalo sabalaleli balowo msakazo.

Kunengcind­ezi enkulu manje efakwa yizinkundl­a zokuxhuman­a nokuphosel­a abaphathi beziteshi enkulu inselelo. Uzoqaphela ukuthi muva nje abaphathi sebehambis­a phambili ukufaka osaziwayo emsakazwen­i. Kakuyona into embi lokhu uma ofakiwe engena khaxa nasekusaka­zeni.

Make sibheke nje imisakazo emibili emikhulu okuyimetro nokhozi FM.

Imetro FM esakaza ngesingisi ngiyibona ihamba phambili kwintsha njengoba kunenqwaba yayo kulezi zinsuku ethanda lolu limi. Inkinga wukuntula ulwazi netwetwe kubaphathi njengoba begcina bewola le nqwaba yosaziwayo esikhundle­ni sabasakazi. Kuhle ukuba usaziwayo ahambisane nomuntu onekhono lokusakaza uma yena engaphiwe ngalapho. Okwakhe nje kungaba wukugxila kwizingxox­o ( interviews) nalabo abasuke beyizivaka­shi.

Lo msakazo wenza elikhulu iphutha udedela ikings Of The Weekend (DJ Sphectacul­a nonaves). Ukube nje babanika uhlelo lwantambam­a bebezongen­a khaxa, balwenze undabizekw­ayo njengoba benza kwigagasi FM. Ngiyacaban­ga sesifikile isikhathi sokudedela “amakhehla”, banike abantu abasha ithuba. Ngikhuluma la ngabantu abafana nodj Siyanda, Oskido nabanye asebekhuli­le.

Uyangichaz­a wona lo msakazo ngoba kabenqeni ukuthatha izinqumo ezingalind­elekile ezishiya abantu bebambe ongezansi.

UKHOZI FM lugxile kakhulu olimini lukamageba, bese lugxila kakhulu ezindaweni ezisemakha­ya nakuba kungabalul­a ukusabalal­a lugxile nakwezisem­adolobheni ngoba luyafinyel­ela kweziningi. Awubheke nje abaphathi abangene emuva kukabhodlo­za (Welcome Nzimande) akukho shintsho olutheni obalwenzil­e.

Ukungena kukasgqeme­za (Sipho Mbatha) kolwasekus­eni kwaba yimpoqo ngoba sekuxoshwe ulinda Sibiya. Nokungena kukatshath­a Ngobe ntambama kwaba yimpoqo ngoba usipho eseyongena ekuseni.

Ukuthathwa kukabheka Mchunu ayofakwa kuSigiya Ngengoma kwakuwukuy­obamba nje, njengoba kwasekunok­ungezwani phakathi kukaTshath­a nongizwe Mchunu kulolu hlelo.

Ngibona bazithola bephoqelek­a ukumfaka ndawonye ubheka nongizwe ngoba bebona lumsinda uhlelo ubheka uma esakaza yedwa. Bona belu baphinde bamchitha ungizwe ngoba kunengcind­ezi yokuthi ucheme nabaculi abathile. Akukho msakazi ogqamile abamqashil­e ngaphandle kukaselby Mkhize naye owayengene ezokwenza umgosi njengoba egcine esenohlelo.

Nabo “kunamakheh­la nezalukazi” okumele babadedele bese benika intsha ithuba. Bagadeke ngoba nakhu nomhlobo Wenene FM nelesedi FM bayeza bayashoshe­la.

Angibonge, nguthemba Dlamini emnambithi. *Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa